Ilanga

KUGXABHA AMATHUMBU KWI-PIRATES NGE-WITS

Unovalo lweWits engagayelw­a mphako

- SENZO SOKHELA

INGEBHE kuKjell Jonevret ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates ezodudulan­a neBidvest Wits kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesine ngo19h30 eBidvest Stadium, eGoli.

IBucs iya kulo mdlalo nje, isefomini njengoba imiphumela isiyivuna. NgoMgqibel­o iguqise iChippa United ngo-2-1 koweligi eSoweto.

UJonevret uthi ubona ingozi kwiWits.

“IWits ngiyayesab­a ngoba ilwela isicoco seligi, ngendlela ezami ezibuye zibe namaphutha awubungane ngayo nginovalo. Phela iWits inabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu abangawabh­eki amaphutha.

“Kodwa-ke sizozama ngawo wonke amandla esinawo ukunciphis­a amaphutha nasemuva siqine ukuze siwunqobe lo mdlalo. Ithuba sinalo futhi-ke ne- top 8 siyigaqele ngakho-ke kubaluleki­le ukuthi siwunqobe lo mdlalo,” kusho lo mqeqeshi ogcizelele ukuthi emdlalweni neChippa babe nenhlanhla yegoli lesibili ngobudeden­gu bukanozint­i.

UMoeneeb Josephs, ovimbela iWits, uthi ngeke bayivumele iPirates ukuthi ime endleleni yabo.

“IPirates isefomini kulezi zinsuku kodwa ngeke sivume ukuthi isiphazami­se emgqigqwen­i wethu wokunqoba iligi,” kusho uMoe-

neeb.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ezokuba phakathi nesonto nangempela­sonto iqhathwe kanje:

NGOLWESITH­ATHU ELucas Moripe: SuperSport United vs Bloem Celtic 19h30.

NGOLWESINE

ELucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Platinum Stars 18h00.

EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Orlando Pirates 19h30. NGOLWESIHL­ANU

E-Athlone: Cape Town City vs Free State Stars 19h30. NGOMGQIBEL­O

ESisa Dukashe: Chippa United vs Ajax Cape Town 15h00.

E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs SuperSport United 18h00.

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Golden Arrows 20h15. NGESONTO

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Mamelodi Sundowns 15h00.

ERoyal Bafokeng: Platinum Stars vs Highlands Park 15h00.

EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Maritzburg Utd 15h00.

senzos@ ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UKJELL Jonevret ocija iBucs akeneme ngamaphuth­a abadlali bezakhe. Lapha ubonakala eluma indlebe u-Oupa Manyisa ongukapute­ni wale kilabhu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UKJELL Jonevret ocija iBucs akeneme ngamaphuth­a abadlali bezakhe. Lapha ubonakala eluma indlebe u-Oupa Manyisa ongukapute­ni wale kilabhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa