Uyayixebula inkostini nesigingci
KUNABACULI ababukeleka phansi uma ubabuka kude kodwa uma usubabuka bukhoma kuvele kuphele nasozwaneni ngenxa yekhono labo kodwa elingaqhakanjiswa.
Namanje kangiwuvali umlomo ngekhono likaMxolisi “Nyonemhlophe” Jali (35) ekushayeni ingoma nokudlala isigingci esikuthinta enhliziyweni indlela esincinzwa ngayo.
Le nsizwa yaseHighflats, KwaGqwathaza entshonalanga neKwaZulu-Natal isanda kushiya abantu bekhexile emcimbini waMa-ntshontsho kaMasikandi Awards obuseThekwini ngesigingci sayo okuyilapho nami ngikholwe ngeyokosa kuwona lo mcimbi yenza ezibukwayo.
Yinsizwa eyaziwayo kwezomculo nakuba ingakalitholi ithuba lokuvezwa ngendlela efanele kubalandeli bakamasikandi uma kunemicimbi edidiyele amaciko esintu. ILANGA likhulume nayo iNyonemhlophe ngenhloso yokuzwa kabanzi ngayo nangezihasho zayo ezimnandi ngendlela emangalisayo. Le nsizwa izisho kanje:
“Zasho phela kwiSlomo samatshitshi namajongosi,
Nyonemhlophe endizela phezulu njengevimbela,
uma ingandizela phansi kuyophephuka imizi yamadoda.
Ugedegede ukukhuluma kwendoda endala kuyangicasula,
Unontandoluka uyazithanda izindaba engabe sewutheni
ngegama lami usuhambela kude nje xoki ndini,
Iso lomkhwe wami liyangisolisa ikhona lempi ayilwayo.
Is’lima sembazo ayigenci iyadidiza,”
Uthi lezi zihasho zesilomo samatshitshi namajongosi waziphiwa nguyise ngoba ebona ukuthi uzokhula athandwe ezweni. Uthi yena uyinyoni emhlophe endizela phezulu le kude ngoba akakanikezwa ithuba emicimbini yomasikandi kanti uma eselitholile kuyocaca kuvele ubuthakathaka kwabanye abaculi.
Utshele ILANGA ukuthi ngesikhathi ephuma kwenye yezinkampani abesebenza ngaphansi kwayo kube khona abakhuluma kakhulu bemxokizela bezama ukunyunda kwezinye izindawo ukuze zingeke zimthathe. “Bengiqonyiwe futhi nomukhwe wami engangithandi ngaze ngasola ukuthi kunempi ayilwayo ngalo mculo wami kanti ngizabalaze kakhulu kwezomculo kungaphumeleleki yingakho ngithi is’lima sembazo ayigenci iyadididiza, okusho ukuthi ngizame konke ngaleso sikhathi kodwa impumelelo lutho ukubonakala, le mbazo yami ebengizam a ngayo ibihluleka ukugenca,” kusho yena. Le nsizwa iqale umculo eminyakeni edlule isebenza neqembu ebelibizwa nge- Sisu sezwe nakuba lingaphumelelanga kwathi ngolunye usuku berekhoda esitudiyo kwaRay Mavundla, eGoli, kwafika uPhuzekhemisi Mnyandu wabe esezwa inkostina kwi-albhamu yaleli qembu wabuza ukuthi idlalwa ngubani nebala kwavela igama likaNyonemhlophe. UNyonemhlophe uthi uPhuzekhemisi wamthatha wamfaka ngaphansi kwakhe kusukela ngonyaka wezi-1999 basebenzisana.
Utshele ILANGA ukuthi kwenzeka lokhu nje, bebevele sebebonene noPhuzekhemisi emncintiswaneni obusePlayhouse eThekwini obubizwa ngeSenzenje Masikandi Competition obuhlelwe uMnyango wezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal kuhloswe ngawo ukuveza amakhono kubaculi abasebancane.
“Kulo mqhudelwano ngiphume phambili nakuba bengingenayo i-albhamu. UPhuzekhemisi ungithathe wangifaka eqenjini lakhe kangangokuba benginengxenye yephesenti emsebenzini wakhe kwazise bengiqopha nezingoma kuwona. "Ikhono lami ubengalingabazi neze. Sisebenze iminyaka engaphezulu kweyishumi kwasho ukuthi enkampanini abeqopha ngaphansi kwayo, okuyiGallo Records ibingayikhiphi imali kodwa siwubona umsebenzi othengisa kahle ngabe sengikhetha ukuba nami ngiziphumele inxiwa lami. "Ngonyaka wezi-2004 uPhuzekhemisi ungikhulumele neGallo yangiqopha ngayenza i-albhamu ethi “Wavotaphi” eyathandwa kakhulu kanti akagcinanga ngalokho njengoba naseqenjini Isixaxa Mbiji no-4 wangifaka kusona ngashaya inkostina ngoba bebekholelwa kimina bonke,” kusho uNyonemhlophe.
Uthi ngonyaka wezi-2006 ubuye ngenye ethi “Bayasixabanisa” wase eshenxa eGallo Records kwaze kwaba utholana noMnu Tshepo Nzimande weZuz’ Muzi Music Production waqopha i-albhamu ethi “50/50” ngaphansi kwakhe.
Utshele ILANGA ukuthi okwahlaba kakhulu umxhwele uMnu Nzimande wukuthi ubengomunye wamajaji emncintiswaneni obusePlayhouse eThekwini wazibonela ikhono lakhe yingakho engazange angabaze uma efuna usizo kuyena. UNyonemhlophe uqale ukuba bukhali kwinkostina ayifundiswe nguyise kanti okwesigingci kube yinto ayifunda
kamuva nakuba sekuyisona asizwa ngaphakathi.
Uthi sona uzifundele ubethatha esikaninalume achithe ngaso isizungu.
“Bengisisongela isigingci ngisho ngithi ngelinye ilanga kuyogcina mina. Ngithwale kanzima kakhulu emculweni ngoba kunesikhathi eside ngiswele inkampani kwaze kwaba ngithathwa eyeZingane Zoma Music Production njengoba ngikhiphe i-albhamu entsha ethi “iNcwadi engafundeki”,” kusho yena. Ukhale kakhulu ngokuncishwa kwabo ithuba emicimbini kamasikandi wathi kubalulekile ukuba zidedelwe ngo-Live ukuze kubonakale amandla omculi ngamunye nokuvuthwa kwakhe.
Uthi kunabaculi abadumile abanikezwa isithunzi kodwa uma sekuthiwa mazikhale izigingci kuculwe bukhoma bese kuhlala obala ukuthi kusamele kusetshenzwe. Le nsizwa ibiqokiwe kuMantshontsho kaMasikandi Awards emkhakheni weBest Composer.