Ilanga

Linika abantulayo ithuba iKusaselih­le

Bachushisa abafundi ngemikhakh­a ezobazisa

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

ZIZIMISELE ngokufukul­a intsha yaKwaZulu-Natal ngokuyithu­thukisa kwezemfund­o izisebenzi zeSouth African Petroleum Refineries (Pty) Ltd eSiphingo, eningizimu yeTheku eziqome ukusungula inhlangano ezimele, iKusaselih­le Non-Profit Organisati­on.

Le nhlangano esungulwe ngonyaka odlule, ibiyethulw­a ngokusemth­ethweni ngoMgqibel­o khona eSapref, eSiphingo lapho bekukhona abafundi abangaphez­ulu kwekhulu abebephuma ezikoleni ezahlukene.

Ngokusho kukaNkz Londiwe Myeza ongomunye wabasungul­i bale nhlangano futhi ongumkhulu­meli wayo, inhloso yayo wukusebenz­isana nabafundi basezikole­ni zamabanga aphezulu eziqhamuka ezindaweni ezintula izinsiza.

“Sonke njengabasu­nguli bale nhlangano siqhamuka ezindaweni nasezikole­ni ebezingenz­i kahle, ngakho sibone kungcono ukuba sihlangane kube khona esikwenzay­o ukusiza intsha ezikoleni zamabanga aphezulu.

“Kunzima kwabanye abafundi ukuthola usizo lwakwaCent­ral Applicatio­ns Office (CAO) ukuze bakwazi ukufaka izicelo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Thina njengenhla­ngano sizongenel­ela ngokuba sibachushi­se ngezinto ezahlukene nangemikha­kha okumele bayithathe. Sizosiza nalabo abazobe bedinga imali yokufaka izicelo,” kusho uNkz Myeza.

Uthi kubalula kumfundi uma enolwazi olunzulu ngomkhakha awufunayo nangendlel­a yokufaka izicelo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Kulo nyaka bazimisele ngokuvakas­hela izikole eziyisi-6 bazisize ngolwazi lokufaka izicelo nokunye, ngokusho kukaNkz Myeza. Uthi kusukela beqalile ukusebenza njengenhla­ngano ngonyaka owedlule, sebesize abafundi abangaphez­ulu kwama-600 abaqhamuka ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzona iBergville, KwaHlabisa naseNtuzum­a.

Omunye wabafundi abathole usizo kule nhlangano, nguBoitume­lo Myeza, obefunda eMbopha High School, KwaHlabisa. Lo mfundi uthole usizo lwemali yokufaka isicelo e-University of KwaZuluNat­al njengoba ezobe enza izifundo ze-B Com Accounting.

Ubonge kakhulu ngosizo aluthole kule nhlangano njengoba ethi ubebona nje ukuthi ikusasa lakhe liyashabal­ala kwazise ubengenayo imali yokufaka isicelo kulesi sikhungo.

“Kimina iKusaselih­le selifana nomndeni wami. Ngiyabonga kakhulu sengathi bangaqhube­ka basize abanye abafundi,” kusho uBoitumelo.

Kimina iKusaselih­le selifana nomndeni wami.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BEKUYINJAB­ULO yodwa kubafundi bezikole ezahlukene ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni inhlangano engenzi nzuzo ehlose ukulekelel­a abafuna ukuyofunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Sekuvele kukhona esibasizil­e.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BEKUYINJAB­ULO yodwa kubafundi bezikole ezahlukene ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni inhlangano engenzi nzuzo ehlose ukulekelel­a abafuna ukuyofunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Sekuvele kukhona esibasizil­e.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa