BAYAXOLISA NGOKUFA KWABANTU
BAZWAKALISE ukuxolisa nokuzwelana nemindeni elahlekelwe ngamalunga ayo ngaphansi kwegama labo abaculi bakamaskandi okudubulane abalandeli babo eCurries Fountain, eThekwini ngoMgqibelo owedlule emcimbini obizwa ngeNqokotho Maskandi Festival.
UVusi Leeuw, ophethe uMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele, uthi inhloso yomculo wukwakha nokuhlanganisa abantu ukuze bajabule hhayi ukulimazana.
Uthi bazwelana kakhulu nemindeni elahlekelwe futhi basezinhlelweni zokuthi kube nezingxoxo ezisheshayo nabaculi abathintekayo emuva kokuba kulimale abantu.
"Sithi kalwehlanga lungehlanga emindenini. Sidlulisa ukuxolisa kakhulu kwabathintekile, bekungeyona inhloso futhi noMthandeni akathokozile neze ngokuphuma kwemiphefumulo yabantu.
"Siyanxusa ukuba kungabi khona ukubuyisela okubi ngokubi ukuze kuqhanyukwe nesixazululo nenqubekela phambili," kusho uLeeuw.
UKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, uzwakalisa ukudumala kakhulu ngokwenzekile wathi akathandi ukuba kuphinde kwenzeke.
Utshele ILANGA ukuthi egameni labo bengabaculi, uyaxolisa.
"Njengamanje abaculi abangangifuni baphume umkhankaso wokuxhumana nomhleli womcimbi ukuze wonke amaphutha abekwe mina ngezinto engingazazi.
"Umhleli womcimbi ubevele ezongibhulisa amazolo nje ubekuhlelile lokho ngoba bezama ukuhudulela phansi igama lami. Ngithi kukhona konke abakushoyo, uNkulunkulu useyongiphendulela ngoba bonke abantu abebekhona emcimbini bayalazi iqiniso ukuthi udlame lususwe ngabalandeli bakabani, kwasona isandisamsindo (sound system) sicishwe nguyena umhleli womcimbi ngesikhathi ngicula, wathi mangihambe ngoba uyoneka umcimbi.
"Yingakho engangibizanga noma ebona ukuthi abantu basafuna ngibuyele esiteji kwazise ngiphazamisekile," kusho uKhuzani.
Uthi le nto yokungcofana kayiqalwanga nguyena futhi uzimisele ngokuthi iphele ukuze kube khona ukuthula emculweni.
Utshele ILANGA ukuthi usazoqhubeka nokushaya ingoma futhi akasaziboni echoma ngayo.
"Mina ngasukelwa emcimbini lonke izwe lakubona lokho. Nangesikhathi amakhosi ezama ukusixazulula kuthiwe yimina obize amakhosi ngoba ngesaba imbangi, namhlanje uma kufa abantu abangenacala ngezinto eziqalwa ngabantu abafuna ukuduma ngabanye, kusakhonjwa mina," kusho uKhuzani.
Umhleli walo mcimbi, uMnu Charles Dlamini, uthi kakusilona iqiniso ukuthi yena ubehlangene nabanye abaculi kuzanywa ukucindezela omunye.
"Isandisamsindo sisinciphise umzuzwana ngoba sibona kunokuxabana kwabantu sifuna ukukhuza, wabhoka ngolaka uKhuzani wathi ubanjwa ngophondo. Sisivulile wase ethatha umbhobho ethula inkulumo yakhe," kusho uMnu Dlamini.
mthobisis@ilanganews.co.za