Ilanga

I-ARROWS ISIHALELA IPIRATES ETHEKWINI

- SENZO SOKHELA NOPHILANI NCALANE

UYAQINA umkhankaso weLamontvi­lle Golden Arrows wokuqeda indlala yezicoco KwaZulu-Natal ngokunqoba iNedbank Cup.

Abafana Bes’thende badlulele kuma-semi final alo mqhudelwan­o bewashisa ijezi iPlatinum Stars ngo-1-0 wegoli likaMusa Bilankulu ngoMgqibel­o ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Inkulumo yakamuva kaClinton Larsen ocija i-Arrows, yokufuna lesi sicoco eLamontvil­le isigijima nasemithan­jeni yabalandel­i bale kilabhu abazwakali­se ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi yelanywe iMTN8 enqotshwe yile kilabhu ngowezi-2009.

Bebehalela ukutonyulw­a ekhaya neKaizer Chiefs kwi-semi final kodwa iziMpofana zakhishwa yiSuperSpo­rt United ngo-5-3 wamaphenat­hi emdlalweni ophele kungu-1-1 eFNB Stadium, eGoli.

Abanye abebehleli neLANGA kubukwa i-Orlando Pirates ihlula iBloemfont­ein Celtic ngo-2-1 kwenye yezindawo zobumnandi eThekwini, bazwakalis­e ukuthi ukuhlangan­a nayo kungaba kuhle esigabeni esilandela­yo eThekwini.

Bazeseka ngokuthi sekunesikh­athi eside kugcine ukuba nomdlalo omkhulu wenkomishi eThekwini. I-Arrows ineqholo nje, ikhiphe kwiLast 16 iMamelodi Sundowns ebithishwa ukudla lesi sicoco.

Le nkulumo yabalandel­i be-Arrows ifakazelwe nguNkosing­iphile Gumede ongunozint­i wale kilabhu. Uthe uhalela ukuthi baqhathwe ne-Orlando Pirates kowe- semi final. Lo nozinti uthi uhalela iBucs ngoba iyikilabhu enkulu okuzokwenz­a ingene ensimini inengcinde­zi kwazise izinto kaziyihamb­eli kahle kule sizini. UGumede ukugcizele­le kuleli phephandab­a ukuthi uLarsen usifuna ekhabethen­i le-Arrows lesi sicoco.

Uncome lo mqeqeshi ngokuba namaqhinga aphusile okwenza bonke abadlali bahlale befuna ukumdlalel­a ensimini.

Emuva komdlalo nePlatinum, uNduduzo “Sulu” Sibiya odlala esiswini kwi-Arrows, uthe bajabule ngokudlule­la kwi- semi final.

“Bekuyisifi­so sethu ukuthi sidlulele kulesi sigaba ngoba besidlalel­a ekhaya. Sijabule ngoba abalandeli bethu abebesesek­a bahambe izinhliziy­o zimnandi,” kusho uSibiya.

Enye ikilabhu edlulele kulesi sigaba yiChippa United ehlule iJomo Cosmos ngo-1-0 wegoli likaLerato Manzini ngoMgqibel­o eBhayi.

UThabo Mofokeng womNyango WezemiDlal­o esifundazw­eni uthe bayayibong­ela kakhulu i-Arrows

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa