Baningi abangajabula ngokuhlangana koNcwane
UKUBA umfelokazi kaS’fiso Ncwane ongasekho bekungumuntu wesilisa, mhlawumbe bekungathiwa uzigxoba ngetshe kuleyo ndawo kuleli sekisi elidlalayo phakathi kwakhe nomndeni wendoda yakhe, ikakhulukazi uninazala. Umdonsiswano oqale kusekhona umyeni wakhe, namanje azikabonakali izimpawu zokuxazululeka kwawo. Unjalo nje, ubonakala uyithela ngamanzi abandayo wonke umsebenzi wendoda yakhe ewenze isaphila, lokhu okubizwa nge- legacy. Njengomuntu umsebenzi wakhe obekungukukhangisa isithombe nomculo womyeni wakhe emphakathini ongamakhasimende, lo mdonsiswano ubukeka uphambana neqhaza abelibambile waze wadlula emhlabeni uS’fiso.
Kwaqala ngodaba lokungondliwa kukanina kaS’fiso Ncwane, nalo olwaqubuka ngenxa yesipho somfundisi uFrancis Anosike ozinze eGauteng kodwa ongowokudabuka eNigeria. Okulandele lapho kube yisithombe esihle esakhekile okwesikhashana nxa kubikwa izindaba ezazithi ifriji likanina kaS’fiso lase linakho ukudla. Ngeshwa kwalandela ukudlula emhlabeni isigubhukane kukaS’fiso Ncwane.
Lokhu kulandelwe wumsindo unina kaS’fiso ekhala ngokuthi incwadi kadokotela ngembangela yokushona kwendodana yakhe akakaze ayibone. Phathaphatha kwezwakala ukuthi umfelokazi kaS’fiso useyayikhumula inzilo engawazisile umndeni womyeni wakhe ngoba usefuna ukuqhubeka nempilo, lokhu kwenzeka kusaphele izinyanga ezintathu kuphela engcwatshiwe uS’fiso.
Kuthe kusabatshazwa lokho kwezwakala eyomgubho wosuku lokuzalwa kukaS’fiso. Nayo lena ilandelwe wumsindo emndenini obunomuzwa wokuthi yini kube nokuxhamazela nokungabonisani nomndeni kukamfelokazi kaS’fiso uma kwenziwa konke okuphathelene nomufi.
Kulokhu umka S’fiso uyithungele isicoco indaba yombango nomndeni ngokubopha unina kaS’fiso nodadewabo ababili ababizele enkantolo. Yonke le nto uma uyibukela wakhe umkhanya le kude, ibonakala ingalungiseka ngokuhlangana komndeni idingidwe kudlulwe kuzona zonke izimpambosi ngokwenqubo yomndeni ngomndeni, iqhubeke impilo iye phambili. Njengoba kuthathwa ngokuthi umufi nomkakhe bebeluswe ngokomoya yibandla iRock of Victory Ministries, kungaba wukugagamela ukulindela ukuthi kukhona angase alulekwe ngakho ngumholi walo. Konke-ke kulele kuyena umfelokazi ukuba afunde kwezakhe abone ukuthi yikuphi okungase kumsize futhi kube nemiphumela emihle ezothokozisa umphakathi ongabathandi bomculo kaS’fiso Ncwane.
Nakanjani yomibili imindeni ehlangane kwakhiwa isihlobo esihle, owakwaNcwane nowakwaGumede, ingaluthathela phezulu udaba lokubuyisana ukuze impilo iqhubeke iye phambili. Ngenxa yokuba umufi ebethandwa yiNingizimu Afrika yonke, baningi abangakuthokozela ukubona izinto zilunga ekugcineni kungakonakali kwedlule kulokhu.
U-Ayanda uyithungele isicoco indaba yombango nomndeni ebopha uninazala nodadewabo bakaSfiso ebabizela enkantolo. Lolu daba lungalunga ngokuba kuhlangane imindeni.