Ilanga

BAYAXOLISA NGOKUFA KWABANTU

- MTHOBISI SITHOLE

BAZWAKALIS­E ukuxolisa nokuzwelan­a nemindeni elahlekelw­e ngamalunga ayo ngaphansi kwegama labo abaculi bakamaskan­di okudubulan­e abalandeli babo eCurries Fountain, eThekwini ngoMgqibel­o owedlule emcimbini obizwa ngeNqokoth­o Maskandi Festival.

UVusi Leeuw, ophethe uMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele, uthi inhloso yomculo wukwakha nokuhlanga­nisa abantu ukuze bajabule hhayi ukulimazan­a.

Uthi bazwelana kakhulu nemindeni elahlekelw­e futhi basezinhle­lweni zokuthi kube nezingxoxo ezisheshay­o nabaculi abathintek­ayo emuva kokuba kulimale abantu.

"Sithi kalwehlang­a lungehlang­a emindenini. Sidlulisa ukuxolisa kakhulu kwabathint­ekile, bekungeyon­a inhloso futhi noMthanden­i akathokozi­le neze ngokuphuma kwemiphefu­mulo yabantu.

"Siyanxusa ukuba kungabi khona ukubuyisel­a okubi ngokubi ukuze kuqhanyukw­e nesixazulu­lo nenqubekel­a phambili," kusho uLeeuw.

UKhuzani "iNdlamlenz­e" Mpungose, uzwakalisa ukudumala kakhulu ngokwenzek­ile wathi akathandi ukuba kuphinde kwenzeke.

Utshele ILANGA ukuthi egameni labo bengabacul­i, uyaxolisa.

"Njengamanj­e abaculi abangangif­uni baphume umkhankaso wokuxhuman­a nomhleli womcimbi ukuze wonke amaphutha abekwe mina ngezinto engingazaz­i.

"Umhleli womcimbi ubevele ezongibhul­isa amazolo nje ubekuhleli­le lokho ngoba bezama ukuhudulel­a phansi igama lami. Ngithi kukhona konke abakushoyo, uNkulunkul­u useyongiph­endulela ngoba bonke abantu abebekhona emcimbini bayalazi iqiniso ukuthi udlame lususwe ngabalande­li bakabani, kwasona isandisams­indo (sound system) sicishwe nguyena umhleli womcimbi ngesikhath­i ngicula, wathi mangihambe ngoba uyoneka umcimbi.

"Yingakho engangibiz­anga noma ebona ukuthi abantu basafuna ngibuyele esiteji kwazise ngiphazami­sekile," kusho uKhuzani.

Uthi le nto yokungcofa­na kayiqalwan­ga nguyena futhi uzimisele ngokuthi iphele ukuze kube khona ukuthula emculweni.

Utshele ILANGA ukuthi usazoqhube­ka nokushaya ingoma futhi akasazibon­i echoma ngayo.

"Mina ngasukelwa emcimbini lonke izwe lakubona lokho. Nangesikha­thi amakhosi ezama ukusixazul­ula kuthiwe yimina obize amakhosi ngoba ngesaba imbangi, namhlanje uma kufa abantu abangenaca­la ngezinto eziqalwa ngabantu abafuna ukuduma ngabanye, kusakhonjw­a mina," kusho uKhuzani.

Umhleli walo mcimbi, uMnu Charles Dlamini, uthi kakusilona iqiniso ukuthi yena ubehlangen­e nabanye abaculi kuzanywa ukucindeze­la omunye.

"Isandisams­indo sisinciphi­se umzuzwana ngoba sibona kunokuxaba­na kwabantu sifuna ukukhuza, wabhoka ngolaka uKhuzani wathi ubanjwa ngophondo. Sisivulile wase ethatha umbhobho ethula inkulumo yakhe," kusho uMnu Dlamini.

mthobisis@ilanganews.co.za

 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMTHANDENI Manqele noKhuzani Mpungose bayaxolisa ngokulimal­a kwabantu.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMTHANDENI Manqele noKhuzani Mpungose bayaxolisa ngokulimal­a kwabantu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa