Ilanga

UTITINYWE WAFA OHLAHLELE UMNGANI

- PHUMLANI GAMA

UYINYATHEL­E emsileni yagadla owesilisa waKwaMpuku­nyoni, eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal ohlasele umngani wakhe wamhlahlel­a ngocelemba emuva kwalokho watitinywa ngamalunga ophakathi waze waya kwagoqanya­wo ngoMsombul­uko.

UMnu Sphamandla Mgenge kuthiwa uhlasele uMnu Sabelo Shandu waseNgqoph­eni khona eMtubatuba kanti akabuzanga elangeni. Leli phephandab­a lithole ukuthi umufi ube nengxabano noMnu Shandu ongumngani wakhe, baphetha ngokulwa okuthe uma ebona ukuthi uyehluleka ngenqindi washona kubo eyolanda ucelemba.

UMnu Shandu usizwe wukusho ngengila ngesikhath­i ehlaselwa ngumufi kwavele kwaphuma omakhelwan­e abangabuza­nga mkhuhlane, bamkhwelel­a ngenduku nangemvubu (umufi) waze washaya ngesudi yesele, waquleka. ILANGA lithole ukuthi kukhona nabathile abesebetho­le into yokudlala ngetotoloz­i kamufi ngesikhath­i eselele phansi kodwa engakashon­i. Kuze kube yimanje akekho osazimisel­e ngokuphume­la obala ukuthi ubekhona kutalajwa umufi.

“Inkinga enkulu kakhulu kube wumbango wezintombi nokho-ke engingawaz­i ukuthi usuke kanjani. Besihleli eduze komgwaqo ngesikhath­i behlangana beba nengxoxo emfishane, emuva kwalokho kuqhume iqupha.

Kuqale yena umufi ukugadla, kuthe uma ebona ukuthi uyehluleka wagijimisa okwe-nyamazane elibangise kubo kanti uyolanda ucelemba,’’ kusho ilunga lomphakath­i elicele ukuba kugo-dlwe igama lalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile lesi sigameko. Uthe kuvulwe icala lokushona komuntu eliphenywa esiteshini samaphoyis­a aKwaMsane, eMtubatuba. Unxuse umphakathi ukuba ubekezele ungazibamb­eli umthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa