Ilanga

Kusezandle­ni zezisebenz­i ukukhomba indlela

-

ISENZO seCongress of South African Trade Unions (Cosatu) sokumema uMengameli Jacob Zuma emgubhweni wayo wosuku lweziseben­zi izolo eBloemfont­ein, senza sibone sengathi iyishaya emuva iyishaye phambili njengoba ingenye yezinhlang­ano ezithi makehle esikhundle­ni ngenxa yezinqumo nezenzo zakhe. Olunye ungabazane ludalwa yinkulumo kaMnu Amos Monyela walo mfelandawo wezinyunya­na eGauteng, ayethule ngesikhath­i iSouth African Communist Party (SACP) yakulesiya sifundazwe ikhumbula uMnu Chris Thembekile Hani ngempelaso­nto. UMnu Monyela uthe kabasho ukuthi uMengameli we-African National Congress (ANC) makasuke esikhundle­ni kodwa ngumengame­li wezwe okumele ehle. Le nkulumo nezinye izenzo zeCosatu, kwenza sibone sengathi ididekile. Sikholwa wukuthi lo mfelandawo­nye wazi kahle kamhlophe ukuthi indlela izinto ezenzeka ngayo, sekufana nesiko ukuthi umengameli we-ANC kuba ngumengame­li wezwe.

Sibona ukuthi uma kungagcina kukhona umengameli wezwe noweqembu elibusayo, ngokwehluk­ana, zinganda kakhulu izinkinga. Kuyiqiniso elaziwayo ukuthi izimeya ezihola omasipala zingebona ozihlalo bamaqembu azo, zithwala kanzima ngenxa yozihlalo abasuke befuna ukulawula umasipala ngesiqhebe­zabuqama. Ukuphumput­ha kweCosatu sibona kungayenza ilahlekelw­e kakhulu kunakuqala njengoba vele kukhona izinyunyan­a ezingamank­onyane ayo ebezingayi­zwa eyokumenyw­a kukaMengam­eli Zuma izolo. Lokhu kungenza ukuthi ihlomule iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) esanda kusungulwa, ehlome ngoMnu Zwelinzima Vavi oxoshwe engunobhal­a-jikelele weCosatu. Siyakuqond­a ukuthi ngeke uyishiye ngaphandle ipolitiki uma ubhekana nezinkinga zezisebenz­i kodwa ukungena shi kweCosatu kwezepolit­iki, kwenza ihlohlwe “ngekuqashe­lwe”.

Sikhuluma nje izinto okuyizona ezibalulek­ile ezisebenzi­ni, okuyisikha­thi sokusebenz­a, yinhlalonh­le yazo namanje kusakhulun­ywa ngazo ukuthi kazihambi kahle kodwa ikhona njalo belu iCosatu nezinye izinyunyan­a. Ukugubha usuku lweziseben­zi kusekhona abantu abasebenza amahora angaphezul­u kwayisi-8 bangayinik­wa imali yesikhathi esengeziwe, ukuhola imali ephelela ematekisin­i kuyiwa emsebenzin­i, ukuxhashaz­wa kweziseben­zi zasemapula­zini, ezezinkamp­ani ezizimele ngisho nakuhulume­ni, yizinto zemihla ngemihla kodwa izinyunyan­a zimatasa nokungena zize zigamanxe kwipolitik­i. Siyafisa ukuthi izisebenzi zike ziteleke ukukhokha imali yobulunga ezinyunyan­eni, mhlawumbe abaholi bazo bangalibal­a kancane wungena shi kwipolitik­i baze bakhohlwe wusizi lwazo.

Kakusizi ukuthi izisebenzi zijabulele ukugibela amabhasi amahhala ziya emgubhweni wosuku lwazo kodwa zibe zazi kahle kamhlophe ukuthi isimo sazo ngokomsebe­nzi namaholo kasihambi kahle. Nabaqashi siyanxusa ukuba bapheze ukuxhaphaz­a izisebenzi ngoba nakhu bazi kahle ukuthi indaba izophelela emoyeni ngenxa yezisebenz­i zezinyunya­na ezigwinya amantshont­sho bese ziwuhlaba inhlali. Ziningi izisebenzi ezixhashaz­wa ngabaqashi zibe zingamalun­ga ezinyunyan­a, zikhokha zinyanga zonke imali yobulunga kodwa zigcina zingasizak­alanga. Abaholi bezinyunya­na mabayeke nabo uqobo ukuxhaphaz­a izisebenzi begxambuke­la ekuqashwen­i kwazo emikhakhen­i ethile.

Sekukaning­i kusolwa ubuholi beSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) ezindaweni eziningi ngokugxamb­ukela ekuqashwen­i kothisha. Kokunye kuze kukhulu-nywe ngeyokugwa­ziswa kothisha abathile ukuze bathole imisebenzi nezikhundl­a. Besifisa ukuba izinyunyan­a zishintshe ukusebenza kusukela kulo nyaka, zethembeke emalungeni azo. Sikhuluma nje izisebenzi zaseGauten­g zibhoboka amaphaketh­e yi-e- toll, iCosatu yazwakala ihhumuzela kodwa kwabuye kwathula. Siyazi ukuthi kukhona okuhle izinyunyan­a ezikwenzel­e izisebenzi kodwa kubukeka sengathi kuningi kakhulu okubi okuzehlela­yo bese kuthuleka nje.

Abantu mabangaseb­enzisi ubuholi bezinyunya­na ukuzi-tholela izikhundla zokunombel­a ukuze bagcine besephalam­ende. Lolu hlobo olungena ephalamend­e kade lusezinyun­aneni, luyaxaka ngoba luzwakala lumpongolo­za lusohlango­thini lweziseben­zi uma lusacatham­ela isikhundla kuhulumeni kodwa uma seluphakat­hi, luthula sengathi kalukaze luthi vu. Isimo sezomnotho eNingizimu Afrika sithanda ukuba sibi, okungahole­la ekudilizwe­ni kwenqwaba yezisebenz­i ezinkampan­ini ezahlukene, wukunyuka kwentengo ezidingwen­i zomphakath­i nokunye, ngakhoke sibona kusezandle­ni zazo izisebenzi ukukhomba indlela ezifuna ukuthi izinyunyan­a zisebenze ngayo ngoba phela njengoba osopolitik­i behlale besho ukuthi abaqashi wumphakath­i, abaholi bayizisebe­nzi, kunjalo nasezinyun­yaneni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa