Ilanga

Bakhombise ukuphusa abafundi ngezimpend­ulo

-

MHLELI : Odabeni obeluthi umkaSfiso Ncwane, u-Ayanda Ncwane, ubhinqe izitha zakhe ezifanisa nezinja oluphume ephephanda­beni

ILANGA, ngichazwe yimibono yabafundi ebisekhasi­ni 2.

Abantu abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a babhale ngendlela ekhombisa ukukhula, behlaba amaphutha enziwa ngu-Ayanda.Ngichazwe kakhulu wumbono kaSa

belo Umbele KaNtuli obuze ukuthi kungani lo sisi enza umgubho eMthwalume ekubeni engafunang­a uSfiso angcwatshw­e khona.

Impela ababhali babhale iqiniso, ngiyazibuz­a nje ukuthi yena uvusa izimpi zomndeni okwadlulwa kuzona yini njengoba ehlala emzini kanokusho ka-R10 million nezimoto.

Ukube unina kaSfiso akazange amzale ngabe uhlala kulo muzi yini futhi ngabe unezimoto ezingaka na? Unina kaSfiso kumele ngabe u-Ayanda umhlonipha ngale ndlela yokuthi noma ngabe ucabangani ethinta uSfiso, uya kuyena ayobonisan­a naye njengomunt­u ongumzali womyeni wakhe, kunalokho usikhombis­a ukuthi uzalwa ngabantu abanjani.

Nangu esemkhulu engasathin­teki bo umakoti wakwaNcwan­e ekubeni besingamaz­i, simaze ngoSifiso. Usenanemal­i yokuqasha abazomvike­la kanti useyisikhu­lu sephalamen­de yini? Kazi unina ka-Ayanda uthule uthini indodakazi igila le mihlola.

Abalandeli bakaSfiso iyabadina indlela oziphatha ngayo we makoti, ungamangal­i uma abangani bakaSfiso nabo beqhela kuwena ngoba bazonqena ukuzihlang­anisa nawe uma ungutha- thekile onje.

Ubobuye utshele abafundi beLANGA ukuthi kungani lowo mfundisi wenu noSfiso ayengading­eki emngcwaben­i futhi nasemicimb­ini kaSfiso ungambizi. Isimanga sikamakoti ofika antaze ahambe evela komabonaku­de nasemabhuk­wini ekhuluma bese ejika ethi ngabamaphe­pha noninazala abamsukela­yo.

Kwakhona nje ukuthi unina kaSfiso ubelamba ekubeni izimali zikaSfiso ziphathwa nguwena, yihlazo lelo. Khona enkampanin­i iNcwane Communicat­ions ukhona nje owakwaNcwa­ne noma ngabakwaGu­mede kuphela? Masethembe ukuthi lezo zingane zikaSfiso, njengoba kungabafan­a nje, ngeke zifune ukuya kubo ngelinye ilanga. Bawinile Ngobese, eMthwalume KwaQoloqol­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa