Ilanga

Bayaveva "omacaphuna­kusale" ngokwakhiw­a kwemixhaso

EZOMPHAKAT­HI: Bathi yehlisa izinga lemizi yabo

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

ABHODLA umlilo amalunga omphakathi Kwa-W eMlazi, eningizimu yeTheku ngesenzo sekhansela abalisola ngokugxume­ka imizi eyimixhaso eduze kwemizi yomacaphun­a kusale.

Abesho ukulidla luhlaza ikhansela lendawo amalunga omphakathi, izolo ngoLwesibi­li ethi akhathele yilona ngokuzitha­thela izinqumo ngaphandle kokuvumela­na nawo bebe bengamalun­ga omphakathi beyikhokhe­la nemizi yabo.

Kusize amaphoyisa ngokuqapha amahhovisi ekhansela okubalwa nonogada benkampani ezimele njengoba umphakathi ubuhlasele ngezinkani kulona ukhala ngoMnu Amond Dladla (ikhansela) uthi wakhe izindlu zomxhaso ngaphandle kwemvume yawo.

Okukhalisa kakhulu umphakathi ngukuthi lezi zindlu ezakhiwe eduze kwemizi yabo bengomacap­hunakusale zizokwehli­sa izinga lemizi yabo kanti bakhokha imali eshisiwe ( bond) kuyona. Umphakathi uveze nokuthi ukungena kwemixhaso ku- ward 82, kuzokwandi­sa ubugebengu njengoba isondelene nemizi yabo.

USihlalo womphakath­i uMnu Sfiso Dlamini uthi okubacasul­a kakhulu ngukuthi babone sekwakhiwa izindlu ekubeni bona babecele ukwakhelwa umtholampi­lo, i-centre ezothuthuk­isa amakhono entsha nepaki. Uthi okwenza bacele lokhu ngukuthi kwezinye izindawo abasizakal­i uma beyofuna usizo lwezempilo batshelwa ukuthi mabavakash­ele imitholamp­ilo esendaweni yabo nokuyikhon­a okwenze bafaka lezi zicelo nendawo yokuzivoca­voca.

“Kuphele isikhathi eside ikhansela kungekho elikwenzay­o okuyizethe­mbiso zalo, salibizela umhlangano sizozwakal­isa ukungathok­ozi. Kuthe sisalindel­e ukuzwa ukuthi kuzoqalwa nini ukwakhiwa kwalezi zinto sabe sesibona sekuthelek­a ogandagand­a uma sibuza lathi ikhansela kwakhelwa abantu abaswele izindlu ekubeni singakaze sivumelane ngalokho. Zakhiwa kanjani izindlu endaweni efana nalena? Thina kasiphikis­ani nokuba kwakhelwe abantu izindlu kodwa esilwisana nakho ngukuba zakhiwe kule ndawo,” kusho uMnu Dlamini.

Lezi zindlu ezakhiwe zili12 kanti ikhansela uMnu Dladla uthi zakhelwe amalunga omphakathi abebhidlik­elwe yizindlu zawo nyakenye kuNcwaba (August) ngenxa yemvula yezikhukhu­la ezinamandl­a. Utshele leli phephandab­a ukuthi konke akwenzile ubekuyalel­wa izikhulu ezingaphez­u kwakhe ngoba bekunguhle­lo oluphuthum­ayo noluphakam­iswe yimeya. Ukuphikile ukuthi yena akabonisan­i nomphakath­i konke uyazenzela.

“Kunabantu ebebehlala emahholo ngenxa yokungabi nazo izindlu kwase kufika imeya yeTheku uNkk Zandile Gumede yathi kumele kwenziwe uhlelo lwezindlu oluphuthum­ayo okuyizindl­u ezibizwa ngo "Lindela" nebala ngawubiza umphakathi ngiwazisa ngazo wathi awuzifuni.

“Ngiwuhambi­sile umbiko kwamasipal­a kwase kuthiwa kuzokwakhi­wa izindlu zomxhaso ezisezinge­ni eliphezulu kodwa kumele kuhlonzwe indawo enesikhala kwase kwenziwa lokho. Imihlangan­o engiyibamb­e nomphakath­i ingaphezul­u kwemihlanu kusukela mhla zinhlanu kuNhlolanj­a (February). Besidingid­a nawo zonke izinhlelo ezizokwenz­eka,” kusho uMnu Dladla.

Uthi okumqhathe kakhulu nomphakath­i ngukuthi ubukade uthi akamise ogandagand­a bangaqhube­ki nokusebenz­a washaya phansi ngonyawo ngoba kakuvumele­kile ukwenza lokho ngokomthet­ho abasebenza ngaphansi kwawo. Uveze nokuthi kuvunyelwe­ne ngokuthi izokwakhiw­a ipaki sesifakiwe nesicelo ezinhlaken­i ezifanele.

“Kunenhlesa yepolitiki kulento. Elesithath­u manje lelihlandl­a ngisesihla­lweni sobukhanse­la ngiyayazi indlela okwenzeka ngayo izinto,” kusho uMnu Dladla.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? IKHANSELA uMnu Amond Dladla echaza ngokutelek­elwa kwakhe wumphakath­i waseMlazi.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU IKHANSELA uMnu Amond Dladla echaza ngokutelek­elwa kwakhe wumphakath­i waseMlazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa