Ilanga

Bahlaba udungunyan­e

Okudlule kulo abakamasik­andi

- MTHOBISI SITHOLE

SIGXEKWE nhlangothi zonke isenzo sokudubula­na kwabantu ngempelaso­nto ezinkundle­ni zemidlalo eCurries Fountatin, eThekwini ngoMgqibel­o ngenxa yempi yabaculi bakamasika­ndi. Kushone ababili kwalimala abathathu kulesi gameko.

Ingqalabut­ho kwezokusak­aza umculo wesintu, uMnu Welcome “Bhodloza” Nzimande, ithi kuyihlazo ukuthi kusekhona abalandeli abehlisa isithunzi salo mculo. Uthi kubaluleki­le ukuba abahleli bemicimbi banikezwe ithuba lokukhulum­a ngezokuphe­pha emisakazwe­ni uma bezohlela umcimbi.

“Amaciko kumele ahloniphe umsebenzi wawo kanti nazo izinduna zabalandel­i mazihole abantu ngeqiniso. Kuyihlazo ukuthi umasikandi usazoduma ngezimpi emuva kwemizamo eminingi yokubuyisa isithunzi sawo,” kusho uMnu Nzimande.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kwenzekile ukuhlasela­na kwabalande­li ngesikhath­i somubango wezinsizwa ezingasekh­o emhlabeni uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo noMtshengi­seni “iNdidane” Gcwensa. UMnu Shobeni Khuzwayo owayepheth­e uMgqumeni ngaphansi kwenkampan­i yeZingane Zoma Music Production, uthi le nto isiyaphuma esandleni futhi kuyaqala ngqa ukudutshul­wa kwabantu emcimbini.

“Abaculi kumele bakuqonde ukuthi umculo uyibhizini­si kubona. Uma kuzokwenze­ka kanjena bazozibeka egcupheni yokungaqas­heki emicimbini. Lokhu kushiya imibuzo yokuthi bazokhuzwa ngubani ngoba bahlule amakhosi abo, okuyinto esingakaze thina siyizwe yokuthi umuntu engaphamba­na nomyalelo wenkosi,” kusho uMnu Khuzwayo.

Ngakolunye uhlangothi uMnu Sxhobo Mpungose we-Amon Music Production obephethe iNdidane, uthi uyakugxeka kakhulu ukudlula kwemiphefu­mulo yabantu ngenxa yalo mculo. Uveze nokuthi kumele kutholakal­e isixazulul­o kanjalo nomsuka wengxabano. UKhuzani uthe uyazwelana nemindeni ela- hlekelwe ngamalunga ayo wanxusa abaculi ukuba babumbane babe yinto eyodwa ngoba lokho kuzokwenza nabalandel­i babumbane. Mayelana nesigameko, uthe:

“Imbangela yokudungek­a komci- mbi mayibuzwe kumhleli wawo ehlangene noMjikijel­wa ngoba bebehlelil­e ukuthi kuzobulawa igama lami kwazise baqhamuka ngandawony­e KwaMaphumu­lo.

“Ukubona kwabo ukuthi ngisemathe­ni kulezi zinsuku ngisanda kuthola nezindondo, basebenzis­e umcimbi wabo ukudicilel­a phansi igama lami. Vele ngicelile ukucula ngalesi sikhathi sehora lesi-7 ngoba bese ngazi izinhloso zabo.

“UMjikijelw­a ukhulume nomhleli womcimbi wathi mina mangibhule­le bona amazolo bengoNdabu­zekwayo bavale nomcimbi uma sebeculile ngabodwana. Lokho kubonakale ngokuthi bona bebezocula bukhoma mina kwathiwa mangilingi­se i-CD.

“Lokho bekuhloswe ngakho ukungicind­ezela ekubeni izwe lazi kahle ukuthi ngubani uKhuzani futhi kunabaculi abebefonel­wa nguyena uMjikijelw­a ngezingxox­o zenkokhelo, okuyizinko­mba zamandla akhe kulo mcimbi.

“Kwakhona ukuphazany­iswa kwami bekuhleliw­e njengoba bekuqala ngqa emcimbini ukuthi abalandeli beGcokama nabakaMjik­ijelwa bafike bewumshung­u. Izibhamu ziqhunyisw­e ngicula, akekho okhuzile. Ngize ngaphuma ngibona ngingaphep­hile,” kusho uKhuzani.

Uyakuvuma ukuthi uhlanganil­e nabalanade­li bakhe isinguyaza­ne kodwa wabakhuza ekutheni bangaphaza­misi nakuba yena kade esephazany­isiwe wuhlangoth­i lwase- East.

UNgqongqos­he wezo-buCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, usezwa-kalise okukhulu ukushaqeka nga-lesi sigameko. Uthi lesi sihlava se-sifuna ukuba yinsakavuk­ela kulolu hlobo lomculo.

UMthandeni ufoneliwe ukuze aphuwule ngalokhu kodwa akalubamba­nga ucingo kwaze kwashaya isikhathi sokuloba kanti UMjikijelw­a uthi yena akahlangen­e nokuhlelwa kwalo mcimbi nokuthi abaculi balandelan­a kanjani ukungena esiteji.

“Okusho ukuthi iphutha lami kube wukubuza uKhuzani ukuthi akalamuli ngani abantu bakhe kwazise isigemegem­e sokuqala okuthiwa sithinta abeGcokama senzeke ngingakafi­ki emcimbini kanti abalandeli bakhe ngibabonil­e behlupha.

“Nami ngidumele uma ngibona uKhuzani esecula ngezikhath­i zakusihlwa kwazise sivamise ukudlala naye ebusuku kakhulu,” kusho uMjikijelw­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? BESE begcwele isiteji abalandeli bakaKhuzan­i Mpungose enandisa esiteji kanti lana kungesikha­thi kade befuna ukubuka kahle izimbangi zabo ebeziza ngemuva ngolaka.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA BESE begcwele isiteji abalandeli bakaKhuzan­i Mpungose enandisa esiteji kanti lana kungesikha­thi kade befuna ukubuka kahle izimbangi zabo ebeziza ngemuva ngolaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa