Ilanga

Inkombanko­mbane kufa abalandeli bakamaskan­di

Kukhonjwa uKhuzani, yena ukhomba uMjikijelw­a

- MTHOBISI SITHOLE

SIPHOXE ngisho amakhosi isigameko esenzeke ngoMgqibel­o enkundleni yezemidlal­o iCurries Fountain, eThekwini, kwiNqokoth­o Masikandi Festival lapho kuzamule khona inganono kwaphangal­ala abalandeli ababili bakamaskan­di kwalimala abathathu.

INkosi Bonga Mdletshe yaseHluhlu­we, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ephethe uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, “oyinkukhu nempaka” noKhuzani “iNdlamlenz­e” Mpungose ithe kumele laba baculi baphumele obala batshele izwe ukuthi bafuna izidumbu ezingaki emhlabathi­ni bese bezibiza ngamaqhawe kamaskandi.

INkosi Zakhe Mpungose yaseNkandl­a, lapho kudabuka khona iNdlamlenz­e, ithe kwakukhulu­nyiwe nalaba baculi betshelwa ngale mpi yabo. Amakhosi akhuluma kanjena, eCurries Fountain kusuke esinamatha­mbo kudubulana abalandeli beNdlamlen­ze nabeGcokam­a. Kulesi sigameko kushone umlandeli kaMjikijel­wa “iChalaha” Mpungose, uMnu Salabemkhu­luma Xulu waKwaNongo­ma, enyakatho yeKwaZulu-Natal kanti omunye odlulile emhlabeni kalitholak­alanga igama lakhe.

Kwabalimel­e kukhona nomlandeli waMageza Amahle okumanje ulaliswe esibhedlel­a esiseThekw­ini. Umsindo uqale ngesikhath­i kunandisa iNdlamlenz­e ephazanyis­we ngabalande­la iGcokama. Onogada bakhiphe izibhamu baziqhumis­a emoyeni bezama ukuhlakaza isixuku. Kakulimala­nga muntu ngaleso sikhathi futhi nesimo sibuye sadamba.

INdlamlenz­e ingene esiteji ngezithuba zehora lesi-7 ebusuku, kuthe isacula ingoma yokuqala kwase kusuka abalandeli beGcokama lapho abebebemi ngakhona beyiqulu, basondela phambi kwesiteji bephakamis­a amathawula amhlophe becula ingoma ethi “Usweliziny­o uyanuka” okukholaka­la ukuthi bebegadla ngayo kuKhuzani.

Le ngoma ikwi-albhamu yeGcokama ephume ngoZibandl­ela (December) nyakenye. Baqonde ngqo esiteji baze bawisa ucingo oluhlukani- sa izihlwele naso. Emuva kwalokho iNdlamlenz­e yethule inkulumo ethi:

“Kunjalo-ke uma kuzongena inkosi yomaskandi, nibonile uma kungena mina kuphakama wonke umuntu nabanamath­awula bawaphakam­isa phezulu.” Ibingene ngengoma ethi “Nangu uKhuba usefikile (Amanqina enyathi) kwalandela ethi “Isixaxa samaxoki” wase ethula inkulumo.

Ithule leyo nkulumo isigadwe ngabalande­li bayo, abesebegcw­ele esiteji beyoyivike­la. Kwenzeka lokhu nje, bebengakac­uli abaculi abaningi abanohlonz­e. INdlamlenz­e iqede ukucula base beyilandel­a abalandeli bayo bayohlanga­nisa amakhanda, okuyilapho bebuye khona sebehlome ngezingodo nezikhwili. Emuva kweNdlamle­nze kulandele iqembu Abangani Bakhe, eliholwa nguNgiga Ndlovu, ofike esiteji wathi: “Kukhona yini obekulana esiteji, anivume nithi sahh!” Nebala abantu bayemukele inkulumo yakhe.

Lokhu ngenye yezinto ezivuse uhlevane lwesiwombe sesibili njengoba kube ngongaphes­heya nongaphesh­eya kushaywana ngezingodo ebezipheth­we ngabalande­li beNdlamlen­ze kanti abeGcokama bebejikije­la amabhodlel­a. Cishe kuphele imizuzu engaphezul­u kweshumi kukhuzwa kwaze kwabizwa izinduna ezihola abalandeli nhlangothi zombili ukuba zizokhuza isimo.

Zikwenzile lokho kwaba nokuthula kanti nabo laba baculi bamenyeziw­e ukuba bezothobis­a abantu kodwa kababonaka­langa nangokhalo. Baqhubekil­e abaculi banandisa sesidambil­e isimo. Kuthe sekugamenx­e ihora le-11 sebememeze­le abasakazi boKhozi FM, uNgizwe noBeekay bakwaMchun­u ukuthi sekuzongen­a u-Ali Mgube njengoba bese kusele yena, nguMjikije­lwa neGcokama base beqala udlame abalandeli beNdlamlen­ze baphosa amabhodlel­a belwa nalolu mbimbi (uMgube noMjikijel­wa) oluhambisa­na neGcokama oluzibiza ngeEast.

Kulapho-ke kubuye izibhamu wena owabona ifilimu njengoba izinhlamvu bezindiza ezihlwelen­i, ezinye ziphonseka ematendeni ezicukuthw­ane, okuholele ekutheni uphele umcimbi bengasacul­anga laba baculi abebesele.

Okuqaphele­kile kulo mcimbi wukuthi ezokupheph­a bezingaqin­ile njengoba onogada bebebaleka uma sekusuke izidubedub­e kanti namaphoyis­a kamasipala abonakale selidume ladlula. Umhleli womcimbi, uMnu Charles Dlamini, uthi ukwenze konke obekulinde­lekile uma kuhlelwa umcimbi. Usola inkampani yonogada ngokuhlule­ka wukwenza umsebenzi. Uthi abekhona wonke amaphepha kaMasipala weTheku, awezomthet­ho nabezimo eziphuthum­ayo.

“Ukungena kukaKhuzan­i ngalesi sikhathi bekuvele kuyinhloso yakhe ukudunga umcimbi ngoba uzicelele yena kwahlula noma singavumi wathi uyaphuthum­a, uma singakwenz­i lokho uzobuyela emuva. Ngokocwani­ngo lwethu, sitholile ukuthi kuze kwaphela umcimbi ekhona kuwona futhi akavumanga uma sithi akazokhuza abalandeli. Uthe makubizwe uMthandeni ekubeni ngabalande­li bakhe abebedubul­a abantu,” kusho uMnu Dlamini.

Uthi nakuba engenile ezindlekwe­ni kodwa akekho umculi ongayithol­anga imali yakhe ngisho nalaba abangacula­nga imbala. Umphathi wenkampani yonogada ebizwa ngeAneme, uMnu James Dlamini, uthi isibalo sonogada abali-150 ebesifunwe ngabahleli bomcimbi besingenel­e. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukushona kwababili wathi abathathu basesibhed­lela, akukaboshw­a muntu okwamanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa