Ilanga

UKWELULEKA

-

Ubevule iZwi encwadini I kuThimothe­wu 3: 1-15 okuyindima uMphostoli uPawulu akhuluma kuyo ngokuthi kumele abe njani ofisa ukuba ngumfundis­i. Esebabonge­le abagcotshw­a ngethuba lokubamba iqhaza kulo msebenzi abangena kuwo ube esechaza ngezinsele­le zawo:

ugcizelele ubunzima balo msebenzi ngokwawo kube kuvele kungelula nokuba ngumzalwan­e;

ubongele omkamfundi­si ngokubusis­wa ngabayeni abakholway­o kwazise uligugu nasezulwin­i umuntu okholwayo; - wachaza nangobudle­lwano bokusebenz­isana phakathi kwezinceku ezisemazin­geni ahlukene ebandla;

wabakhumbu­za ukuthi ongena kulo msebenzi iZwi lithi makabe mfazi munye, nokho lokho okungasho khona ukuthi amakhosika­zi mawaqhoshe angabe esabahloni­pha abayeni bawo;

wayala abayeni bawo ukuba bawathande amakhosika­zi abo futhi bahambele kude nama- savannah nolunye uphuzo oludakayo;

bakwazi ukulawula imizi yabo ngoba ngeke bakwazi ukuphatha ibandla besahlulwa yilokho;

kube nobufakazi obuhle ngabo nakubantu bangaphand­le kwebandla. Sebegcotsh­iwe bathandaze­lwa nguMengame­li Khoza, baphumile bayokwevat­hiswa izivatho zenko- nzo babuya sebeyikaze­la amajazi obufundisi kwaqhuma umkikizo.

Kulandele izeluleko zikaMfu Moses Ntombela ogcizelele phakathi kokunye indaba yokuphumel­a ngaphandle kushunyaye­lwe ivangeli. Uzwakalise isifiso sokuba kwande izisebenzi zeNkosi, kuzalwe nabanye abazokhuli­sa umsebenzi weNkosi, njalonjalo. Kuphethe ngesigaba sombungazo lapho abagcotshw­a bephiwe khona izipho nemali, kwasinwa kwanjeya abazalwane benanela ingoma ebiqalwe nguMfundis­i Ngcobo abasebenza ngaphansi kwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa