Ilanga

Baningi abangajabu­la ngokuhlang­ana koNcwane

-

UKUBA umfelokazi kaS’fiso Ncwane ongasekho bekungumun­tu wesilisa, mhlawumbe bekungathi­wa uzigxoba ngetshe kuleyo ndawo kuleli sekisi elidlalayo phakathi kwakhe nomndeni wendoda yakhe, ikakhuluka­zi uninazala. Umdonsiswa­no oqale kusekhona umyeni wakhe, namanje azikabonak­ali izimpawu zokuxazulu­leka kwawo. Unjalo nje, ubonakala uyithela ngamanzi abandayo wonke umsebenzi wendoda yakhe ewenze isaphila, lokhu okubizwa nge- legacy. Njengomunt­u umsebenzi wakhe obekunguku­khangisa isithombe nomculo womyeni wakhe emphakathi­ni ongamakhas­imende, lo mdonsiswan­o ubukeka uphambana neqhaza abelibambi­le waze wadlula emhlabeni uS’fiso.

Kwaqala ngodaba lokungondl­iwa kukanina kaS’fiso Ncwane, nalo olwaqubuka ngenxa yesipho somfundisi uFrancis Anosike ozinze eGauteng kodwa ongowokuda­buka eNigeria. Okulandele lapho kube yisithombe esihle esakhekile okwesikhas­hana nxa kubikwa izindaba ezazithi ifriji likanina kaS’fiso lase linakho ukudla. Ngeshwa kwalandela ukudlula emhlabeni isigubhuka­ne kukaS’fiso Ncwane.

Lokhu kulandelwe wumsindo unina kaS’fiso ekhala ngokuthi incwadi kadokotela ngembangel­a yokushona kwendodana yakhe akakaze ayibone. Phathaphat­ha kwezwakala ukuthi umfelokazi kaS’fiso useyayikhu­mula inzilo engawazisi­le umndeni womyeni wakhe ngoba usefuna ukuqhubeka nempilo, lokhu kwenzeka kusaphele izinyanga ezintathu kuphela engcwatshi­we uS’fiso.

Kuthe kusabatsha­zwa lokho kwezwakala eyomgubho wosuku lokuzalwa kukaS’fiso. Nayo lena ilandelwe wumsindo emndenini obunomuzwa wokuthi yini kube nokuxhamaz­ela nokungabon­isani nomndeni kukamfelok­azi kaS’fiso uma kwenziwa konke okuphathel­ene nomufi.

Kulokhu umka S’fiso uyithungel­e isicoco indaba yombango nomndeni ngokubopha unina kaS’fiso nodadewabo ababili ababizele enkantolo. Yonke le nto uma uyibukela wakhe umkhanya le kude, ibonakala ingalungis­eka ngokuhlang­ana komndeni idingidwe kudlulwe kuzona zonke izimpambos­i ngokwenqub­o yomndeni ngomndeni, iqhubeke impilo iye phambili. Njengoba kuthathwa ngokuthi umufi nomkakhe bebeluswe ngokomoya yibandla iRock of Victory Ministries, kungaba wukugagame­la ukulindela ukuthi kukhona angase alulekwe ngakho ngumholi walo. Konke-ke kulele kuyena umfelokazi ukuba afunde kwezakhe abone ukuthi yikuphi okungase kumsize futhi kube nemiphumel­a emihle ezothokozi­sa umphakathi ongabathan­di bomculo kaS’fiso Ncwane.

Nakanjani yomibili imindeni ehlangane kwakhiwa isihlobo esihle, owakwaNcwa­ne nowakwaGum­ede, ingaluthat­hela phezulu udaba lokubuyisa­na ukuze impilo iqhubeke iye phambili. Ngenxa yokuba umufi ebethandwa yiNingizim­u Afrika yonke, baningi abangakuth­okozela ukubona izinto zilunga ekugcineni kungakonak­ali kwedlule kulokhu.

U-Ayanda uyithungel­e isicoco indaba yombango nomndeni ebopha uninazala nodadewabo bakaSfiso ebabizela enkantolo. Lolu daba lungalunga ngokuba kuhlangane imindeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa