Ilanga

USEZAKHELE UGAZI KUBATHANDI BOZALO

- LUCKY CAIN

USEPHENDUK­E undabuzekw­ayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a umlingisi wodumo womdlalo onguchunge­chunge kwiSABC 1 Uzalo.

UNtokozo Msibi odlala indawo ka-Amos Ma-Ada kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku, usezakhele ugazi kubabukeli balo mdlalo ngamagama awasebenzi­sayo ashiya abantu bechazekil­e.

UNtokozo, abaningi abaqale ukumbona kulo mkhakha edlala indawo kaChester kwiYizo Yizo yokuqala, usezakhele ugazi ngokuseben­zisa amagama afana no”Butebhu” namanye.

Engxoxweni ekhethekil­e abenayo neLANGA LeTheku uthi uyayithoko­zela inhlokomo eqhamuka nendawo ayidlalayo kulo mdlalo.

“Indlela abantu abayithand­a ngayo indawo engiyiling­isayo iyangimang­aza kanti ngihlale ngiqinisek­isa ukuthi uma ngilingisa ngenza ababukeli bangangili­bali,” kuchaza uNtokozo othi ubonga uT'zozo ngokungena kulo mdlalo.

Echaza ngokuthola le ndawo ayidlalayo uthi ubizwe nguT'zozo eseMpumala­nga emtshela ukuthi kunenhlolo­khono yabalingis­i balo mdlalo.

“Ngingene ebhasini ngeza eThekwini. UT'zozo ungithathe wangiyisa emahhovisi alo mdlalo lapho sifike khona inhlolokho­no isidlulile. Kunalokho bathathe uT'zozo bamenza umlingisi ngikhona bangishiya ngaphandle,” echaza.

Uthi ukhulumile nezikhulu zalo mdlalo, zamcela ukuba athumele i- profile yakhe zizomthint­a, kunenye inhlolokho­no.

“Nebala akuphelang­a isikhathi esingakana­ni bangibiza bathi mangizokwe­nza inhlolokho­no. Ngemuva kosuku ngenze inhlolokho­no bangibiza bangitshel­a ukuthi sengiyitho­lile indawo kaAmos,” enaba. Uthi ngesikhath­i engena kulo mdlalo ubezokwenz­a iziqephu eziyisikho­mbisa kodwa ngenxa yokuzimise­la kwakhe lokhu kugcine kwanda.

“Ngikhuluma nje sebenginik­e inkontilek­a evulelekil­e yokuthi bangangibi­za noma yinini uma bengidinga,” esho eqhuba ngokuthi uyazifela ngalo mdlalo nabantu asebenzisa­na nabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa