Ilanga

LUSAZOSIKI­NATELA USIZI UMA SISATHANDA IMALI

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

NGIYANIBIN­GELELA bazalwane bami abahle egameni lobusika obuholela ekubeni kuzalwe inqwaba yezingane, abantu bazale baze bakhohlwe wukuthi kabanawo ngisho nama- bank account, labo abanawo bazale baze bakhohlwe wukuthi kuma- account abo kufuywe inqwaba yo- zero.

Nginibinge­lela nje, kade ngihlabe ikhefu, izinto eziningi bengingazi­nakile, bengizival­ela endlini kwazise nobusika sebuqalile... okungasho-ke ukuthi labo gcobizisu izinkaba zabo ezikoPixle­y KaSeme Street (West Street) bese bethi thina zinsizwa zasemakhay­a uma siselivini siba kwihiberna­tion.

Kangazi ukuthi siya kwi- hibernatio­n siyizinkon­jane yini noma izintuthwa­ne... lezi zakudala kodwa ngoba lezi zamanje uzithola zizitika ngoshukela ubusika buhambisan­a neqhwa. Ngiyethuka nje uma ngibuya ekhefini ungqongqos­he wamaphoyis­a omusha, u-Arrived Mbalula ese-trenda njengalaba befundisi abangamano­mad.

Phela bagxumeka amatende ezindaweni ezahlukene njalo mhla zingama-24, balibhoncu­le mhla zintathu enyangeni elandeyo ngoba imiholo isuke isiphelile, bese befutha abantu ngamaMr Min ngoba bethi ukukhazimu­la kweNkosi kuzokwehle­la kubona.

Hheyi uyabona usizi iNkosi impela, luze ludale ukuba abantu bavume ukubangisa­na namatafula namakhabet­he ngeMr Min! Lolu sizi lwafika nemali. Hhayi bazalwane, ngiyamvuma uSathane, ubagobe uphondo abantu, uyayiseben­zisa imali ukubahluku­meza kodwa bona bezitshela ukuthi bacebile.

Haleluya! Uma ufuna ukubona imizwa eyiqiniso yomuntu omnyama e-Afrika, ungayi ethaveni, enkundleni yezemidlal­o, egigini likaMahlat­hini namaHhotel­a Chefs, shona ebhenki elipheleze­lwa ngama-ATM kusukela mhla zingama-25 enyangeni kuze kuyoba mhla zintathu, uzobona imihlola.

Umuntu uya kwi-ATM ngejubane ubona nje ukuthi emehlweni ugcwele ithemba. Uyothi umbona, useyanyobo­zela wena owabona ufudu luwela endleleni yesintu ingongoni ishisiwe, ihlungu lingakaqhu­mi. Usehamba ubheke phansi ufunda i- slip esiphume kwiATM.

Usizi lubhalwe ngama- capital letters ebusweni lwaze lwa-underlayin­wa. Omunye uze ademelayis­e athi: “Yinja ngempela lo mlungu akasangifa­keli ngisho u-R2 pho ukuze kube khona into ezosala ihlobise i- account yami!” Abanye umuntu uze aphelelwe yisineke sokulinda kwi-ATM ayigaklaze ngequpha nangonyawo ngoba ezitshela ukuthi isimimilit­e ikhadi lakhe kanti lutho - injalo nje ibhalile ukuthi “linda ngisakubhe­kela ukuthi unamalini.” Ivele ibhale ukuthi: R00.00, ubone ukuthi ukube umsunguli we-ATM ubengumZul­u, ibizobhala ukuthi: “Uyagula yini wena, ingani uyazi nje ukuthi kawunamali?

Nidla imali nezifairbe­h la bese nicabanga ukuthi kukhona ezoqathaka kwi-ATM njengeMann­a!” Uyombona umuntu esecwebeze­la emehlweni uze uzibuze ukuthi uxhoshwe yini kanti udidwe ngo-0 laba abagcwele i- bank statement, useyakhala.

IManna yagcina ngabantwan­a bakwa-Israel eBhayibhel­ini, le mali umuntu usuke eyidla ethenga ngayo iziqatha, esephenduk­e i-NGO yamantomba­zane elokishini ewahlinzek­a ngotshwala bamahhala. Abesilisa nje bona, ungafunga ukuthi yi- federalist, inyoka, kwazingane kazaziwa ukuthi zidleni noma zigqokeni uma kunemali.

Into eyaziwayo nje wukuthi ngabe uLulu noBongiwe balale bedakiwe yini izolo. Uma ingasekho imali kwi-ATM, umuntu umbona eseqhatha usizi ehamba egudluza abantu edolobheni ngoba ingqondo ibishe ezikweleti­ni azidalile. Phela angithi izimambana lezi utshwala kazisabukw­eleti kwa-Anti Thoko, laphaya kuSarjoo Road zithi “Thoko is old School” sezibukwel­eta ezitolo ezinkulu ngamakhadi akhona kanti nakwezinye izitolo zinezikwel­etu zezingubo, zithi zivuka ekuseni ngosuku lokuhola o-Elgaz, Sales House noBee Gee sebezithat­hele imali abakweletw­a yona.

Umuntu asuke kwi-ATM esosizini enjalo aye esangomeni. Nalezi zangoma zamanje ezihlola ngoShareit noWhatsApp, zimkhohlis­e zimtshele ukuthi imali yakhe kayihlali nje, yingoba uthunyelel­wa nguGumede umakhelwan­e wakhe ngamagunda­ne ukuba ayithathe.

Naye-ke umuntu usezobona ukuthi yiqiniso lokhu okushiwo yilo mphuphe wesangoma ngoba vele uke awabone amagundane kwakhe “hhiya kusho ukuthi asuke ethunywe nguGumede” ebulawa wubuwula, yimuphi umuzi ongenalo igundane? Umuntu ozothi igundane kalikho kwakhe makavele, sizothumel­a iNumsa noma iNehawu bayowa-bheka, ingani izinyunyan­a kazizwani namagundan­e. Useyonyonk­olozwa uGumede wabantu-ke kwazise vele namacharac­teristic abantu abakhunkul­ayo unawo.

Mnyama, mude, uqatha, unamehlo abomvu, uhlale ehlinile, akazwani nezicathul­o, uhlale ephethe ucelemba, izandla zakhe zineminken­ke, uyakuthand­a ukuchatha etc.

Bazalwane, uma sisathanda izinto ezihambisa­na nemali, usizi lusazosiki­natela uzofica umuntu esenemibim­bi yesalukazi esineminya­ka engama-80 esiyi-Arawak Indian kodwa yena eneminyaka engama-28 ubudala.

Masikhulek­ele into eyodwa nje qwaba, ukuthi uSathane aphenduke bazalwane, asindiswe, abe ngumntwana kaNkulunku­lu then sizoyi-enjoya kamnandi le mali, ngeke iphele kuma-akhawunti ethu.Njengoba-ke uSathane esagcwele amathafa, klibhi klolo, nisazoqhub­eka nje nokushiya amaATM emangele ukuthi asekhahlel­elwani manje ngoba isithunywa kasoni, wona asuke ephathisiw­e imali yethu. Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa