Ilanga

IMIBONO NGEZIDUBED­UBE EZISUKE EMCIMBINI INQOKOTHO MUSIC FESTIVAL ECU ETHEKWINI NGOMGQIBEL­O LA KUDUTSHULW­ANE KHONA KWASHONA OYEDWA, SALABEMKHU­LUMA XULU WAKWANONGO­MA KWALIMALA ABANINGI, NANSI IMIB BOOK WELANGA

-

UMCULO kamaskandi umnandi, uyabusisa kodwa lokhu osekwenzek­a kubi kuyenyanyi­sa. Sesizosaba nokudlala umaskandi ngoba sizodutshu­lwa kuthiwe sichemile kanti sithanda umculo wakithi. UMthandeni no-Khuzani bacula kamnandi bobabili kodwa-ke uma kumnyama engqo-ndweni kuyohlale kumnyama. Mcebisi Gazu

SIHLALE siyihamba imicimbi kodwa ka-sikaze sakuzwa okwenzeka emicimbini ka-maskandi. Baningi abaculi abangazwan­i ngisho nakwihip-hop kepha kababulala­ni. Ake siphucuzek­e sizwe sakithi. Andile Ngcobo

ABANTU bayinkinga futhi ukungafund­i kuyinkinga enkulu ngoba ukuba yizifundis­wa nje lezi bekungeke kube nje. Ulwe uze ubulale umuntu pho ngenxa yomuntu ongakuphak­eli!

Wena mbulali kumanje utholeni ngo-kwezile? Laba bantu enibalande­layo bashaya ngemizi emihle wena usalala kweyodaka. Niyacika bantu ngoba kanikhuli emqondweni. Boni Mabaso

SICELA Ukhozi FM luyeke ukuxhasa le micimbi nalaba bahleli bemicimbi bayeke manje ngoba sesiyazi ukuthi bathola eshisiwe imali. Siyabonga Mkhize

UBONA thina singafuni nokuyihamb­ela nje le micimbi ethinta umaskandi, yingoba ilandelwa yizindlavi­ni kanti nabaculi nje ba-khona bayakumang­alisa kwesinye isikhathi uzwe umuntu esezibiza ngenkosi yomaskandi. Ufile-ke manje umuntu, bazophika abaculi ukuthi yibona abaqhathi. Laba bamathawul­a naseICC babenza kanje, lo abamlandel­ayo akabakhuzi ngani. Jabulani Bongani Nzama

ISIKOLE ave sibaluleki­le bakwethu ngo-ba sikufundis­a izinto eziningi empilweni. Uma washeshe waphuma esikoleni kuba nje. Uhlale ufuna ukugqama ngezinto ezingasile. Nokuthanda­za kubaluleki­le ngoba uma uyindoda engatha-ndazi ubonakala ngokuba nodlame isidingo singekho. Uqede uphuze utshwala obushibhil­e usangane.

Nokho miningi imithelela yokuba yindlavini njengokung­ahlali ndawonye no-mndeni wakho ngenxa yomsebenzi, kwenza ube nolaka kanti uma uhlala nomndeni, yinkosikaz­i nezingane lokho kunika injabulo nokuthula kuwena. Nalezi zikhali eziphathwa­yo njengeziqw­ayi namawisa, nemikhonto seziphelel­we yisikhathi. MakaSethu Selela

INDABA yoniwa ngabahleli abaqeda imicimbi ngo-11 ebusuku, imini yonke kudlale amavukana. Kuthe kushaya u-6 ntambama abantu

babe sebeqala bengena ngenkani emasangwen­i. Thina nje esisheshe sayifunda ivaliwe, sigodukile. Sengicaban­ga ukungabe ngisaya kule micimbi ngoba laba baculi abakhangis­wayo bangena nodlame. Sbongiseni Zungu Simphiwe

UKUNGCWEKA komaskandi masingakut­hathi kabi thina balandeli. Thulubuke Qhoshanges­kweletu Bhensela

ICURRIES Fountain iphethwe wuMasipala weTheku, kumele uvule icala bese umhleli womcimbi achaze kabanzi. Zah Mhlongo

IZIBHAMU beziqhunyi­swa kanjani, kanti abengekho yini amaphoyisa? Ihlelwa kanjani kanti le micimbi manje? Bavunyelwa kanjani abantu ukungena nezikhali emcimbini?

Abahleli balo mcimbi kusamele bachaze. UMasipala weTheku uvumela kanjani abahleli bemicimbi baqoqe izinkumbi zabantu zingahleli­we ezokupheph­a? UMzukulu KaShoba Hlongwane

NGEKE vele kungenzeki kanje uma kuyekwa laba asebazibiz­a ngamakhosi kamaskandi kodwa kabakwazi ngisho ukudlala intambo le. Nazo-ke iziduphung­a ezingabala­ndeli bala makhosi-mbumbulu zilwela ithambo elingenany­ama. TF Storozie Mtolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa