KUMELE IZIBAMBE ZIQINE ISTARS KWEYE-BRUTAL FRUIT
KUZOMELE izibambe ziqine iKingdom Stars emele iKwaZuluNatal kwiBrutal Fruit Netball Premier League eqhubeka eDurban University of Tenchology (DUT) eThekwini.
IStars izokuya kule midlalo ifana nebhubesi elinenxeba ngemuva kokunenebulwa kabuhlungu yi-Eastern Cape Aloes kuba ngu-38-30 kowokuvula ngeledlule eDUT.
Ukungenzi kahle kowokuvula kweStars esilale endaweni yesihlanu nyakenye, kuyifake kwenkulu ingcindezi yokuba iyinqobe kumnyama kubomvu imidlalo yayo emibili ezoyigijima ngokwahlukana neBaobabs ngoMgqibelo ngo-14h00 kanjalo neSouthern Stings ngeSonto ngo12h30.
Ngenyanga ezayo le midlalo izofudukela eCape Town kusukela mhla ziyisihlanu kuze kube wumhla zingama-21 kuNhlaba (May). Mhla zingama-26 kuNhlaba kuya kumhla zili-11 kuNhlangulana (June) kuzodlalelwa eMangaung Sports Complex, eFree State.
Ngeledlule iStars sibulawe kakhulu ngabagadli bayo abebeshweba amathuba alula ukufaka ibhola enethini. Ngemuva komdlalo wangeledlule, umqeqeshi weStars uMadrilein Maritz, ukubeke kwacaca ukuthi ububonile ubuthaka bezakhe.
Uthembise ukuthi uzobulungisa emidlalweni elandelayo.
Kule midlalo kubhekeke ukuba uPrecious Mthembu ongukaputeni weStars alihole ngobuqotho leli qembu esebenzisa isipiliyoni sakhe sokudlala kwiProteas ukunqoba.
Kulindeleke ukuba asizwe nangukuba khona kukaJessica Khomo oqokwe ukuba ngumdlali ovelele iStars sihlulwa yi-Aloes nabanye. Isiyonke imidlalo yeBrutal Fruit ehlelelwe ukugijinywa ngempela- sonto imi kanje:NGOLWESIHLANU E-DUT: Aloes vs Sunbirds 18h00, Fireballs vs Flames 20h00. NGOMGQIBELO E-DUT: Diamonds vs Jaguars 12h00, Baobabs vs Kingdom Stars 14h00, Aloes vs Flames 17h00, Crinums vs Southern Stings 19h00. NGESONTO E-DUT: Baobabs vs Diamonds 10h30, Southern Stings vs Kingdom Stars 12h30.