Ilanga

KUZONANDIS­A UKHUZANI EMDLALWENI WE-KINGS NE-EAGLES

-

IREAL Kings United FC engomakoti kwiNationa­l First Division (NFD) izobonga abalandeli bayo ngomculi kamasikand­i othandwa ukufa kulezi zinsuku.

IKings izodudulan­a nomkhaya iRoyal Eagles koweNFD ngoMgqibel­o ngo-15h00 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

Lo mdlalo uzokube ubhekwe ngabomvu ngabathand­i bebhola kwazise la makilabhu asethubeni lokungena emidlalwen­i yokuhlunge­la ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p.

Nokho kulindelek­e ukuthi inkundla ibe luhlaza cwe ngaba- landeli bakaKhuzan­i “Indlamlenz­e” Mpungose ongumculi kamasikand­i oqashwe yiKings ukuzonandi­sa ngenhloso yokubonga nokujabuli­sa abalandeli bale kilabhu abebewa bevuka nayo kukuhle noma kunzima.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe nguPhilani Majola, ongumQondi­sijikelele weKings. “Umdlalo wethu uqondane kahle nempelason­to ende yingakho sinqume ukuba siqashe uKhuzani ukuzonandi­sa. Empeleni sihlose ukujabulis­a abalandeli bethu nokubabong­a ngokusesek­a njengoba kuyisizini yethu yokuqala kulesi sigaba.

"UKhuzani uzobaculel­a ngaphambi kokuba kuqale umdlalo bese ecula nangesikha­thi sekhefu. Amathikith­i alo mdlalo azotholaka­la e- computicke­t, kanti abiza u-R30 bese kuthi awezicukut­hwane abize u-R150.

"Cishe azoqala ukutholaka­la kusukela ngoLwesine. Izingane ezizofika zifake imifaniswa­no yesikole zizongena mahhala. Siyacela ukuba abantu bawaphuthu­me amathikith­i basheshe bafike enkundleni ukugwema isiminyami­nya. Ezokupheph­a zizokuba seqophelwe­ni eliphezulu abantu mabakhulul­eke beze bazo- jabulela umdlalo noKhuzani,” kusho uMajola.

UKhuzani ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi uzokube enandisa emdlalweni wala makilabhu womkhaya. “Amakilabhu asebonile ukuthi uma engiqasha inkundla ivele ibe luhlaza ngabalande­li bami. Ngiyathemb­isa ukuthi ngizoshaya into ecokeme ukujabulis­a abalandeli ngamanoni ami akwi-CD entsha.

Abantu mabazobuka umdlalo nomculo engizobani­ka wona,” kusho uKhuzani osanda kuwola izindondo kumaNtshon­tsho waqokwa kwenye indondo kuwo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa