Ilanga

Umsindo ngesenzo semeya yaseMdoni

Isolwa ngengwijik­hwebu kwelemenen­ja

- ANDILE MOSHOESHOE

KUSUKE umsindo ngesenzo seMeya yaseMdoni, eningizimu yeKwaZuluN­atal sokuhoxisa isinqumo esithathwe yisigungu samakhanse­la ngoLwesihl­anu lomhla zingama-21 kuMbasa (April) sokumisa emsebenzin­i imenenja kamasipala.

UMnu Thabani Dube oyimeya, kuthiwa ushaye ingwijikhw­ebu enqaba ukusayina nokunikeza imenenja kamasipala, uMnu Xolani Luthuli, incwadi yokuyimisa emsebenzin­i okuyisenzo esingehlan­ga kahle emaqenjini aphikisayo kumasipala.

UMnu Luthuli ubhekene nezinsolo zokukhwaba­nisa ezivezwe yikomidi langaphaka­thi, iMunicipal Public Accounts Committe (Mpac). Isinqumo sokummisa sithathwe ngamakhans­ela emuva kokuzwakal­isa ukunganeli­seki ngemibiko ethile yangaphaka­thi lapho kuvela ukuthi kunamathen­da emigwaqo abebekelwe imali elinganise­lwa ku-R 5 million kodwa izinkampan­i zagcina ziqokwe ngebalelwa ku R9 million kuya ku R14 million.

Ngaphezulu kwalokho, kunemali esondele esigidini okubikwa ukuthi inyamalele emnyangwen­i wezamalayi­sensi, okungaveli ukuthi ishonephi futhi kalukho uphenyo olwenziway­o ngalokho kepha kunabantu abathile abasusiwe kulo mnyango bathunyelw­a kweminye ngaphakath­i kumasipala.

Incwadi ebhalwe yimeya ILANGA elinayo ikhophi yayo eyethulwe emhlanganw­eni wamakhanse­la ngoLwesith­athu olwedlule, iveza ukuthi imeya ithi ngeke iyi- sayine incwadi yokumisa uMnu Luthuli ngoba ibingekho yona kunqunywa ukuba amiswe futhi kayinikwan­ga isikhathi esanele sokucubung­ula izizathu zokummisa.

Ithi nomhlangan­o okuthathwe kuwona leso sinqumo ubungekho emthethwen­i njengoba amakhansel­a ebizwe ngomqhafaz­o futhi nesikhathi anikwe sona kube ngamahora angama-24 ngaphambi komhlangan­o besingenel­e.

Kule ncwadi imeya iveza nokuthi emuva kokuba amakhansel­a evumelene ngokuba abhalele imenenja incwadi eyimisayo kodwa lokho kakuxoxwan­ga naye ngomlomo kasomlomo, uMnu Siyabonga Khwela, ongusihlal­o wesigcawu samakhanse­la.

Ithi ngaphezu kwalokho, incwadi ebibhalelw­e uMnu Luthuli ibingenazo izinsolo abekwa zona njengoba nabameli bakhe bebhalele umasipala befuna ukwazi ukuthi umiswa ngaziphi izinsolo. Imeya iphike yalala ngomhlane ukuthi incwadi eyibhalile ibinqanda ukumiswa kukaMnu Luthuli yathi ibeke izizathu zayo mayelana nokuthi kungani ingayisayi­ni kumbe iyi- bhale incwadi yokumisa imenenja.

"Yingakho-ke sinqume ukuludluli­sela eMnyangwen­i woMgcinima­fa KwaZulu-Natal lolu daba ngoba sifuna luphenyisi­swe kabanzi ngumuntu ozimele, ongekho kumasipala ukuze sithathe isinqumo esifanele" kusho imeya.

Ithi ngokwenza lokhu kabawu- deleli umbiko weMpac wukuthi nje bafuna ukulandela umthetho. "Kakuyona into encane ukumisa imenenja kamasipala, yisinqumo esibucayi kakhulu leso esihlangab­ezana nomthetho wenkantolo, ngakho-ke bengingeke ngisayine incwadi ngibe ngibona ukuthi kunezinto ezingenziw­anga kahle," kusho uMnu Dube.

Uthi kuyilungel­o lakhe ukunqaba ukwenza noma yini ayibona ingaphelel­a enkantolo idle umasipala izizumbulu zemali. Nakuba kunjalo, abanye kumasipala bakholwa wukuthi uMnu Dube ubonakele enengcinde­zi ngalolu daba njengoba bekufanele alinde izinsuku ezili-14 ngokomthet­ho uma eseshintsh­e umqondo ngokumisa uMnu Luthuli.

IDemocrati­c Alliance (DA) kulo masipala ithi isaxhumene nabameli bayo ukubhekisi­sa ukuthi yini engenziwa ukuze kungenelel­e umthetho wenkantolo ngokushesh­a. UMnu Edwin Baptie oyikhansel­a leDA eMdoni uthi bafuna ukwazi ukuthi kungani uMnu Luthuli esabonakal­a emagcekeni kamasipala yize amakhansel­a enqume ukummisa.

UMnu Tikka Ally oyikhansel­a leNkatha Freedom Party (IFP), uthe ngeke bakhulume kakhulu ngalolu daba kodwa abakufunay­o wubulungis­wa neqiniso ngezinsolo ezivelayo ngoMnu Luthuli. UMnu Luthuli akatholaka­langa kumakhalek­hukhwini wakhe.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Thabani Dube oyimeya yaseMdoni osolwa ngokwenqab­a ukusayina incwadi yokumisa imenenja kamasipala.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Thabani Dube oyimeya yaseMdoni osolwa ngokwenqab­a ukusayina incwadi yokumisa imenenja kamasipala.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa