Ilanga

Kuncike kuwena ukuvikelek­a kwesithunz­i sophathina wakho

- SANDILE MAKHOBA

UMA abazali bethu besinika izibusiso baye bathi: “Ngifuna ukuthi noma ngihamba emhlabeni kodwa usunaye umuntu ozokugada”.

Lokhu basuke bengakusho ngoba nakhu usengozini okanye unezitha kodwa basuke besho ukuthi bafuna ukukushiya usunomakot­i okanye usuganile.

Ukuba nomuntu okugadile-ke kusho ukuvikelek­a. Ngakho-ke kungumsebe­nzi wakho ukuvikela isinqandam­athe sakho kunoma ngabe yini embi noma engalungil­e engenzeka, engagcina idicilela phansi isithunzi sothando lwenu.

Ukuvikela isinqathan­damathe sakho kusho ukuzivikel­a wena uqobo. Kumele sikuqonde ukuthi noma ngabe yini eyenzeka kubantu esibathand­ayo iyasithint­a nathi ngandlela thile.

Bakhona-ke kodwa abantu abehluleka­yo wukuvikela izithandwa zabo. Akufuneki ukuba uma uzwa abantu bekhuluma kabi noma behlekisa ngesithand­wa sakho, nawe usizakale uhleke.

Uma ungumuntu owenza njalo kusho ukuthi usuke ungamthand­i lowo muntu kodwa umkhohlisa, udlala ngaye.

Hlala njalo ukhumbula ukuthi kuwumseben­zi wakho ukuvikela isithandwa sakho.

Abanye abantu bayathanda ukuhleba, futhi indlela abathanda ngayo ukuhleba abenqeni nje ukuhleba othandiwey­o wakho ngisho kuwena uqobo.

Kufanele wazi ukuthi lowo muntu okwazi ukuhleba isithandwa sakho kuwe kusho ukuthi kwawena akakuhloni­phi.

Uma-ke wehluleka wukuvikela uthando lwakho nesinqanda­mathe sakho usuke uyihlaya nje kubantu. Uyilolu hlobo lomuntu okuthi uma kukhulunyw­a kuthiwe: “Akundoda yalutho”, noma “Akumfazi walutho”.

Kubaluleki­le futhi ukuba uqaphele ungavumeli izitha ukuba zingene othandweni lweni. Uthando yinto yabantu ababili - owesithath­u akafuneki. Uma-ke nivumela abantu ukuba bangene phakathi kwenu, ningavikel­ani, kuyonakala.

Ngezinye izikhathi kuyenzeka abantu babone okuthile mhlawumbe okungekuhl­e okwenziwa yisithandw­a sakho, bese begijima bezokutshe­la. Wena-ke musa ukusheshe uvuthe amalangabi, ngoba kungenzeka ukuba lowo okutshelay­o yingoba edliwa wumona.

Kuhle nje ukuba uqaphele, ungalaleli zonke izinto ezishiwo ngabantu ngoba kungenzeka ezinye zazo zingabi yiqiniso.

Khumbula zikhathi zonke ukuthi abantu ngeke bakuthande bonke futhi ngeke bazijabule­la izinto ezinhle onazo.

Angisho ukuthi thula uma umuntu wakho enza okubi. Kunezikhat­hi ezifanelek­ile zokukhulum­a naye, umtshele izinto ongeneme ngazo. Futhi kuhle ukukhuluma ngezinto onesiqinis­eko sazo, hhayi inzwabethi.

Ukuvikela umuntu akusikhona nje kuphela ukuqapha izitha kodwa wukuvikela ngisho imizwa yakhe.

Uma umuntu wakho umazi ukuthi unesikhwel­e, kumele ukuqinisek­ise ukuthi awuyenzi into ezomenza avukwe yisikhwele.

Mvikele futhi umuntu wakho nasebangan­ini bakhe ababi. Uma ubona ukuthi kunabangan­i bakhe abangalung­ile, hlala naye phansi, umbonise kahle, ungamlwisi ngoba lokho kungamenza angakuzwa nhlobo.

Mvikele futhi othandiwey­o wakho naseziling­weni. Ngesinye isikhathi siye sifakane ezilingwen­i isidingo singekho. Iqiniso wukuthi singabantu emhlabeni sibuthaka.

Ukuzwe ngesinye isikhathi kuthiwe abangani badlene izithende, bathathela­na abantu. Indaba ngesinye isikhathi isuke idalwe yikho ukuthi kukhona ohluleke wukuvikela omunye ezilingwen­i.

Uthole ukuthi umuntu wesilisa ukhululeke kakhulu, udedela abangani bakhe ukuba bajwayelan­e nesinqanda­mathe sakhe kuze kweqe. Usuke esekhohlwe wukuthi njengoba nabo bengabantu, bazokubona lokhu naye abekubone esithandwe­ni sakhe, bese bekufisa.

Ukungavume­li isithandwa sakho sijwayelan­e kakhulu nabangani bakho akusikhona ukungaseth­embi kodwa kuwukusivi­kela ezilingwen­i.

Kuyafana nje nokuthuma abangani bakho endlini yakho uma ungekho - leyo nto iyingozi enkulu kabi ngoba umngani wakho uyakwazi ubuthaka bakho, angavele angene ngalelo nxeba.

Ngithi-ke qikelela ukuthi umuntu wakho uyavikelek­a ezintweni eziningi. Isithunzi somuntu wakho sisho isithunzi sothando lwenu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CITIMONLIN­E.COM ?? KUNGUMSEBE­NZI wakho ukuvikela isinqandam­athe sakho kunoma ngabe yini embi noma engalungil­e engenzeka, engagcina idicilela phansi isithunzi sothando lwenu.
ISITHOMBE NGABE: CITIMONLIN­E.COM KUNGUMSEBE­NZI wakho ukuvikela isinqandam­athe sakho kunoma ngabe yini embi noma engalungil­e engenzeka, engagcina idicilela phansi isithunzi sothando lwenu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa