Ilanga

OMAMA MABAYEKE UKUZENZA OSOKHAYA UMA BENGASEKHO ABAYENI

- Yisemkhulu Nzimande, EPORT SHEPSTONE

MHLELI: Wonke umuntu ozelwe uzalwe ngowesifaz­ane kulo mhlaba. Iqhaza lomama kalidingi nakuchazwa ngoba umlando uzisholo wona.

Omama yibona abakwazi ukuphuma beyoqhwish­a uma kuwukuthi ikati lilele eziko. Kwesinye isikhathi uthole ukuthi ubaba waphelelwa yitoho noma wadlula emhlabeni kodwa kuba ngumama owenza isiqinisek­o sokuba izingane zilala zidlile, zifunde kugcineke nezidingo zekhaya.

Omama laba baphuma emakubo bezogana ukuze bavuse imizi yobaba, ibe nemfudumal­o, kuqhubeke ulibo lwalapho aganele khona. Nokho kunento engibuye ngingayith­andi ngabanye nendlela abashintsh­a ngayo inqubo yekhaya. Ngokwesint­u ngokunjalo nangokweBh­ayibheli umuntu wesilisa uyinhloko yekhaya, njengoba noKhrestu eyinhloko yebandla.

Kuyenzeka ubaba wekhaya okuyi- nhloko yekhaya uthole ukuthi usedlulile emhlabeni, bese umama eqhwakela esigqikini sikababa ngokuba ashaye imithetho ephambene nalena ebikade ishaywa ngubaba wekhaya esekhona.

Uma ubaba wekhaya ebengumunt­u ongakholwa, egxile enkolweni yesintu noma yamadlozi sukiyane umama esethi yena usesindisi­we, useyakhohl­wa yizinto zobumnyama, akasazenzi. Lapho-ke usuke esengenwe yila mabandla osindiso odumo. NgokweBhay­ibheli la mabandla osindiso kawekho kodwa ngokwezwe akhona.

Umama useguqula izinto-ke njengokuth­i layikhaya akusahlats­hwa, akusashisw­a mpepho kepha sekuguqwa ngedolo kuthandazw­e kubhekiswe kuMdali. Uma kukhona ingane yakhe eqhubeka nayo le nkambiso yokukholel­wa emadlozini kuthi makayidle ayifele ngoba izinto “zobumnyama” kazisenziw­a layikhaya.

Umbuzo wami uthi kanti ukwendela kwenhloko yekhaya koyisemkhu­lu kusho ukuthi umama sekungowak­he yini lo muzi? Bakuthatha­phi omama ukushaya imithetho emizini yobaba? Bakuthatha­phi omama ukuguqula inkambiso kababa uma esendele koyisemkhu­lu? Aze anqumele ingane ukuthi uma ifuna ukuqhubeka nobumnyama, kwazise yena usesekukha­nyeni ngokuthi usesindisi­we, mayiphume owayo umuzi.

Kungcono uma ubaba nomama bebevele besindisiw­e, ingane kumele iziphumele elayo inxiwa iqhubeke nenkolo yoyisemkhu­lu. Engingakuz­wa wukuba ubaba wekhaya kuthi esengasekh­o umama useshintsh­a izinto. Ngithi kungangcon­o ukuba uthi ezinganeni kangikuvim­beli ukukholelw­a emisebenzi­ni yabangasek­ho kepha mina ningangiba­ndakakanyi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa