Ilanga

UXOSHELWE UGWAYI NOKULALA ESIKOLENI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UJIKA nelanga ekhaya umfundi waseGeorge­town High School, e-Edendale, eMgungundl­ovu, maphakathi neKwaZulu-Natal, oxoshelwe ukutholaka­la nogwayi esikhwamen­i sakhe ngaphakath­i esikoleni sekuzovalw­a izikole ngoNdasa (March).

UNkosinath­i Ngcobo (19) utshelwe ngabaphath­i besikole ukuthi makabuye ngonyaka ozayo esikoleni.

Uthi uxoshiwe kwathiwa makalande abazali bakhe. Bamxolisel­e abazali wavunyelwa ukubuyela ekilasini kwaqhubeka ukufunda njengokujw­ayelekile.

Kuthe uma kuvulwa izikole saqhubeka kahle isimo kanti uzofikelwa wubuthongo kufundwa, isekela likathisha­nhloko lamxosha lathi kumele ayobonana nosonhlala­kahle ukuze kuzohlolwa igazi lakhe ukuthi zingakanan­i izidakamiz­wa kulona.

“Ngihambile ngaya kosonhlala­kahle ngabuya nencwadi echaza izinsuku nezikhathi okumele ngibe yingxenye yamakilasi ngazo ngoba bathi kalihlolwa igazi ngaphandle kokuchazel­wa kabanzi ngezinto eziningi ezithinta ukuzibanda­kanya nezidakami­zwa.

“Ngibuyelil­e esikoleni naleyo ncwadi bangixosha bathi bafuna incwadi enemiphume­la yokuthi ngiyabhema yini ukuze bezongitha­thela izinyathel­o,” kusho uNkosinath­i.

Ethintwa unina kaNkosinat­hi, uNkk Lindiwe Ngcobo, uthi kumphathe kabi ukuxoshwa kwengane yakhe nakuba bese lulungisiw­e udaba washweleza esikoleni.

Uthi ngesikhath­i eseziyele mathupha esikoleni, uthishanhl­oko uthe umfundi kuzomele ahlale ekhaya ngoba izinsuku zokubonana nosonhlala­kahle ezibhaliwe ziningi kakhulu, zizomphaza­misa ezifundwen­i zakhe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi akekho uthisha onelungelo lokuxosha umfundi ngaphandle kwenhloko yomnyango wezemfundo.

“Siyakugxek­a kakhulu lokho ngoba akekho uthisha onalelo lungelo. Sizoxhuman­a nabahloli uma sesithole umbiko bese siyangenel­ela,” kusho uMnu Mthethwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa