IMIBONO NGEZIDUBEDUBE EZISUKE EMCIMBINI INQOKOTHO MUSIC FESTIVAL ECU ETHEKWINI NGOMGQIBELO LA KUDUTSHULWANE KHONA KWASHONA OYEDWA, SALABEMKHULUMA XULU WAKWANONGOMA KWALIMALA ABANINGI, NANSI IMIB BOOK WELANGA
UMCULO kamaskandi umnandi, uyabusisa kodwa lokhu osekwenzeka kubi kuyenyanyisa. Sesizosaba nokudlala umaskandi ngoba sizodutshulwa kuthiwe sichemile kanti sithanda umculo wakithi. UMthandeni no-Khuzani bacula kamnandi bobabili kodwa-ke uma kumnyama engqo-ndweni kuyohlale kumnyama. Mcebisi Gazu
SIHLALE siyihamba imicimbi kodwa ka-sikaze sakuzwa okwenzeka emicimbini ka-maskandi. Baningi abaculi abangazwani ngisho nakwihip-hop kepha kababulalani. Ake siphucuzeke sizwe sakithi. Andile Ngcobo
ABANTU bayinkinga futhi ukungafundi kuyinkinga enkulu ngoba ukuba yizifundiswa nje lezi bekungeke kube nje. Ulwe uze ubulale umuntu pho ngenxa yomuntu ongakuphakeli!
Wena mbulali kumanje utholeni ngo-kwezile? Laba bantu enibalandelayo bashaya ngemizi emihle wena usalala kweyodaka. Niyacika bantu ngoba kanikhuli emqondweni. Boni Mabaso
SICELA Ukhozi FM luyeke ukuxhasa le micimbi nalaba bahleli bemicimbi bayeke manje ngoba sesiyazi ukuthi bathola eshisiwe imali. Siyabonga Mkhize
UBONA thina singafuni nokuyihambela nje le micimbi ethinta umaskandi, yingoba ilandelwa yizindlavini kanti nabaculi nje ba-khona bayakumangalisa kwesinye isikhathi uzwe umuntu esezibiza ngenkosi yomaskandi. Ufile-ke manje umuntu, bazophika abaculi ukuthi yibona abaqhathi. Laba bamathawula naseICC babenza kanje, lo abamlandelayo akabakhuzi ngani. Jabulani Bongani Nzama
ISIKOLE ave sibalulekile bakwethu ngo-ba sikufundisa izinto eziningi empilweni. Uma washeshe waphuma esikoleni kuba nje. Uhlale ufuna ukugqama ngezinto ezingasile. Nokuthandaza kubalulekile ngoba uma uyindoda engatha-ndazi ubonakala ngokuba nodlame isidingo singekho. Uqede uphuze utshwala obushibhile usangane.
Nokho miningi imithelela yokuba yindlavini njengokungahlali ndawonye no-mndeni wakho ngenxa yomsebenzi, kwenza ube nolaka kanti uma uhlala nomndeni, yinkosikazi nezingane lokho kunika injabulo nokuthula kuwena. Nalezi zikhali eziphathwayo njengeziqwayi namawisa, nemikhonto seziphelelwe yisikhathi. MakaSethu Selela
INDABA yoniwa ngabahleli abaqeda imicimbi ngo-11 ebusuku, imini yonke kudlale amavukana. Kuthe kushaya u-6 ntambama abantu
babe sebeqala bengena ngenkani emasangweni. Thina nje esisheshe sayifunda ivaliwe, sigodukile. Sengicabanga ukungabe ngisaya kule micimbi ngoba laba baculi abakhangiswayo bangena nodlame. Sbongiseni Zungu Simphiwe
UKUNGCWEKA komaskandi masingakuthathi kabi thina balandeli. Thulubuke Qhoshangeskweletu Bhensela
ICURRIES Fountain iphethwe wuMasipala weTheku, kumele uvule icala bese umhleli womcimbi achaze kabanzi. Zah Mhlongo
IZIBHAMU beziqhunyiswa kanjani, kanti abengekho yini amaphoyisa? Ihlelwa kanjani kanti le micimbi manje? Bavunyelwa kanjani abantu ukungena nezikhali emcimbini?
Abahleli balo mcimbi kusamele bachaze. UMasipala weTheku uvumela kanjani abahleli bemicimbi baqoqe izinkumbi zabantu zingahleliwe ezokuphepha? UMzukulu KaShoba Hlongwane
NGEKE vele kungenzeki kanje uma kuyekwa laba asebazibiza ngamakhosi kamaskandi kodwa kabakwazi ngisho ukudlala intambo le. Nazo-ke iziduphunga ezingabalandeli bala makhosi-mbumbulu zilwela ithambo elingenanyama. TF Storozie Mtolo