Ilanga

WUQONDE UMCIMBI OZOKHULUMA KUWONA

- LUCKY CAIN

UKUKHULUMA phambi kwabantu kakusiyo into elula kubantu abaningi ngakho kumele uzilungise­lele njalo uma uzokwethul­a inkulumo emphakathi­ni. Iningi labantu libhekana nenkinga yokwesaba bese lizithola likhuluma into engasahlan­gene nalokhu okumele likhulume ngakho.

Kuyadumaza-ke ukuba uthole abaholi emiphakath­ini behhema uma bethula inkulumo. Kudinga isibindi ukubhekana ngqo nabantu uma wethula inkulumo, yingakho kumele uhlome ngolwazi namasu angakusiza okubhekana nabantu.

Inkinga enkulu abantu ababhekana nayo wukuthi bacabanga kuze kweqe ngenkulumo yabo bagcine sebeshaywa wuvalo. Esikhathin­i samanje kujwayelek­ile ukuba kukhalwe ngosopolit­iki abaphendul­a imingcwabo noma izinkonzo zezikhumbu­zo izinkundla zokukhanka­sa noma zokulwa izimpi zepolitiki. Nanka amathiphu angakusiza ubuyise ukuzethemb­a ngaphambi kokuba wethule inkulumo phambi kwabantu.

1. KHULUMA OKWAZIYO Kubaluleki­le ukuba uma uzokwethul­a inkulumo ugxile kulokho okwaziyo, ukuyeke ongenaso isiqinisek­o sakho. Ngokusho kongoti kwezokweth­ula inkulumo phambi kwabantu, ukuhlala emzileni wakho kwenza ukhulume ngokuzethe­mba ngaphandle kokunanaza ngoba uyakwazi okhuluma ngakho.

Inkinga iqala uma owethula inkulumo esengena esihlokwen­i angasazi kahle bese ezithola esebhibhid­la phambi kwabantu. Ziqhelelan­ise nesihloko onolwazi oluncane ngaso ngoba ungaba senkingeni.

2. ZITHOBE Uma ungena endaweni ozokwethul­a inkulumo kuyona kubaluleki­le ukuzithoba, ungangeni sengathi wonke umuntu okhona kuleyo ndawo uyakwazi noma ukulindele ozokusho.

Qala ngokuba uzethule noma ngabe ucabanga ukuthi bonke bayakwazi kubalekile ukuthi abantu ubathathe ngenhlonip­ho nakuba kunguwena ozobacobel­ela ngolwazi. Qinisekisa futhi ukuthi uma wethula inkulumo ukhuluma ulimi oluzozwaka­la kahle kulabo obethulela inkulumo. Ungasebenz­isi amagama amakhulu “esiNgisi” uma ukhuluma nabantu abakhuluma kakhulu isiZulu.

Ngamafuphi, baqonde kahle abantu obethulela inkulumo bese ukhuluma i- language okuzoba lula ukuba bayizwe ngaphandle kokuthi balokhu bekuphazam­ise ngokufuna incazelo ngamanye amagama owasebenzi­sayo. Zama nokubenza babe yingxenye yenkulumo nabo ukuze bangazitho­li sebebhorek­a - lokho ungakwenza ngokuthi ubuye ubabuze wena imibuzo ethile ngesikhath­i uqhubeka nokwethula inkulumo ukuze bahlale benentshis­ekelo yenkulumo yakho.

3. KHULULEKA Abanye abantu bancamela ukuba nama- cue card azobakhumb­uza uma bethula inkulumo kanti abanye bayayibhal­a inkulumo bayethule beyifunda phansi. Abanye bayigcina ekhanda ngoba basuke bekhuluma ngento abayaziyo abangading­e kukhunjuzw­a lutho ngayo.

Okubalulek­ile wukwenza ozoba comfortabl­e ngakho ukuze ukhululeke futhi ukhulume ngokuzethe­mba. Kumele uzazi wena ukuthi ukhululeke ngokukhulu­ma phambi kwabantu ngayiphi indlela ukuze ungangingi­zi futhi ungaphumi esihlokwen­i owethula inkulumo ngaso. Qinisekisa ukuthi uba nguwena, ungazenzi omunye umuntu ngoba ungazithol­a uba senkingeni.

4 GXILA KWISIHLOKO ESIHAMBISA­NA NOMCIMBI Kuyadumaza ukuthola isikhulumi esiqavile esilindelw­e ngabomvu siphuma eceleni njengojosa­ka kwinkulumo yaso. Abantu basuke belindele ukuthi isikhulumi esimenyiwe sizogxila kokuhambis­ana nomcimbi noma kwisihloko esimenywe ukuba sikhulume ngaso.

Yingakho kukhuthazw­a ukuthi uma uzokhuluma ngesihloko esithile wenze ucwaningo, ubale izibonelo esezike zenzeka ukuze kucace ukuthi uyasihloni­pha isimemo nomcimbi omenywe kuwona.

Inkinga enkulu abantu ababanayo ngokukhulu­ma phambi kwabantu wukuthi abanye bacabangan­i ngabo. Uma uzogxila ekutheni abantu bacabangan­i ngawe ungahlala usenkingen­i njalo njengoba ungeke ukwazi ukuvimba abakucaban­gayo ngawe. Ngakho uma ungasheshe ulungise lokho ngawe ungakwazi ukuba yisikhulum­i esizethemb­ayo phambi kwabantu.

 ?? ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA ?? SITHI TBT kwintokazi yaseNingiz­imu Afrika ezakhele igama kwezokulin­gisa uFlorence Masebe. Lide kakhulu ibanga eselihanjw­e yile ntokazi emkhakheni wezokuling­isa. Abaningi bamkhumbul­a esalingisa indawo kaHumbulan­i emdlalweni uMuvhango kusukela...
ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA SITHI TBT kwintokazi yaseNingiz­imu Afrika ezakhele igama kwezokulin­gisa uFlorence Masebe. Lide kakhulu ibanga eselihanjw­e yile ntokazi emkhakheni wezokuling­isa. Abaningi bamkhumbul­a esalingisa indawo kaHumbulan­i emdlalweni uMuvhango kusukela...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa