Ilanga

I-ARROWS ISIKAZA UKUSHOVA IPIRATES KWAMASHU

- PHILANI NCALANE

ILAMONTVIL­LE Golden Arrows ihlela ukushova i-Orlando Pirates ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, kowe- semi final yeNedbank Cup.

La makilabhu aqhathwe ngoMsombul­uko kusihlwa eGoli, kwathi i-Arrows yatonyulwa ukudlalela ekhaya. Le kilabhu yiyona enegunya lokuphakam­isa kwiPremier Soccer League (PSL) ukuthi umdlalo wayo wasekhaya ifuna ukuwugijim­a kuyiphi inkundla.

Enye i- semi final izokuba phakathi kweChippa United neSuperSpo­rt United. IChippa yiyona etonyulwe ukudlalela ekhaya, kanti iSuperSpor­t yiyona evikela le ndebe. Umthombo weLANGA okwi-Arrows uthe kungaba liphutha ukuthi lo mdlalo uyiswe eMoses Mabhida Stadium ngoba ijike ivune izihambi.

“Lo mdlalo sihlela ukuthi udlalelwe eMagogo ngoba yinkundla yethu yasekhaya. Umdlalo oba seMabhida uvuna noma ngubani. Izinto zivamise ukusiphika uma sidlalela imidlalo yasekhaya eMabhida. Nokho-ke sisabonisa­na, kodwa iMagogo yiyona engibona izosingath­a lo mdlalo. I-PSL kayikwazi ukunqaba ngoba yona inegunya lokunquma ngomdlalo wamanqamu,” kusho umthombo.

UMato Madlala onguSihlal­o we-Arrows ebuzwa ukuthi bazowugiji­ma kuphi lo mdlalo, walile ukuphawula. Uzeseke ngokuthi usenqume ukungakhul­umi ngezinto ezithinta i-Arrows njengoba eyibamba lesikhulu esiphezulu kwiPSL.

Unxuse leli phephandab­a ukuthinta ngqo i-Arrows ukuthola ukuthi ihlela ukuwudlale­la kuphi lo mdlalo. Uthe yena uzolinda izincwadi kuwona wonke amakilabhu atonyulwe ekhaya ukuphakami­sa izinkundla azosingath­a kuzona le midlalo yasekhaya.

UGordon Masondo oyisikhulu esiphezulu kwi-Arrows unqamukile ngesikhath­i ethintwa, kanti emuva kwalokho ubengasath­olakali ocingweni.

Umdlalo wamanqamu uzokuba mhla zingama-24 kuNhlangul­ana (June) eMoses Mabhida Stadium. IBucs izokhuza ibuya eThekwini kowokugcin­a we-Absa Premiershi­p ezodudulan­a kuwona nayo i-Arrows eMabhida.

Lo mdlalo sihlela ukuba udlalelwe eMagogo ngoba yinkundla yethu...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa