IDowns izogugela emgwaqeni ngePSL
Nokho isenethemba lokuvikela i-Absa Premiership
IMAMELODI Sundowns izogugela emgwaqeni njengethayi lemoto ilwela ukuvikela ngempumelelo isicoco sayo se-Absa Premiership ekhala nangokucindezelwa kusona.
Ngokohlu lwemidlalo olukwiwebsite yePremier Soccer League (PSL), iDowns izobhekana neLamontville Golden Arrows koweligi ngoLwesihlanu ngo20h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, kuthi ngoMsombuluko ngo-17h00 idlale neBidvest Wits eBidvest Stadium, ngoLwesine ngo-18h00 igadulisane nePlatinum Stars eLoftus Stadium, ngeSonto mhla ziyisi-7 kuNhlaba (May) itholane phezulu ne-Orlando Pirates eSoweto.
IDowns ikhala ngokubhekana nengcindezi njengoba imidlalo yayo yeligi iminyene ngalolu hlobo njengoba ihlukaniswe yizinsuku ezimbili kuya kwezintathu nje kuphela.
UThulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwiDowns, uthi lesi sicoco bazosivikela yize becindezelwa.
“Ukugijima umdlalo emuva kwezinsuku ezimbili ukade udlala yisimo esingamukelekile leso kodwa kulobo bumnyama sizosivikela isicoco sethu. Le nto iyasigqilaza mhlawumbe yisikhathi sokuthi iPremier Soccer League (PSL) ibheke isikhathi esidlala ngaso icacise ukuthi sidlala e-Afrika noma e-Europe yini ngoba iphambene okwangempela.
“Thina sifuna ukuhlezi sidlala lo mqhudelwano wase-Afrika kodwa uma kunje kunzima mhlawumbe kusafanele kuhlalwe phansi kuxoxwe ngale nto,” kusho uThuswa ephawula ngokuhambisana kwekhalenda yePSL neyaseEurope hhayi eyeCaf eyengamele ibhola lase-Afrika.
Uqhube ngokuthi bazothatha amaphuzu amathathu kwi-Arrows bagoduke.
“Yinye kuphela into esiyizele eThekwini ukuzothela isibhaxu bese isililo sizwakala ngisho ePark Town (eGoli),” kuphetha uThuswa ezakhe ezisanesilonda sokukhishwa yi-Arrows kwiLast 16 yeNedbank Cup kuba ngu-1-0 wegoli likaNduduzo “Sulumane” Sibiya ovutha engabaselwe kule sizini. Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ehlelelwe impelasonto ende imi ngalolu hlobo:NAMUHLA NGOLWESITHATHU E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Baroka FC 19h30 ( SS4). EMoruleng Stadium: Platinum Stars vs Free State Stars 19h30. NGOLWESIHLANU EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Mamelodi Sundowns 20h00 (SS4). EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Bidvest Wits 20h00. NGOMGQIBELO EGoble Park Stadium: Free State Stars vs Polokwane City 15h00. EMbombela Stadium: SuperSport United vs Kaizer Chiefs 18h00 (SS4). E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Chippa United 20h15 (SS4). NGESONTO ECape Town Stadium: Ajax Cape Town vs Platinum Stars 15h00 (SS4). ENew Peter Mokaba Stadium: Baroka FC vs Bloem Celtic 15h00. NGOMSOMBULUKO EHarry Gwala Stadium: Maritzburg Utd vs Cape Town City 15h00. EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Mamelodi Sundowns 17h00 (SS4).