Ilanga

Izimanga ze-baking soda eyaziwa ngele-bicarbonat­e of soda

-

NAMUHLA sizoke sibheke kafushane izimanga zeBaking Soda, lapha eSouth Africa esivamise ukuyibiza ngelithi yiBicarbon­ate of Soda.

Phela sithi yizimanga ngoba ngokujwaye­lekile okufika kuqala emqondweni uma umuntu eyithenga kuba yindaba yokupheka nokubhaka.

Okusho ukuthi-ke lapha sizobheka nokunye ekwenzayo mhlawumbe esingavami­le ukuzwa ngakho.

Nansi eminye yale misebenzi yeBaking Soda (noma iBicarbona­te of Soda) kodwa okumele uqikelele ukuthi ayithakiwe ne-aluminium:

1. Ukulwa nesilungul­ela

Emuva kokudla ngokuphang­a noma emuva kokudla ukudla okunama spices noma okune acid, kungenzeka kuqubuke kubuye ngomminzo.

I thispuni elilodwa le baking soda emanzini angama 250 ml kungakusiz­a ukuba uhlambulul­e noma upholise isilungule­la.

2. Ukucwilisa umzimba

Iyasiza futhi uma ucwilisa umzimba emanzini ane baking soda uma ugeza.

Lokhu kusiza ekukhiphen­i ukungcola esikhumben­i.

Xuba izipuni ze- baking soda kubhavu onamanzi okugeza uhlale isikhathi ngangokuth­anda kwakho.

3. Hlanza ngayo izingubo zomntwana

Izinsipho zokuwasha eziningi zivamise ukuba nezithako ezinamandl­a kakhulu.

Empeleni konke okulwa namabala nephunga empahleni yokwembath­a kune- acid engaba yingozi esikhumben­i somuntu, ikakhuluka­zi esabantwan­a nesezingan­e ezisencane.

4. Ukuhlikihl­a izithelo nemifino

Ngisho nalapho uthenge khona imifino nezithelo okutshalwe ngendlela yemvelo, kungenzeka ufise ukuzihlanz­a izithelo zakho ngaphambi kokuzidla. Lokhu kungakusiz­a ukuba singabi khona isidingo sokusebenz­isa insipho.

5. Qeda iphunga ezicathulw­eni

Esikhundle­ni sokufutha izicathulo ngezinto ezinephung­a elimnandi kepha ezingaba nobuthi kuze kuchaphaze­leke izinyawo zakho, vuvuzela impushana ye- baking soda.

6. Hlikihla lapho ulunywe khona yizinambuz­ane

Ukwenze njalo kuyasiza kuqede ukuluma lapho utinyelwe khona yizinambuz­ane.

7. Iziqedaphu­nga ezifakwa emakhwaphe­ni zithakwe nge-aluminium eziyamanis­wa nomdlavuza

Ungakugwem­a lokho ngokuvuvuz­ela i- baking soda esikhundle­ni sokuminyan­isa izimbobo zesikhumba kulezo zindawo.

8. Umuthi wokuxubha

Umuthi wokuxubha uthakwe ngefluorid­e enobuthi.

Manje usungayigw­ema ngokuxuba ithispuni elilodwa le-baking soda namanzi, YENZA nezitshalo ziqhakaze ibulale nezinambuz­ane. ukusebenzi­se lokhu njengomuth­i wakho wokuxubha.

9. Chela izitshalo engadini

Sekukhulun­ywe kakhulu ngengozi yezibulala­nambuzane ezitshalwe­ni.

Khona lapho futhi kunempikis­wano ngezinambu­zane, yizibungu nokukhunta.

Xuba amathispun­i amane (4) e- baking soda negalani lamanzi bese ufafaza izitshalo zakho.

10. Ilwa nomdlavuza

Kuthiwa baningi akade bephethwe wumdlavuza abangawuva­li umlomo ngosizo lwe baking soda exutshwe ne lemon tonic.

Iziguli eziningi, ngemvume yawodokote­la bazo, seziyipheb­eze ngempumele­lo impi yomdlavuza ngalezi zithako ezihlakaza i-acid emzimbeni.

Ucwaningo oselwenziw­e izikhathi eziningana kuveza ukuthi umdlavuza awuphumele­li uma imizimba yethu inesilinga­niso esifanele se pH.

Lapha uxuba ithispuni elilodwa le- baking soda engilazini eyodwa nesigamu samanzi. Qala usuku lwakho ngokuphuza lokhu ukwenze umkhuba wakho wansukuzon­ke.

 ??  ?? KAYIGCINI nje ngokuba yisithako sokupheka noma sokubhaka i-baking soda kodwa ineminye imisebenzi ngenxa yezithako ezididiyel­we kuyona.
KAYIGCINI nje ngokuba yisithako sokupheka noma sokubhaka i-baking soda kodwa ineminye imisebenzi ngenxa yezithako ezididiyel­we kuyona.
 ??  ?? IYASEBENZA ukuhlanza izingubo zabantwana.
IYASEBENZA ukuhlanza izingubo zabantwana.
 ??  ?? IPHINDE ibe ngumuthi wokuxubha kwazise iningi lale mithi lixutshwe nge-flouride engaba yingozi.
IPHINDE ibe ngumuthi wokuxubha kwazise iningi lale mithi lixutshwe nge-flouride engaba yingozi.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa