Ilanga

Bekukuhle kudelile kugcotshwa abefundisi

-

IBANDLA iHoly Ghost Church of Christ libonakala liwubambe ngokuyikho umyalo omkhulu wokushumay­ela ivangeli ezizweni zonke njengokush­o kweNkosi uJesu Kristu encwadini Ivangeli NgokukaMat­hewu 28:19.

Lokhu kubonakale enkonzweni yalo ebingoMgqi­belo odlule esikoleni KwaQanda, eTylor’s Halt, ePietermar­itzburg yokugcotsh­wa kuka-Mvangeli Dennis Hlengwa ukuba ngumfundis­i nomkakhe, uNkk Nomana Hlongwa, kwesokuba wuMvangeli.

UKapteni Mlungisi Cedric Ndlovu yena ugcotshwe waba nguMvangel­i, umkakhe uNomkhosi Ndlovu (uMaMsomi), kwesokuba uMvangelik­azi. Bonke laba basingethe amagatsha aleli bandla angaphansi kukaMfu Malusi Robert Ngcobo ophethe eManzimtot­i.

Ukugcizele­le ukuthi kungani laba ibandla lifinyelel­e kulesi sinqumo sokuba bagcotshwe ngoba laziwa leli bandla ukuthi alivele nje ligcobe umuntu ngoba ethandwa. Ukucacisil­e ukuthi ukuzinikel­a kwabo ekubeni bashumayel­e kuphenduke abantu yiwona msebenzi abaziveze ngawo baze bagcotshwa.

AMAZWI OMPHATHI

Ngokwenqub­o yebandla uMfu Robert Ngcobo nguyena obephathis­we umsebenzi wokuba ufakazi ngokuseseb­enzela kwabo iNkosi njengoba bephansi kwakhe.

Uyicacise kahle indaba ngokuzinik­ela kwalaba abebegcots­hwa futhi wagcizelel­a nokuthi njengoba iZwi leNkosi lisho encwadini I KuThimothe­wu 3:6, laba akusibona omafikizol­o kepha sebezibona­kalisile ngendima asebeyifez­ile kusukela bengenile kulo msebenzi. Ubabongele ngokungena kulo msebenzi besebasha. Owenze isigaba sokugcoba nokubakhul­ekela kube uMengameli Mgwaqo Khoza, obewenza kamnandi lomsebenzi ngezelulek­o ebezihambi­sana namahlaya, wonke umuntu ethokozile.

 ?? IZITHOMBE NGU: BONGINKOSI ZONDI ?? BELIGCWELE phama itende kugcotshwa uMfu Dennis Hlengwa noMvangeli Cedric Ndlovu.
IZITHOMBE NGU: BONGINKOSI ZONDI BELIGCWELE phama itende kugcotshwa uMfu Dennis Hlengwa noMvangeli Cedric Ndlovu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa