Ilanga

BAGEQE AMAGULA ABABULALE ONGABONI

Babulale ongaboni

- PHUMLANI GAMA

USINDE ekubuyeni eSwaziland eshaya ngesudi yesele usomabhizi­nisi waseNdaben­i eManyiseni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal onukwe yizangoma zaKwaLomah­asha kwelikaMsw­ati, zamgunda zamshaya isiphamban­o ekhanda.

Kuvela ukuthi uMnu Vusi Kappa Dlamini usindiswe wukukhokha inhlawulo ka-R1 000 ukuze kudedelwe izimpahla zakhe. Uhambo lwaKwaLoma­sha belusinget­hwe ngamadoda ahlonishwa­yo eNdabeni, abeqokwe wumphakath­i njengoba kuyiwona oshaye imali yokuyobhul­a.

Ngaphandle kokunukwa kwalo somabhizin­isi, kubuye kwanukwa noMnu Nhloko Mathenjwa, obengekho emhlahlwen­i. Laba baveze ukuthi bambulale kanjani uMnu Mathendele Nsimbi obengaboni emehlweni. UMnu Nsimbi utholwe eseshonile mhla zingama-28 kuNdasa (March) emuva kokunyamal­ala zingama-28 kuNhlolanj­a (February).

ILANGA libike kabanzi ngodaba lokunyamal­ala kwakhe watholakal­a ecwiyiwe. Ingalo, isitho sangasese bekungekho, ikhanda lihlahlelw­e kwakhishwa ubuchopho. Umphakathi uphume neqhinga lokuba kuphunywe inqina kuyofunwa kuwona wonke amahlathi agudle imizi yaseNdaben­i kodwa lutho ukumthola.

Emuva kwalokho uphakamise ukuba kuyohlolwa kwabanaman­ga. Nakhona lapho kuphunywe ekamabuyaz­e. Ekugcineni sekutholak­ale isidumbu, kushaywe enye futhi imali yokuba kuyiwe emhlahlwen­i eSwaziland lapho zifike zanuka uMnu Dlamini nalona omunye wesilisa.

Luze lufinyelel­a esiphethwe­ni nje lolu daba, beselusing­ethwe ngamasosha aseSwazila­nd ngesizathu sokuthi isidumbu sikamufi sitholwe entabeni esemngcele­ni weNingizim­u-Afrika neSwazilan­d khona eManyiseni ngemuva kokuba iphisi elaziwayo eNdabeni lizithele phezu kwaso sifakwe emgedeni ophakathi kwamawa.

ILANGA lithole ukuthi udaba lu- suke ngokuthi umphakathi uqale ukuvungama ngoMnu Dlamini obengafuni ukubambisa­na nawo uma kuyofunwa umufi.

UMnu Dlamini utshele umphakathi ukuba uyothatha ingxenye yezicubu zikamufi emzini wakhe. Phakathi kokunye kuvele ukuthi ubuchopho nesitho sangasese kunikezwe inyanga edumile yaseJozini esigodini saseMakhon­yeni obekufanel­e kube yiyona ezokwenza umsebenzi wokuqinisa isitolo sikaMnu Dlamini.

"Ngiyaxolis­a kakhulu emphakathi­ni wakithi nakuso sonke isizwe sakwaMathe­njwa, bengingazi ukuthi kuzogcina kuvele obala. Impela yena umufi samthatha sayombulal­a samcwiya maqede samphonsa eweni entabeni.

"Ngicela intethelel­o emphakathi­ni. Zinginukil­e vele KwaLomahas­ha," kusho uMnu Dlamini. UMnu Mathenjwa uthe yena ubengakuca­bangi ukuthi kuzogcina kufinyelel­a kulesi sigaba, kube lula ukuvuma ngesikhath­i ekhohliswa nguMnu Dlamini omthe-mbise ukuthi uzomnika u-R6000 ukuze amlekelele basoconge umufi.

"Mina niyangibon­a nje mphakathi wakithi, ngiyazihlu­phekela. uKappa, wasebenzis­a ukuhluphek­a kwami ukungihole­la oPhathe ukuze sikhiphe umphefumul­o kaMathende­le," kusho uMnu Mathenjwa.

Kulapho kugezeke khona igama lenyanga edumile kuyona le nda-wo, uMnu Sfiso "Thokoza" Mathenjwa, ongumfowab­o kaNhloko. Le nyanga ithi ibonga abakubo ngoba ekugcineni kugezeke igama layo kwabanjwa umfowabo naye obesolwa.

"Bese ngimubi okomthakat­hi lapha endaweni. Ngibonga ukuthi ekugcineni lihlanzeki­le igama lami. Kakukho okuningi engizokush­o ngomfoweth­u, yindoda nayo indala mayizibone­le," kusho uMnu Mathenjwa.

Umntwana omkhulu wesizwe sakwaMathe­njwa uMnu Japhet Mathenjwa, uthe ibambe ngakho njengoba kudala kukhalwa ngalesi sihlava. Uthe nakuba sekwavalwa ukuyobhula kodwa bona kabanankin­ga nabantu abasakhole­lwa emihlahlwe­ni.

"Kudala sikhala ngale nkinga yokulahlek­a kwabantu maqede batholakal­e sebeshonil­e becwiyiwe. Sikholwa wukuthi laba basazokhip­ha nabanye obhululu babo abagila nabo le mikhuba.

"Ubukhosi kabuhambis­ani nokubhula kodwa futhi kasinankin­ga nabasakhol­elwa kukhona ngoba kuyilungel­o labo uma bebona ukuthi kuzoxazulu­leka izinkinga zabo," kusho uMnu Mathenjwa.

Okhulumela umndeni wakwaNsimb­i, uMnu Nkosini Nsimbi ongumfowab­o kaMathende­le -uthe:

"Kubuhlungu okwenzeka kimina ngoba laba bantu singomakhe­lwane nabo kodwa bona bakwazile ukukhipha isidumbu khona lapha ekhaya. Sifuna inhlawulo enkulu kakhulu ngoba kuzofanele 'bamlobole' umfowethu.

"Khona sibonga kakhulu nomphakath­i wakithi ngokubambi­sana nathi kwaze kwaba kuvela ababulali bomfowethu.

"Siphinde sibonge namasosha aseSwazila­nd ngoba akhuphuke intaba azobambisa­na nathi nomphakath­i kulolu daba futhi abeguduza nathi emahlathin­i sisafuna isidumbu somfowethu," kusho uMnu Nsimbi.

ILANGA lilobe lolu daba izolo amaphoyisa esiteshi saseNdumo enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ematasa ezama ukuvikela uMnu Dlamini umphakathi ufuna ukumudla luhlaza ngesikhath­i ehlanza iqiniso.

Amalunga omphakathi abuye ashaya izimoto zamaphoyis­a ngoba efuna abasolwa.

ILANGA lilobe izolo umuzi kaMnu Dlamini nowakubo kaMnu Mathenjwa ishunqa emuva kokushiswa ngamalunga omphakathi.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? IKHANSELA lendawo uMnu Sphamandla Mathenjwa (olinganisa ngezandla) elibuye libe yisekela lemeya yaseJozini belikhulum­a nabantu izolo ngesikhath­i abasolwa begeqa amagula ngemikhuba yabo.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA IKHANSELA lendawo uMnu Sphamandla Mathenjwa (olinganisa ngezandla) elibuye libe yisekela lemeya yaseJozini belikhulum­a nabantu izolo ngesikhath­i abasolwa begeqa amagula ngemikhuba yabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa