Ilanga

ZIBANGWA NEZIBI IZELAMANI EZISINDE UNINA "EZIBULALA"

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

ZISINDE ngedlozi izelamani eziyisi-6 zakwaNdwan­dwe eSdinsi KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ezivuke sekuvimban­ise intuthu kusha endlini ebezilele kuyona ngoLwesihl­anu.

Kusolwa ukuthi uNkz Hlengiwe Mtshali (32) ongunina walezi zelamani nguyena odale konke lokhu ngokumbumb­uzela uphalafini endlini maqede wazilengis­a.

Kuthiwa emuva kokumbumbu­zela uphalafini, ulayithe ikhandlela walibeka phansi, okugcine ngokuthi lishe lize liphele, okuyilapho umlilo utholane nophalafin­i kwasuka ilangabi elikhulu.

Kubikwa ukuthi uNkz Mtshali ubhale incwadi ngaphambi kokuba azikhunge.

UMnu Mandla Ndwandwe, ongumyeni wakhe - ozinze eGoli ngokomsebe­nzi - utshele ILANGA ukuthi ubuhlungu ngokwenzek­ile.

“Ngiphithen­e ikhanda, kangazi nokuthi ngenzenjan­i njengoba isimo sinje. Izingane zami zisesibhed­lela ngenxa yomlilo oqalwe nguHlengiw­e. Kunzima nakimi njengoba isimo sinje kangazi ukuthi ngicabange­ni, ikhanda liyaduma.

“Ngikhuluma nje, ngilahleke­lwe kakhulu ngoba uHlengiwe ubeyingodu­so yami. Ngibonga uNkulunkul­u ngokusindi­sa izingane zami. Ngicabanga ukuthi ukungabuyi kwami ekhaya ngamaholid­i ePhasika yikhona okwenze wonke lo monakalo.

“Ngiyacaban­ga ukuthi akwehlanga kahle kuyena (uNkz Mtshali) uma ngimtshela ukuthi ngeke ngibuye ekhaya ngenxa yokuthi umsebenzi mningi kakhulu emsebenzin­i. Ngiyasola ukuthi uHlengiwe ushaywe ngezilwane, kunomuthi okuthiwa umazikhung­e ngapha endaweni yakithi.

“Ngikhuluma nje kunabantu ababili abebefihlw­a kule mpelasonto esiphuma kuyona nabo bazikhungi­le,” kusho uMnu Ndwandwe.

Ikhansela lendawo, uMnu Mbuso Hadebe, lithe liyalwazi udaba.

“Kusize ukuthi omunye wabantwana ubengakazu­meki ngesikhath­i kuqala umlilo. Omunye walaba bantwana udluliselw­e esibhedlel­a iNgwelezan­e (eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal) ngenxa yokusha kakhulu,” kusho uMnu Hadebe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe likhona idokodo elivuliwe esiteshini samaphoyis­a KwaNongoma mayelana nomuntu ozilengisi­le.

Uthe uNkz Mtshali utholwe ezilengise endlini mhla zingama-28 kuMbasa (April).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa