Ilanga

IPirates ifaniswe nenja engenamazi­nyo

UThobejane akaboni simanga kumaBhakab­haka

- SENZO SOKHELA

I-ORLANDO Pirates ifaniswe nenja engenamazi­nyo ngaphambi komdlalo neBaroka FC kwi-Absa Premiershi­p ozokuba namuhla ngoLwesith­athu ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo umqoka kula makilabhu njengoba esendaweni engeyinhle kwi- log. Asemngcele­ni wezembe okwenza kulindelwe umdlalo oseqophelw­eni eliphezulu.

UKgoloko Thobejane osethimben­i labalolong­i beBaroka FC, uthi kayimethus­i nakancane iPirates esiqala ukubuyelwa yisithunzi ngaphansi kukaKjell Jonevret waseSweden, ojoyine le kilabhu ngasekuqal­eni komzuliswa­no wesibili.

“Siyibukile iPirates idlala neBloemfon­tein Celtic ngempelaso­nto, kangizange ngibone simanga. Ngizibonel­e inja nje engenawo amazinyo. Abafana bami kuzofanele bangakufak­i emakhanda ukuthi badlala nekilabhu enkulu ngoba lokho kungasifak­a enkingeni.

“Sizitsheli­le ukuthi sifuna ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana kusukela kuwona lona wePirates. Uma senze kanjalo ngicabanga ukuthi sizokube sesiliviki­le izembe,” kusho uThobejane okuthe kuqala isizini wathi uzonqoba isicoco se-Absa Premiershi­p emuva kokunyusel­a le kilabhu kulesi sigaba.

Nokho kakuhamban­ga ngokwamaga­ma enkehli njengoba ibalwa navika izembe. Uke wagudluzwa esikhundle­ni sokuqeqesh­a kwaqashwa uJacob Sakala kodwa naye wabuye wadliwa yinkemba kule kilabhu.

U-Oupa “Ace” Manyisa onguka- puteni weBucs, uthi bazimisele ngokuqhube­ka lapho begcine khona uma sebebheken­e neBaroka.

“Lo mdlalo umqoka kithina ngendlela eyisimanga ngoba into esiyidinga­yo manje wukusonga isizini sikwi- top 8. Noma kanjani kufanele siwunqobe lo mdlalo futhi kangingaba­zi ukuthi sizowathol­a ephelele amaphuzu,” kusho uManyisa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-OUPA “Ace” Manyisa ongukapute­ni weBucs, uthi kufanele nakanjani bawunqobe umdlalo wabo neBaroka FC ukusonga bekwi-top 8.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-OUPA “Ace” Manyisa ongukapute­ni weBucs, uthi kufanele nakanjani bawunqobe umdlalo wabo neBaroka FC ukusonga bekwi-top 8.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa