Ilanga

ABADLALI BAKWAZULU-NATAL BANUKELWA YIZEMBE KWELE-PSL

- SENZO SOKHELA

LILOLIWE izembe kuKhulekan­i “Chillies” Madondo ongumdlali waKwaZulu-Natal ogijima kwiPlatinu­m Stars ezogadulis­ana neFree State Stars kowe-Absa Premiershi­p namuhla ngoLwesith­athu ngo19h30 eMoruleng Stadium, eNorth West.

IPlatinum iya kulo mdlalo nje, isanda kuwashiswa ijezi yiLamontvi­lle Golden Arrows iyihlula ngo-1-0 koweNedban­k Cup ngeledlule ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Kulo mdlalo kubonakale uMadondo odlala esiswini kwiPlatinu­m, ozakhele udumo egijima kwiMaritzb­urg United nakumaZulu FC.

Lo mdlali uke wanyamalal­a ebholeni ngenxa yokulimala.

Nokho akawuqedan­ga lo mdlalo, ugijime isiwombe sokuqala kuphela wangabuya ngesesibil­i.

Leli phephandab­a lihletshel­we ngumthombo walo ukuthi liloliwe izembe kulo mdlali odabuka eHowick, maphakathi nesifundaz­we. Kuthiwa izikhulu zale kilabhu nethimba labaqeqesh­i sebembekez­elele kakhulu kodwa akakhiqizi msebenzi. .

Kuthiwa ngaphandle kwalokho, lo mdlali wafika enokulimal­a okunzima kule kilabhu wakufihla. Kuthiwa izikhulu zisanda kuthola ukuthi wafihla ukulimala.

ILANGA lishayela uCavin Johnson ongumqeqes­hi wePlatinum ngalolu daba, uthe: “Okwamanje ngeke ngikwazi ukusho ukuthi sizodedela bani kumbe sizogcina bani. Konke lokho sizokubhek­a kahle uma isizini isiphelile. Kodwa ngeke ngikufihle ukuthi ngiphoxeki­le yindlela ayiyona manje uMadondo, akasesiyen­a lo mdlali ebengimazi.

“Bheka nje nasemdlalw­eni we-Arrows ngimukhiph­e ngoba ubengenzi into ebengimuts­hele yona ubezenzela okwakhe wagcina ngokusidli­sa, igoli esihlulwe ngalo lingene ngaye.

"Sesimubeke­zelele kakhulu engasenzel­i lutho. Nokho kangisho ukuthi ngithini sizobona ngokuphela kwesizini.”

Omunye umdlali okuthiwa ingase ingavusele­lwa inkontilek­a yakhe yile kilabhu nguSibonis­o “Jomo” Gumede waseMpange­ni osesizwa ngendaba isikimu kule kilabhu. Inkontilek­a yakhe nePlatinum iyaphela uma kusongwa isizini.

UJohnson ephawula ngomdlalo weFree State, uthe noma kanjani kufanele bawunqobe.

“Le nyanga kayisiphat­hanga kahle, sihlulwe emidlalwen­i obekufanel­e siyinqobe. Kodwa lo mdlalo weFree State noma kanjani kufanele siwunqobe akukho ukujikela emuva. Siyakuqond­a ukuthi bavika izembe kodwa kasizukuba nalo uzwelo ngoba nathi sifuna i- top 8,” kusho uJohnson.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa