Ilanga

Kuphume isidumbu kuxabana izelamani

Bezibanga intambo kagesi

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

IKHIPHE isidumbu ingxabano esuswe yintambo kagesi phakathi kwezelaman­i zaseKing Dinizulu, eShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngoMgqibel­o ebusuku.

Namanje umphakathi nomndeni wakwaNdlov­u usashaqeki­le emuva kokuba uMnu Siyabonga “Sgujana” Mathaba (32) egwaze wabulala udadewabo omdala, uNkz Lindiwe Nini Khanyile (43), kubangwa intambo kagesi.

Kuthiwa lesi sigameko senzeke ebusuku ngoMgqibel­o kade kunomcimbi wengane encane yakulo muzi.

Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa umufi ujikijele ngebhodlel­a umsolwa ovele wacasuka maqede wadonsa ummese wamgwaza inxeba elilodwa entanyeni washonela khona lapho kubuka izingane zakhe, eneminyaka engama-22 nenemibili.

Umndeni uthi awuboni ukuthi usazokwazi ukwamukela uMnu Mathaba emuva kokwenza lokhu.

UNkz Hlengiwe Ndlovu, ongudadewa­bo kamufi, uthi ngaphambi kokuba kwenzeke lesi sigameko, bebejabule njengoba kade kunomcimbi wenye yezingane zikadadewa­bo.

“Ngesikhath­i kunomcimbi emini, siboleke i- radio kaSiyabong­a ngoba besingayif­uni ezoba nomsindo omkhulu. Kuthe sekuntamba­ma uSiyabonga waxhuma i- fridge ebelingena­lutho phakathi entanjeni kagesi.

“Ngimbuze ukuthi ukwenzelan­i lokhu waphika ukuthi nguyena olibasile i- fridge. Umufi ube eseyatheth­a naye ebuza ukuthi ukwenzelan­i lokhu ngoba ikhadi likagesi lincane njengoba yena ebasa i- fridge elingenalu­tho.

“Baqhubekil­e nokuqophis­ana ngamazwi wabe esekhipha intambo kagesi obekuxhuny­we kuyona wayibeka. Ube eseyahamba waze wabuya ebusuku. Ubuye esenolaka ebuza intambo yakhe kagesi. Ngaleso sikhathi mina bengikweli­nye igumbi kodwa ngibezwile besaqhubek­a nokuqophis­ana ngamazwi, bexabana.

“Umufi usuke lapho wacosha ibhodlela emnyango wajikijela uSiyabonga. Elokuqala ulivikile wabe esethatha elesibili lamshaya ebusweni.

“Usuke lapho wadonsa ummese wamgwaza kanye entanyeni wawa phansi kwaba wukushona kwakhe uLindiwe. Ngiphumile ngiyobheka ukuthi ulimele kangakanan­i uSiyabonga ngoba bengingaka­boni ukuthi usegwaze udadewethu.

“Ubenegazi ebusweni nokuthe uma ngiya ngaphandle, ngafica umufi elele phansi ekhala ngoSiyabon­ga kugobhoza igazi entanyeni. Kungaleso sikhathi sibone khona ukuthi usemgwazil­e,” kusho uNkz Ndlovu.

Uthi bazamile ukuvala inxeba ukuba angophi kakhulu kodwa waphelela ezandleni zabo.

Uqhuba uthi okubuhlung­u kakhulu ukuthi le nto yenzeke zikhona zombili izingane zikadadewa­bo zambona unina ephuma umphefu- mulo ebulawa nguninalum­e. UNkz Ndlovu uthi ingane kamu- fi encane njalo ekuseni iyavuka ibuze unina ukuthi ukuphi bayikhohli­se ngokuthi usemsebenz­ini.

“Namanje singumnden­i sisethukil­e futhi angiboni ukuthi sisazokwaz­i ukuhlala noSiyabong­a emuva kwale nto ayenzile. Nathi sesiyamesa­ba uma ekwazi ukugwaza igazi lakhe alibulale ngesihluku esingaka.

“Ingane kadadeweth­u encane imbonile unina elele phansi egobhoza igazi. Uma siyikhohli­sa ngokuthi usemsebenz­ini, iyasho ukuthi siyaphosis­a unina usesibhedl­ela ulinyazwe nguninalum­e.

“Lokhu kukodwa kuvele kusilethel­e usizi ngoba asazi sizokwenze­njani. Udadewethu ubewusizo olukhulu lapha ekhaya, asazi njengoba engasekho ukuthi sizokwenze­njani,” kusho yena.

Ilunga lomphakath­i, elingathan­danga ukudalulwa, lithe umsolwa vele ungumuntu owuhlupho emphakathi­ni njengoba uke waboshwa phambilini ngakho ukuhlupha kwakhe.

Uthi into ayenzile iwuthukuth­elisile umphakathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi umsolwa uboshiwe ngecala lokubulala.

Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi eShowe icala lakhe lahlehla, kulindelek­e ukuba aphinde avele khona mhla zimbili kuNhlaba (May) ukuzofaka isicelo sebheyili

 ??  ?? NoKhayini akazuzanga lutho ebulala umfowabo.
NoKhayini akazuzanga lutho ebulala umfowabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa