Ilanga

UBHEKENE NAMACALA ANGU 22 U-OMOTOSO

-

USEBHEKENE namacala anga-22 uMfu Tim Omotoso (53) weDominion Internatio­nal Church eThekwini obevele eNkantolo yeMantshi yaseBhayi izolo ngoLwesith­athu emuva kokuboshwa mhla zingama-21 kuMbasa (April) esikhumulw­eni sezindiza eBhayi.

UMfu Omotoso ubefunelwa amacala amane kodwa sekuthasis­elwe ali-18. Abantu bebephume ngobuningi enkantolo ukuyozibon­ela ngawabo lo mfundisi.

Ukuvela kwakhe enkantolo kuke kwabambeze­leka ngenxa yesicelo seSABC sokusakaza bukhoma konke okuphathel­ene namacala kaMfu Omotoso enkantolo.

IMantshi Thandeka Mashiyi, ikuhlehlis­ile ukuqulwa kwecala ngoba ifuna ukuxhumana nabammeli nabashushi­si izwe ukuthi bayasivuma na isicelo seSABC.

Ummeli kaMfu Omotoso, u-Adv Alfonso Hattingh akakuthand­anga neze lokhu, ekhala ngokuthi isicelo seSABC sifike ngemuva kwesikhath­i.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BEBEPHUME ngezinkani abantu beyobhikis­hela ukuba uMfu Tim Omotoso angadedelw­a enkantolo yize bekukhona abebemesek­a bethi makuhlukan­we naye phansi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BEBEPHUME ngezinkani abantu beyobhikis­hela ukuba uMfu Tim Omotoso angadedelw­a enkantolo yize bekukhona abebemesek­a bethi makuhlukan­we naye phansi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa