Bakhombise ukuphusa abafundi ngezimpendulo
MHLELI : Odabeni obeluthi umkaSfiso Ncwane, u-Ayanda Ncwane, ubhinqe izitha zakhe ezifanisa nezinja oluphume ephephandabeni
ILANGA, ngichazwe yimibono yabafundi ebisekhasini 2.
Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana babhale ngendlela ekhombisa ukukhula, behlaba amaphutha enziwa ngu-Ayanda.Ngichazwe kakhulu wumbono kaSa
belo Umbele KaNtuli obuze ukuthi kungani lo sisi enza umgubho eMthwalume ekubeni engafunanga uSfiso angcwatshwe khona.
Impela ababhali babhale iqiniso, ngiyazibuza nje ukuthi yena uvusa izimpi zomndeni okwadlulwa kuzona yini njengoba ehlala emzini kanokusho ka-R10 million nezimoto.
Ukube unina kaSfiso akazange amzale ngabe uhlala kulo muzi yini futhi ngabe unezimoto ezingaka na? Unina kaSfiso kumele ngabe u-Ayanda umhlonipha ngale ndlela yokuthi noma ngabe ucabangani ethinta uSfiso, uya kuyena ayobonisana naye njengomuntu ongumzali womyeni wakhe, kunalokho usikhombisa ukuthi uzalwa ngabantu abanjani.
Nangu esemkhulu engasathinteki bo umakoti wakwaNcwane ekubeni besingamazi, simaze ngoSifiso. Usenanemali yokuqasha abazomvikela kanti useyisikhulu sephalamende yini? Kazi unina ka-Ayanda uthule uthini indodakazi igila le mihlola.
Abalandeli bakaSfiso iyabadina indlela oziphatha ngayo we makoti, ungamangali uma abangani bakaSfiso nabo beqhela kuwena ngoba bazonqena ukuzihlanganisa nawe uma ungutha- thekile onje.
Ubobuye utshele abafundi beLANGA ukuthi kungani lowo mfundisi wenu noSfiso ayengadingeki emngcwabeni futhi nasemicimbini kaSfiso ungambizi. Isimanga sikamakoti ofika antaze ahambe evela komabonakude nasemabhukwini ekhuluma bese ejika ethi ngabamaphepha noninazala abamsukelayo.
Kwakhona nje ukuthi unina kaSfiso ubelamba ekubeni izimali zikaSfiso ziphathwa nguwena, yihlazo lelo. Khona enkampanini iNcwane Communications ukhona nje owakwaNcwane noma ngabakwaGumede kuphela? Masethembe ukuthi lezo zingane zikaSfiso, njengoba kungabafana nje, ngeke zifune ukuya kubo ngelinye ilanga. Bawinile Ngobese, eMthwalume KwaQoloqolo