Ilanga

IZINKANYEZ­I SEBASTIAN JILI

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

ISIKHATHI sokulinda umvuzo othile empilweni yakho sikufanele kakhulu. Lokho okucabanga­yo ungagcini ngokukucab­anga kodwa kumele ukwenze.

ARIES (March 21-April 19)

IZINKINGA zomndeni ngeke zilunge ngokushesh­a. Abantu oxhumene nabo bazokuthok­ozela kakhulu ukusizwa nguwena ngoba unothando lokusiza abanye.

TAURUS (April 20-May 20)

UYAKWAZI ukubumba amasu aphusile uma ubambisana kahle nabomndeni wakho. Uma ukwazi ukulawula ngokucophe­lela imicabango yakho, izokwazi ukukuvezel­a imigudu okumele uyilandele.

GEMINI (May 21-June 21)

UBUYE ufikelwe wukulahla ithemba ngezinye izinhlelo zakho. Uyakwazi ukuzimela ngokomqond­o futhi kawukuvume­li ukuthathel­wa izinqumo. Omunye obekumele akusize ubona sengathi uyanqikaza.

CANCER (June 21-July 22)

UKUTHUTHUK­A komqondo wakho kuzokwenza ucabange izinto bese uyazenza. Impumelelo yakho izodinga ukuba usebenzise ubuhlakani obukhulu kakhulu. Vumela umqondo usabalale ezintweni ezithinta ikusasa lakho.

LEO (July 23-August 22)

UKUNYAKAZI­SA umzimba ngokuzivoc­avoca, kungakusiz­a uhlale uwumqemane. Kuzodingek­a ufunde ukonga ukuze uzokwazi ukubhekana nesikhathi esizayo sempilo.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

KUGWEME ngempela ukuhlehlis­a izinto uma ufuna impumelelo empilweni yakho. Unesikhath­i esiningi sokuhlaziy­a izimo zempilo ukuze uzokwazi ukuxwayisa nabanye ngobunjalo bempilo.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

THATHA isikhathi esanele ucabanga ngoba ungase uthathe izinqumo ezibucayi. Uyaqonda ukuthi ikusasa lakho kalincikil­e komunye umuntu kodwa lincike kuwena uqobo.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UKUCABANGA kwakho kumele kuhleleke kabusha. Qaphela ukuthi kawuzenzi izethembis­o ongeke uzifeze kakhulukaz­i ebudlelwan­eni bakho. Izinguquko ozozibona zizohambis­ana kakhulu nalokhu okucabanga­yo.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

IQHAZA lakho linakwe ngabantu abaningi abahlukene. Kumele ukwenze kube wumgomo ukusebenzi­sa sonke isikhathi sakho uze ufinyelele enhlosweni yakho.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KUMELE uvele uhlale amagqozo kuzona zonke izinhlelo zakho ngale kokungabaz­a. Isimo sakho sezimali sibonakala sintenga uma ubheka uhla lwezidingo zakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

JULISA umqondo ucabange izindlela ezintsha zokunyusa izinga lokuphila kwakho. Ukwakha amasu aphusile kumele kuhambisan­e kakhulu nesimo okusona. Kudingeka ube nodlebe ukuze uzofunda okumqoka empilweni yakho.

PISCES (Feb 19-March 20)

UYABONA ukuthi uhlangothi oluhambisa­na nemibono yakho luya ngokugqama. Ungagqama umfutho wakho uma uzikhumbuz­a ngokuhlaba­na kwakho. Kunemizaba­lazo eminingi ozibekele ukuyinqoba ngesikhath­i esithile.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa