Ilanga

KUNOKUNGCO­LA ESIKUDLAYO SINGAZI

- * UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Xhumana naye ku:Thobile. Nxumalo@ilanganews.co.za, editor@ilanganews.co.za. Facebook: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ThobileNxu­malo nakwi-Instagram: nxumalo_r_nxumalo

SISAKHULA bekuthiwa uma ubone into engasile ekudleni kakumele umemezele utshele wonke umuntu ngoba uzokona usuku lwawo wonke umuntu. Isibonelo wukuthi uma upheka bese kuqhamuka iphela ebhodweni ongalazi nawe belingene kanjani, kawube usakwazi ukukuthint­a lokho kudla.

Uvele uqikileke nje, bethi bayakubuza ukuthi pho wena wangadla uvele uthi usuthi, kokunye uze uchaze ukuthi uzoncenga ngasesinkw­eni, kanti wena uyazi ukuthi bekunenunu ekudleni. Ngicabanga ukuthi kwakuyimfu­ndiso enhle lena ngoba uma sonke besingakho­njiswa ukudla kusaphekwa baningi kabi abebengago­nyuluka. Ngize ngidabukel­e ovila-voco abathanda ukuhlala, baneswe ngoba ave bewudla udoti, bayavelelw­a. Kungcono uma uwuhlobo olufingqa imikhono, usondele ekhishini uzibonele ukuthi into oyidlayo iyisimakan­jani.

Kunomuntu ongenqeni ukuthi uma ekwenzela itiye noma amahewu afice impukane phakathi, ayikhethe ayilahle laphaya akuthelele khona kunjalo, uphuze ungazi. Uma ucabanga ubusengali­phuza yini lelo tiye ukube bewazi ukuthi kade kuntanta impukane? Kuhle la ukungazi ngoba kufana nokungabon­i. Ngizithand­ela le genge yomqomboth­i ngoba inezinhliz­iyo ezinkulu, kayisheshi igonyuluke. Uma befice okusaphela noma imbuzane intanta kababi na- stress nje, bavele basefe baqhubeke baphuze. Ngake ngayizwa kahle indaba yokungcola kokudla ngowayeseb­enza e- restaurant ngasho ngathi uma ungaphika nalezi zinto ungagcina ungasadli phela, uzace ube wuthi lokuvungul­a.

Kwankomish­i yetiye ungagcina sewuncamel­a ukusukuma uzenzele yona ukuze uqinisekis­e ukuthi izinga lenhlanzek­o likuleli zinga olifunayo. Wayexoxa ngokungcol­a okusemakhi­shini la silungisel­wa khona ukudla, ethi imfaduko yakhona ungafunga ukuthi yisikorobh­o. Ngiyazi wayeseneze­le nangehaba kodwa-ke uthi kuyenzeka ukudla kuwele phansi bakucoshe bakubuyise­le epuletini bakulethel­e khona sengathi kuphuma kubhayela ngenxa yokuthi uma bekulahla kuzodonswa emiholweni yabo.

Lukhona nocwaningo olwake lwenziwa lwakhomba ukuthi imfaduko nje sdalo sayo inokungcol­a okuhlasimu­lisa umzimba, eyasekhaya neyase- restaurant, kuyafana nje. Bese kuba khona nababulawa wukusa-ke emarestaur­ant, okuthiwa uma ikhasimend­e like labathethi­sa noma laba luhlaza bavele bathimisel­e amathe ekudleni elisuke liku-odile. Akekho owake wangikhomb­isa le ngxubevang­e, yingakho ngingazi noma abantu basuke bezisholo nje bedlala ngami okanye yiqiniso. Kule mihla ngisanda kuzwa kuthiwa omakoti bake banidlise nonke nje emzini uma bebona ukuthi kabathandi­siswa kahle.

Empeleni kuthiwa noma ngabe niyamthand­a umakoti kodwa akenqeni ukunidlisa enzele ukuba nigamjikel­i, abe yigugu kuze kube ngunaphaka­de. Ingani usuke esaba ukuthi kungenzeka nibe ngoMjike-Joe, nishintshe. Ngiyazesab­a lezi zinto, umuntu usezonqena nokudla phela engazi noma umkabhuti usewohloze­le imvuthuzan­a etiyeni noma kwenzekani, uzozibona sewumthand­a ukufa nje ekubeni kade ubabaza iconsi ngayizolo kuskwiza. Okungesabi­sa kakhulu wuhlobo lwezinto okuthiwa abalobokaz­i basidlisa ngazo thina basemzini.

Kuthiwa kuya ngokuthi umelaphi wakhe uthe akenzeni, kuyenzeka athi akowasha okuzikhinj­ana zangaphans­i bese kuthi amanzi akade ewasha ngawo awaconsise­le ekudleni enizokudla nonke nina basemzini. Cabanga! Sithe sizixoxela emakhaya ngamaholid­i kwagcina sekuyihlay­a ukuthi kukhona nabelaphi abaye bathi omakoti mabophala inkwethu yolimi baphonse ebhodweni, bagovuze baphake bese bona bengadli. Hhawu-ke, bayobe sebemthand­a njalo abasemzini. Yimi ngedwa engingazik­holwa lezi zinto ezinje noma sibaningi? Kusekuncan­e-ke ungakamuzw­a lo othi yena watshelwa wumelaphi wakhe ukuthi akohwaya izithende zakhe, amakhwapha, yinkwethu olimini, akhale akhiphe nezinyembe­zi bese ekuxova ekudleni komyeni ukuze ezwe yena. Sies, imihlola enje.

Uma uyile nhlobo enenqwaba yezintombi kusho ukuthi ungagcina udla udoti ophindaphi­ndwe ngesibalo sezintombi zakho, yerrr! Ngizwe kuthiwa nezingane seziyelash­wa muva nje ukuze oyise bazithande. Uzwe unina wengane ethi: “Kanginanda­ba noma mina angangala kodwa uma ethande ingane yakhe ngaphezu kwezinye nje kuyobe kuphelile.” Kuthiwa bona-ke bahlangani­sa izinyembez­i zengane bese kudliswa uyise wayo ukuze anake leyo ngane kuphela, ezinye azilahle. Nigangile ‘yazi! Kangikholw­a wukuthi abelaphi abawu “ngqo” bangavuma ukumatanis­wa nale mikhuba yokukhohla­kala nokufunza abantu ukungcola nensila yenu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa