Amacala amabi ngemenenja yoGu
Ithi isizwile ngalokhu
IZALELWE yinja endlini imenenja yomkhandlu kamasipala ngaphansi komkhandlu wesifunda uGu eningizimu yeKwaZulu-Natal kulandela uxhaxha lwezinsolo zenkohlakalo ebekwa zona, okuhlanganisa ukunyamalala kwezimali zomkhandlu, ukungahloniphi imeya uMnu Thabani Dube, nokuba undlovu kayiphikiswa, nokuthi wenza noma yini ayithandayo kulabo abangahambisani naye abakhiphe ngesango.
uMnu Xolani Luthuli ubhekene nalezi zinsolo ezivezwe ikomiti langaphakathi emkhandlwini elibhekelela ukuphathwa kwezimali zomkhandlu elibizwa phecelezi ngeMunicipal Public Accounts Committee (Mpac). Ukuphenywa kwalo mkhandlu kulandela imibuzo engaphenduleki yabacwaningi mabhuku kanye neyoMnyango Wezokubusa Ngokubambisana nezindaba Zomdabu esifundazweni ngo-kwehla kwezinga obukade ukulo lo mkhandlu.
ILANGA linabo ubufakazi bophenyo olwaqala ngonyaka odlule ngemuva kokugcotshwa kwamakhansela nalapho kwavela ukuthi imenenja, uMnu Luthuli, akakwazi ukuchazela imeya ngendlela efanele uma ifuna ukwazi ngokuqhubekayo ngezinhlelo zentuthuko okubalwa kuzo imigwaqo nokunye.
Kepha ubonakalisa ukungayihloniphi imeya njengoba kwaze kwangenelela unobhala we-ANC kulesiya sifunda uMnu Mzwandile Mkhwanazi ephoqa uMnu Luthuli ukuba alandele imiyalelo yemeya. Kubikwa ukuthi uMnu Luthuli waqinisekisa amakhansela ukuthi ivaliwe i-akhawunti yomkhandlu iVulamehlo ngemuva kokuba uhlanganiswe noMdoni kodwa kwatholakala ukuthi leyo akhawunti isasebenza.
Ngaphezulu kwalokho uqoka izinkampani thizeni esebenzisa umthetho uSection 32, ovumela umasipala ukuba uqashe inkampani oyibona ikulungele ukwenza umsebenzi ngaphandle kokuwukhangisa kodwa lowo mthetho wenziwa ngokuba kulandelwe imigomo efanele yokuba ugunyazwe esithangamini samakhansela kubekwe izizathu ezibambekayo zokuthi kungani kusetshenzisiwe lo mgomo.
Kubikwa ukuthi izinkampani ezaziqokelwe ukwenza umgwaqo iXolweni neNkomba zagcina ziqokwe ngemali ebalelwa ku R 14 no R 9 million yize isabelo sokwakha leyo migwaqo sasiku R 5 million.
Ngaphadle kwenkohlakalo kuthiwa kunezi menenja, uMnu Ayanda Hlongwa kanye noMnu Bantwini Makhiwane okwathathwa isinqumo ukuba ziqashwe ngokugcwele njengoba zazisebenza ngokwenkontileka nomkhandlu. Kulabo basebenzi kuthiwa uqashe oyedwa uMnu Hlongwa, uMnu Makhiwane yena wambhalela incwadi yokuthi iphelile inkontileka yakhe.
Umthombo okhulume neLANGA ongashayi eceleni uthe uMnu Makhiwane waxoshwa ngoba kuvela ukuthi uzofakaza kwezinye izinsolo ezibekwa uMnu Luthuli ikakhulukazi ezokukhishwa kwamathenda njengoba ubephethe uMnyango okh-pha amathenda ( Supply Chain).
uMnu Makhiwane wale waphetha ukukhuluma neLANGA ngalolu daba wathi ngeke akhulume ngomkhandlu angasasebenzi kuwo. Kuvela nokuthi kunemali eyanyamalala esikhungweni sokuhlolwa kwezimoto emkhandlwini { licensing department} okungaziwa ukuthi yashonaphi kodwa esikhundleni sokuba kwenziwe uphenyo kwavele kwashintshwa omunye wabasebenzi besifazane {ogama lakhe eligodliwe} okusolwa ukuthi usondelene naye kumbe uthandana naye owayethinteka ekunyamalaleni kwaleyo mali wamfaka emnyangweni wezezindlu khona ngaphakathi emkhandlwini.
NgoLwesihlanu ngeledlule amakhansela athathe isinqumo sokumisa uMnu Luthuli emsebenzini nalapho kutshelwe imeya ukuba imbhalele incwadi emmisayo ILANGA elinayo ikhophi yayo kodwa ayifikanga kuye ngenxa yokuthi imeya yagcina isatshisiwe. Ethintwa yiLANGA ngoMsombuluko uMnu Luthuli ukufakazelile ukuthi usezwile ngezindaba zokumiswa kwakhe kodwa ubengakayitholi incwadi emmisayo.
Kubikwa ukuthi lolu daba luze lwangenelelwa nayi sigungu esiphezulu se-ANC esifundazweni ngenxa yokuthi imeya ikhale ngokuthi ingaphansi kwengcindezi. Kuthiwa okunye okwenza ukuba uMnu Luthuli abenamandla kulowa mkhandlu ukuthi uphinda abe ilungu lesigungu se-ANC elengezelwe esifundeni iLower South Coast okwenza ukuthi angayihloniphi imeya.
Imeya uMnu Thabani Dube, ithintwe kaningana ngalolu daba yaze yathunyelelwa nomqhafazo ngemuva kokuba icele ukuthunyelelwaimibuzo yagcina ingaphendulanga kwaze kwafika isikhathi sokushicilela.