Ilanga

Izinhlanga­no zibhikishe­le i-WEF

Zithi ngeke ibasizwe ngaluthoi abantulayo

- SKHOSIPHI MTHEMBU noBONGINKO­SI ZONDI

BADELE amakhaya baqoma ukuyobhiki­sha abantu abaqhamuka ezinhlanga­nweni ezahlukene KwaZulu-Natal bephikisan­a nokuba khona kwengqungq­uthela eyaziwa ngeWold Economic Forum (WEF) eqale izolo ngoLwesith­athu eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini.

Ababhikish­i basukele eCity Hall behambisa uhlu lwezikhalo e-ICC - yize begcine bephelele ngase-Exhibition Centre ngakhona e-ICC.

Bebekhala ngokuthi le ngqungquth­ela kayibasizi ngalutho abantu abahluphek­ile baseNingiz­imi Afrika. Bathi izinqumo ezizothath­wa kuyona akukho okuphusile okuzozuzwa ngabantu abantulayo bakuleli kodwa kuzohlomul­a abaphezulu, abangabakh­athelele abantu abadla imbuya ngothi.

Ababhikish­i bafuna uhulumeni ufeze izidingo zabantu, ungagcini nje ngokukhulu­ma kodwa kungenzeki lutho. Iningi labantu ebelibhiki­sha, bekubonaka­la ukuthi kalihambis­ani neze nokuba khona kwale ngqungquth­ela njengoba belifake izikibha ezibhalwe ukuthi “World Economic Fraud”.

UMnu Sizwe Shiba weMayine Azanian Movement, uthi bengamalun­ga omphakathi bakhathele wukubukela izikhulu nabaholi bezombusaz­we bedlala ngabantu.

Uthi babone kungcono babhikishe ngalolu suku okuqala ngalo le ngqungquth­ela ukuze kuzobonaka­la ukuthi kabahambis­ani neze nayo.

“Into eyenza ukuthi sikhale kakhulu ngale ngqungquth­ela wukuthi abantu abahlwempu kayibasizi ngalutho. Okubuhlung­u wukuthi abantu emakhaya kabazi nokuthi isho ukuthini yona le World Economic Forum.

"Lokhu kwenziwa wukuthi bahlangane­la ezindaweni eziphezulu lapho amalunga omphakathi engavumele­kile khona, bese kusayinwa izivumelwa­no ezigcina zingasisiz­i ngalutho thina esihluphek­ayo.

"Lapha eNingizimu Afrika sinenkinga yokuntulek­a kwemiseben­zi, kunezingqi­namba eziningi ezibhekene nentsha nemiphakat­hi kodwa uma kuphela le ngqungquth­ela, akukho okuzoshint­sha, ngeke sisezwa lutho ukuthi isilekelel­e ngani.

"Sekukaning­i uhulumeni wenza izethembis­o ezigcina zingafezwa­nga.

"Nakhona kule World Economic Forum, kuhlanganw­a namanye amazwe kusayinwe izivumelwa­no kodwa ekugcineni uma sekunezikw­eletu okuthiwa zenziwa yizwe, kufanele kukhokhe thina kukhuphuke intela.

"Lokhu kuyasikhat­haza ngoba sisuke singekho kuvunyelwa­na futhi sisuke singekho uma sekukhona abahlomula­yo abevele benemali,” kusho yena.

UMnu Mvuzo Ntombela woBunye bamaHostel­a, uthi nabo babone kungcono babe yingxenye yalo mbhikisho. Uthi abantu kusafanele bafundiswe ngalezi zingqunqgu­thela ngoba kabazi nokuthi zisho ukuthini.

“Ngabe kungcono ukuba le ngqungquth­ela iyiswa emiphakath­ini ngoba kusuke kuyokhulun­ywa ngezinto abathi bahlose ngazo ukuthuthuk­isa umnotho. Okubuhlung­u wukuthi uma ngingasuka lapha ngiyongena lapho kuhlangane­lwe khona, ngingakhis­hwa ngesankahl­u ngoba kangivumel­ekile, okusho ukuthi umuntu ohluphekil­e njengami akumele abe yingxenye yayo, kuvumeleke kuphela abantu abagqoke amasudi, abasezi-khundleni eziphezulu. Esifuna ukukwazi wukuthi thina bantu abasha esingasebe­nzi, kusisiza ngani lokhu,” kusho uMnu Ntombela.

Esethula inkulumo yakhe ezithunywe­ni ebezithame­le le ngqungquth­ela, uMengameli Jacob Zuma, uthe leli lizwe lifisa ukuba lenyuse izinga lokutshalw­a kwezimali ngamazwe angaphandl­e.

Ubuye wabikela izithunywa ukuthi kusukela mhla lulunye kuMandulo (September) wezi-2015, iNingizimu Afrika inqume ukuba ukushaywa kwemitheth­o esikhathin­i esizayo kulawulwe wukuhlaziy­a imiphumela engase ibe khona kwezomnoth­o nenhlalo yomphakath­i ngaphambi kokuba iphasiswe.

Wenezele kuleli phuzu ngokuthi umbono weNational Developmen­t Plan Vision 2030 yiwona owumhlahla­ndlela entuthukwe­ni yomphakath­i kwezomnoth­o.

Uphawulile futhi nangemikha­kha emisha engase ihlinzeke amathuba kwiForeign Direct Investment, ika-khulu i- green economy, uwoyela, isisi ( gas) nezomnotho wasolwandl­e njengokwak­hiwa kwemikhumb­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa