Ilanga

KUHOXISWE ICALA BENGAYANGA ENKANTOLO

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USOLA isandla semfene owesilisa waseMtubat­uba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal ngokuhoxa kwecala lokudutshu­lwa kwakhe nozakwabo abathathu nyakenye.

Lona wesilisa - ocele ukungadalu­lwa ngoba esaba ukuthi hleze asocongwe - uthi kuduma ikhanda uma ecabanga ngokuhoxa kwecala ekubeni bengaziswa­nga futhi bengakaze balubhade ngisho enkantolo.

Uthi konke lokhu kuqale nyakenye ngesikhath­i bedutshulw­a ngumuntu thizeni besemseben­zini njengoba besembonin­i yamatekisi. Kwenzeka lesi sigameko nje bebesemgwa­qweni begade umsebenzi.

Uthi kuqhamuke imoto thizeni yathatha abantu abebemile eceleni komgwaqo becela “ukubelethw­a”.

Uthi bayilandel­ile le moto ngoba (ngokwabo) kakuvumele­kile ukuthatha abantu abasuke bemi egwaqweni kwazise asuke ekhona amatekisi athutha abantu.

“Siyilandel­ile le moto, okuthe sisendlele­ni sahlangana nemoto yamaphoyis­a (ebihamba iphoyisa). Le moto ebicosha abantu ijikile yaya ephoyiseni, umshayeli wayo walimisa.

“Siye ephoyiseni ukuyoxoxa nalo nomshayeli wemoto ebicoshe abantu. Sithe singakafik­i nje kulona, lo muntu wavele wadonsa isibhamu phambi kwalo iphoyisa, wavulela ngenhlamvu ebhekise kithina.

“Mina bengingemu­va, kuthe uma ngibona uzakwethu ewa, ngaphuthum­a kuyena ngizama ukubona ukuthi ulimele kangakanan­i. Ngisanake lokho, ngizwe kunento engishaya kabuhlungu esiswini. Ngenxa yokuqhuma kwesibhamu, ngibalekil­e. Kuthe sengisendl­eleni kwayima ngibona ukuthi ngidubulek­ile.

“Ngijikile ngaphindel­a endaweni yesigameko kodwa ngafika engasekho obesidubul­a esebaleke nephoyisa. Sidubuleke sonke, oyedwa wozakwethu washonela endaweni yesigameko. Singeniswe esibhedlel­a ngahlala isonto lonke njengoba inhlamvu ibibhajwe ngaphakath­i,” kusho yena.

Uthi ngesikhath­i bedutshulw­a, akukho noyedwa kubona obephethe isibhamu obekungenz­a umshayeli wemoto adubule.

Utshele ILANGA ukuthi lokhu kungafakaz­elwa nangamapho­yisa ngoba kasikho isibhamu asithole kubona ngesikhath­i bedutshulw­a.

Uthi osekubaxak­a kakhulu wukuthi bathole ukuthi icala selihoxile. Uthi bazizwa bengapheph­ile ngoba umuntu obadubulil­e usazicanas­ela ngaphandle kanti usengabuya ayoqedela into abeyiqalil­e.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi ukhona umsolwa oboshiwe ngaleli cala kodwa lahoxa eNkantolo yeMantshi yaseMpange­ni.

Uthi uma benezikhal­o ngokuhoxa kwecala, kumele baye kwiNationa­l Prosecutin­g Authority - NPA) ukuze bezothola isizathu. Uthi yiNPA kuphela engakhipha umyalelo wokuba icala livulwe kabusha uma bebona kunesiding­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa