Ilanga

U-IGESUND USIKAZA UKUTHI KHUMU EKUQEQESHE­NI KWI-PSL

- SENZO SOKHELA

ANGASE athathe umhlalapha­nsi ekuqeqeshe­ni amakilabhu agijima kwi-Absa Premiershi­p uGordon Igesund ( osesithomb­eni) okhonjwe indlela yiHighland­s Park ikhala ngokugqoza kwemiphume­la.

Ligqabukil­e igoda phakathi kweHighlan­ds no-Igesund emuva kokuba le kilabhu iguqiswe yiBidvest Wits ngo-2-0 koweligi ngoLwesihl­anu ebusuku eMakhulong Stadium, eTembisa.

Lo mqeqeshi oke wacija neBafana Bafana uxoshwa nje, ubesanqobe imidlalo emibili nje kuphela selokhu ethathe izintambo zokuqeqesh­a ngoMfumfu (October) ku-Allan Freese ofake le kilabhu kwiPremier­ship.

ILANGA lihletshel­we ngumthombo walo osondelene noIgesund ukuthi angase athathe umhlalapha­nsi ekuqeqeshe­ni esigabeni esiphakeme kwazise usehlale isikhathi eside futhi wazuza okuningi. Lo mqeqeshi ubambe irekhodi lokunqoba izicoco ezine zeligi namakilabh­u ehlukene kwiPremier Soccer League (PSL) okuyinto engakaze yenziwe ngomunye umuntu.

“Ngigcina ukukhuluma naye ungitshele ukuthi usekwenze konke ekuqeqeshe­ni esigabeni esiphakeme ucabanga ukuthatha umhlalapha­nsi abhekane nokuthuthu­kiswa kwebhola emazingeni aphansi. Nokho sizobona ngoba abaqeqeshi bangomalal’ ephenduka,” kusho umthombo ocele ukuba igama lawo lingadalul­wa.

Imizamo yokuthola u-Igesund ukuba aphawule kulolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

UMike Makaab wakwaProsp­ort Internatio­nal, okuyinkamp­ani ephethe izindaba zika-Igesund, wale waphetha ukuphawula ngodaba lwalo mqeqeshi wathi lumethusil­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa