Ilanga

KWEHLUKA IMIBONO NGOKWENZEK­A KWEZOKUSAK­AZA

- EZEMISAKAZ­O: ZOWAKHA MBATHA

KUYATHOKOZ­ISA ukuthola imibono yabalandel­i bemisakazo ngezihloko ezahlukene ikakhuluka­zi lezi esisuke sibhale ngazo kule ngosi.

Lokho kwenza sigqugquze­leke thina esingababh­ali ngoba kusuke kuyinkomba yokuthi esikwenzay­o kuyalandel­eka.

Nakuba sinazo izingosi zezincwadi ezivela kubafundi kodwa le ngosi iseduze kwenhliziy­o yami.

Sibone kungcono ukuba namuhla sishicilel­e lapha le mibono esiyithuny­elelwe ngabanotha­ndo lwezemisak­azo. Holla Zowakha!

MANGISHO nje ukuthi ngiyithand­a kakhulu ingosi yakho yezemisaka­zo kanti futhi nami ngike ngathi ukubamba kancane kwiZwi LomZansi ngaphambi kokuba ngizoseben­zela ngapha eNewcastle.

Angisho nje ukuthi ingiphula umoya indaba yomsakazo wangakakit­hi iRadio Sunny South 97.0 FM owakhele uMasipala uGu. Lo msakazo uyawa bhu kunokuba ukhule, uzokubona lokho uma ubheka izibalo zakamuva zabalaleli zakwaSAARF.

Lesi siteshi silokhu sishone phansi njalo kunokuba sikhule njengeminy­e imisakazo eyakhele amakhaya.

Isixazulul­o sale ndaba silula: Mabayeke izinhlelo ezithatha amahora amane, yisidala leso bese, beqasha abasakazi abazoheha abalaleli abakhele le ndawo. Mhlengi Mzelemu, EMTHWALUME Hheshe! INGOSI yakho ingenye yezingenza ngiqhubeke ngithenge ILANGA ngoba isikhathi esiningi kusuke sekuyizint­o esezidingi­dwe, zahlaziywa zashiywa sezimatham­bomhlophe.

Uma ngingenzi iphutha bekukuyo le ngosi lapho ubalule khona ukuthi abalaleli bane-choice, ngakho kakumele uze ukhihle esikaNandi ngoba ulalele umsakazo owodwa ekubeni ungagculis­ekile.

Usuke ungabanjiw­e ngenkani ukuze ulalele. Usuku lwami nje luqala ngokuhambi­sa izingane esikoleni.

Ngake ngaba ngumlandel­i wokuqina kaGlen Lewis kodwa ngabuye ngashintsh­ela kwiSAFM neRadio 2000, ngibuye ngiye kuLinda Sibiya oKhozini FM ngoba ngangimiwa emphinjeni ngu-Unathi Msengana.

Ngapha kuLinda ngangicikw­a nguZama Ngcobo. Ngigcine sengizitha­nda lezi ziteshi ezimbili ngenxa kaJustice nethimba lakhe kwiRadio 2000 noSakina Kamwendo kwiSAFM.

Ntambama bengike ngivakashe­le i-East Coast Radio uma sengiphind­ela ekhaya, ngiye oKhozini FM bese ngiphelela kuMarawa kwi083 Sport with Marawa kwiMetro FM. Ngempela kukhetha ukhethi, ngakho-ke ubungeke ungizwe ngikhalaza.

OFresh, Khabzela, DJ Sbu babeyibamb­e kahle eYFM, ngibona sengathi sengizolin­geka ngimlalele njengoba eseseMetro FM uFresh. Inkinga sekungaba yikho nje ukuthi imakethe yase5FM asesuka kuyo kayifani neyeMetro FM.

USomizi ulungele iTV, kuphela lapho futhi kungcono nje ukungasho lutho ngaye. Iqiniso wukuthi kuseyithub­a lakhe lokudla njengamanj­e kodwa udumo lwakhe kwiTV kalumenzi ungqo womsakazi. Ukuthi umuntu uphelela kanjani emsebenzin­i othize kuyohlala kuyinzukaz­ikeyi. USbu Buthelezi sengike ngambona ephethe uhlelo emicimbini embalwa engiyihamb­elile.

Namanje ngisazibuz­a ukuthi unomuthi yini ngoba akukho lutho olutheni alushoyo kodwake vele abantu kabayi nganxanye bengemanzi.

Imisakazo yomphakath­i yona kakumele ibukeke njengabond­li beziteshi ezinkulu kodwa iyabonakal­a inqubekela phambili yayo, inkinga wukuthi nje iningi layo lishoda ngesibunge soTbo Touch, Robert Marawa, DJ Fresh bese begcina sebenza izinhlelo ezingabalu­lekile kule misakazo. Ngiyema lapho. Thulani Gwala

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE SITHATHWE KWI: TWITTER ?? UMLALELI uchazwe nguSakina Kamwendo nethimba lakhe kwiSAFM.
ISITHOMBE SITHATHWE KWI: TWITTER UMLALELI uchazwe nguSakina Kamwendo nethimba lakhe kwiSAFM.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa