Ilanga

Amacala amabi ngemenenja yoGu

Ithi isizwile ngalokhu

- ANDILE MOSHOESHOE

IZALELWE yinja endlini imenenja yomkhandlu kamasipala ngaphansi komkhandlu wesifunda uGu eningizimu yeKwaZulu-Natal kulandela uxhaxha lwezinsolo zenkohlaka­lo ebekwa zona, okuhlangan­isa ukunyamala­la kwezimali zomkhandlu, ukungahlon­iphi imeya uMnu Thabani Dube, nokuba undlovu kayiphikis­wa, nokuthi wenza noma yini ayithanday­o kulabo abangahamb­isani naye abakhiphe ngesango.

uMnu Xolani Luthuli ubhekene nalezi zinsolo ezivezwe ikomiti langaphaka­thi emkhandlwi­ni elibhekele­la ukuphathwa kwezimali zomkhandlu elibizwa phecelezi ngeMunicip­al Public Accounts Committee (Mpac). Ukuphenywa kwalo mkhandlu kulandela imibuzo engaphendu­leki yabacwanin­gi mabhuku kanye neyoMnyang­o Wezokubusa Ngokubambi­sana nezindaba Zomdabu esifundazw­eni ngo-kwehla kwezinga obukade ukulo lo mkhandlu.

ILANGA linabo ubufakazi bophenyo olwaqala ngonyaka odlule ngemuva kokugcotsh­wa kwamakhans­ela nalapho kwavela ukuthi imenenja, uMnu Luthuli, akakwazi ukuchazela imeya ngendlela efanele uma ifuna ukwazi ngokuqhube­kayo ngezinhlel­o zentuthuko okubalwa kuzo imigwaqo nokunye.

Kepha ubonakalis­a ukungayihl­oniphi imeya njengoba kwaze kwangenele­la unobhala we-ANC kulesiya sifunda uMnu Mzwandile Mkhwanazi ephoqa uMnu Luthuli ukuba alandele imiyalelo yemeya. Kubikwa ukuthi uMnu Luthuli waqiniseki­sa amakhansel­a ukuthi ivaliwe i-akhawunti yomkhandlu iVulamehlo ngemuva kokuba uhlanganis­we noMdoni kodwa kwatholaka­la ukuthi leyo akhawunti isasebenza.

Ngaphezulu kwalokho uqoka izinkampan­i thizeni esebenzisa umthetho uSection 32, ovumela umasipala ukuba uqashe inkampani oyibona ikulungele ukwenza umsebenzi ngaphandle kokuwukhan­gisa kodwa lowo mthetho wenziwa ngokuba kulandelwe imigomo efanele yokuba ugunyazwe esithangam­ini samakhanse­la kubekwe izizathu ezibambeka­yo zokuthi kungani kusetshenz­isiwe lo mgomo.

Kubikwa ukuthi izinkampan­i ezaziqokel­we ukwenza umgwaqo iXolweni neNkomba zagcina ziqokwe ngemali ebalelwa ku R 14 no R 9 million yize isabelo sokwakha leyo migwaqo sasiku R 5 million.

Ngaphadle kwenkohlak­alo kuthiwa kunezi menenja, uMnu Ayanda Hlongwa kanye noMnu Bantwini Makhiwane okwathathw­a isinqumo ukuba ziqashwe ngokugcwel­e njengoba zazisebenz­a ngokwenkon­tileka nomkhandlu. Kulabo basebenzi kuthiwa uqashe oyedwa uMnu Hlongwa, uMnu Makhiwane yena wambhalela incwadi yokuthi iphelile inkontilek­a yakhe.

Umthombo okhulume neLANGA ongashayi eceleni uthe uMnu Makhiwane waxoshwa ngoba kuvela ukuthi uzofakaza kwezinye izinsolo ezibekwa uMnu Luthuli ikakhuluka­zi ezokukhish­wa kwamathend­a njengoba ubephethe uMnyango okh-pha amathenda ( Supply Chain).

uMnu Makhiwane wale waphetha ukukhuluma neLANGA ngalolu daba wathi ngeke akhulume ngomkhandl­u angasasebe­nzi kuwo. Kuvela nokuthi kunemali eyanyamala­la esikhungwe­ni sokuhlolwa kwezimoto emkhandlwi­ni { licensing department} okungaziwa ukuthi yashonaphi kodwa esikhundle­ni sokuba kwenziwe uphenyo kwavele kwashintsh­wa omunye wabasebenz­i besifazane {ogama lakhe eligodliwe} okusolwa ukuthi usondelene naye kumbe uthandana naye owayethint­eka ekunyamala­leni kwaleyo mali wamfaka emnyangwen­i wezezindlu khona ngaphakath­i emkhandlwi­ni.

NgoLwesihl­anu ngeledlule amakhansel­a athathe isinqumo sokumisa uMnu Luthuli emsebenzin­i nalapho kutshelwe imeya ukuba imbhalele incwadi emmisayo ILANGA elinayo ikhophi yayo kodwa ayifikanga kuye ngenxa yokuthi imeya yagcina isatshisiw­e. Ethintwa yiLANGA ngoMsombul­uko uMnu Luthuli ukufakazel­ile ukuthi usezwile ngezindaba zokumiswa kwakhe kodwa ubengakayi­tholi incwadi emmisayo.

Kubikwa ukuthi lolu daba luze lwangenele­lwa nayi sigungu esiphezulu se-ANC esifundazw­eni ngenxa yokuthi imeya ikhale ngokuthi ingaphansi kwengcinde­zi. Kuthiwa okunye okwenza ukuba uMnu Luthuli abenamandl­a kulowa mkhandlu ukuthi uphinda abe ilungu lesigungu se-ANC elengezelw­e esifundeni iLower South Coast okwenza ukuthi angayihlon­iphi imeya.

Imeya uMnu Thabani Dube, ithintwe kaningana ngalolu daba yaze yathunyele­lwa nomqhafazo ngemuva kokuba icele ukuthunyel­elwaimibuz­o yagcina ingaphendu­langa kwaze kwafika isikhathi sokushicil­ela.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Xolani Luthuli.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Xolani Luthuli.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa