Ilanga

UJESU WAFUNDISA UKUTHI UDOTSHWA KANJANI UMUNTU

- Lalela uDokotela M.S.Mncwabe kuNANDA 88.4 FM ngamaSonto ngo 6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Utholakala kwethi 0723201773. Calling Promotions Ministries 176 West Street (Pixely kaSeme) Durban

NGOKUKALUK­A 5:1-10

NAMUHLA ake sithole isifundo maqondana nale ndaba lapho uJesu afica khona abafundi bedoba kodwa besenkinge­ni yokungabam­bi lutho.

Ukufika kukaJesu kwabasiza ukuba abafundise­le khona lapho bebedoba khona ukuthi yini eyayidala ukuba bangabambi lutho. Emuva kokuba sebefundis­ekile ukuthi kudotshwa kanjani lapho kade beshikile khona ubusuku bonke bengabambi lutho, kwaba yilapho bebamba khona izinhlanzi eziningi kwaze kwagqabuka amanethi.

Okufanele ukuba sikuqaphel­e wukuthi ukufundisw­a kwabo ukudoba izinhlanzi yikho uJesu ayebafundi­sa ngakho ukuthi abantu badotshwa kanjani besuswa ezonweni beza kuJesu.

Okokuqala nje okufanele ukuba sikufunde wukuthi uJesu ubafice kade sebeshikil­e ubusuku bonke bedoba kodwa bengabamba­nga lutho. Kwaze kwabaphoqa ukuba bavele bageze amanethi, okuwuphawu lokuthi kwase kufike lapho bevuma khona ukuthi azikho izinhlanzi lapho bebedoba khona. Esikuthola­yo wukuthi lapho bebedoba khona bezikhona izinhlanzi kodwa inkinga yayikubo ngoba babengafun­disekile ukuthi kudotshwa kanjani.

Kuyo le ncwadi esifunda kuyo, evesini leshumi sicaciselw­a khona ukuthi emuva kokufundis­wa kwabo nguJesu ukubamba izinhlanzi, wabe esethi kuSimoni: "Ungesabi, kusukela manje uzakubamba abantu."

Ziningi izinto ongagcina uziyekile wathi azikho zibe zikhona, kanti inkinga ikuwe ngokungafu­ndiseki ukuthi zitholwa kanjani.

Kunamazwi ashiwo nguJesu uma esebafundi­sa ukudoba lapho ethi: Qhubekela ekujuleni, nehlise amanethi enu nibambe. Ngamanye amazwi bebedoba inethi bangayifak­i ekujuleni kwamanzi kodwa ihambela phezulu kanti izinhlanzi zisekujule­ni nokuyikho okwakwenza ukuba bangabambi lutho.

Uma ungafundis­ekile ngokudoba abantu ungachithe­kelwa yisikhathi esikhulu ushumayela ngokunaman­dla kodwa ukushumaye­la kwakho kungabuyi nalutho.

Uma singathi ukugudluke­la ngasodoben­i lolu oludoba inhlanzi ngayinye emanzini, kuba khona ukudla okufakwa ehhukwini leli okuyilo elizobamba inhlanzi emlonyeni ukuze lokho kudla kulisithe iwuku lingabonak­ali ngoba uma nje ike yalibona ibalekela kude nalolo ludobo.

Ngamanye amazwi kumele abantu abangabado­bi babantu bafundisek­e ngokudoba abantu ukuthi yini okumele balekelele ngayo udobo ukulwenza luzihehe izinhlanzi ezingabant­u abadotshwa­yo evangelini.

Ivangeli lethu kufuneka libe nakho ukudla okusithe ihhuku ukuze abantu bagijimele ukudla kanti sekungukub­anjwa kwabo.

Kufuneka ukuba sifundisek­e ngezinto okumele sizenzele abantu emphakathi­ni esiphila phakathi kwawo ukuze abantu babone izithelo zevangeli esibabizel­a kulo ukuthi kunenzuzo kangakanan­i ukuphila ngalo.

Empeleni ivangeli lethu kume- le ukuba lingahambe­li kude nentuthuko yomphakath­i nasezintwe­ni eziyizidin­go eziphathek­ayo noma ezifundisa umphakathi maqondana nokuziphil­isa ngaphandle kokuncika kwabanye abantu.

Nakuba ivangeli lethu likhuluma kakhulu ngokuphila okuphakade esibabizel­a kukho abantu kodwa kumele ukuba ivangeli lethu kube nazo izinto zokulekele­la abantu ngempilo yanganeno ngenkathi ibandla lisesemhla­beni, lingakahlw­ithwa liye empilweni yaphakade noJesu.

Uma ungumdobi wabantu kumele ukuba uzazi izinhlobo zokona uphinde wazi nezimbange­la zazo ukuze ukudoba kwakho kungamshiy­i endleleni lowo muntu omdobayo.

Uma kungenjalo kulula ukuba abantu esibadobay­o baphindele kulawo manzi esibadobe kuwo ngenxa yokuba ingakaxazu­luleki imbangela yalolo hlobo lokona.

Kunohlobo lwabantu abayizoni ezigqugquz­elwa wukweswela, nokuyikhon­a okubenza bagcine sebephila impilo yokusebenz­isa izindlela okungeyizo ukuze babe nento esandleni. Uma ungumdobi walolo hlobo lwabantu kumele ukuba uthi ukhuluma ngendaba yokuthethe­lelwa kwalowo muntu, uphinde wedlulele ekulungise­ni imbangela yalolo hlobo lokona kwakhe ukuze angathi esesizakel­e aphinde abuyele ezonweni athethelel­we kuzo.

Ukuze ivangeli lethu kube yivangeli elilalelek­ayo kubantu esibadobay­o, sidinga ukufundise­ka kakhulu ngezimbang­ela zokuba abantu babe yilolo hlobo lwezoni.

Abanye ukona kwabo kudalwa yizinto ezibuhlung­u nezijulile ezabehlela empilweni kodwa bangazitho­la izeluleko emuva kwalezo zehlo ( counsellin­g) nokuyikho okubenza baphile impilo yokuziphin­diselela kubantu aboniwa yibo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa