Ilanga

BUPHI UBUFAKAZI NGOKUFA KUKAJESU?

- Thembinkos­i Mbuyazi, ETHEKWINI

MHLELI: Uma abantu bexoxa ngesigamek­o abasibona sibaluleki­le kodwa baphikisan­e ngemininin­gwane emqoka ngaso kuye kube khona ungabazane ngobuqinis­o baso.

Uma sikubeka eceleni ukuthi kabukho ubufakazi obukhomba ukufa kukaJesu, into ekhona wumbhalo nje othi wafa, sithathe ngokuthi wafa ngempela bese sibheka imibhalo ngokuvuka kwakhe. UMathewu 28:5 usitshela ngoMariya ababili abaya elibeni ekuseni. UMarku 16:1 yena uthi bathathu uze asinike namagama abo. ULuka 24:1 (uqale ku-23:55) usitshela ngabesifaz­ane angasho nokho ukuthi babebangak­i. Akazimisel­e nangokusho uMariya Magdalena obalulwa yilabavang­eli abathathu.

UJohane 20:1 yena-ke uthi munye umuntu wesifazane owaya elibeni. Kubona bobane abavangeli yimuphi ositshela iqiniso?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa