YEHLUKILE INDLELA IZANGOMA EZIGIDA NGAYO
UMCULO nomgido wezangoma kakufani nokunye okujwayelekile. Kulolu hlobo lomculo kunezindlela ezithile ezihambisana nesiko ezenziwayo.
Izingoma zakhona esikhathini esiningi zikhuluma zigudle amathongo. Sibe nethuba lokuba semgidini wokuphothula kwethwasa lesigodlo saseMlambomunye okuyibangana uma usuka edolobheni laseMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal, esenganyelwe nguDkt Velaphi “VVO” kaLuphuzi Mkhize.
Kulo mgido bekukhona ogobela abebethwasiswa nguDkt Mkhize namanye amathwasa asaqeqeshwa. Okuhlabe umxhwele yinyufomu ehlukanisa ukuthi lawo mathwasa aphuma esigodlweni sikabani.
Bekungathi wumncintiswano wengoma njengoba bekuphuma ingoma kungene enye. Omunye umehluko obonakele ngohlobo lomculo wezangoma, wukuthi uma abanikazi sebewucula, bayahamba ngomqondo kucace ukuthi kawusekho umkhawulo, abagidayo noma ngabe bazimuke kangakanani iphika kalibonwa.
UDkt Mkhize uthi uma sekukuleso sigaba isangoma noma ithwasa lisuke selingelodwa kepha seliphelezelwa ngabakubo abangabonwa. Izingoma zakhona ezinye zazo zithi: "Ngiyakubonga thongo lami," ezinye ziphatha ukuthwasa kwasemanzini.
Kamuva nje abaculi bakamasikandi sebekujwayele ukuthatha isigqi salo mculo basifake izinsimbi bacule ngendlela abayithandayo baze bagidise okwazo okusaxaka ukuthi ngabe amadlozi ayayixhasa yini indaba yokuthakwa kwezinsimbi emculweni wawo.
Selokhu kwathi nhlo, kusha isigubhu esishaywa ngendlela ya- khona. Ukugida kwezangoma namathwasa kuba wukukhwishiza izinyawo ziphambane eduze, kakugidwa budlabha. Kuthi kusagidwa kuculwa kunjalo, ubone ngethwasa noma isangoma sesiwa sinhlinhliza, sikhulume esikubonayo basinanele abanye bezwe nencazelo yalokho okusuke kushiwo.
Kuyacaca ukuthi umculo wezangoma kakusiwona okanoma ngubani, kakusiwo owokwenza imali kwabavalekile, uhambisana nesiko lesintu elimele ukuhlonish- wa. Lokhu kufakazelwa yindlela amathwasa nezangoma abaziphatha ngayo.
Ngeke ufice ithaswa lidla limile. Empeleni umuntu osuke esengenwe yidlozi usuke esehlukile kwabanye ngoba kusuke sekumele isikhathi esiningi alalele abadala, angavele azenzele nje.
Izangoma eziningi zangempela - hhayi imiphuphe nabahunguli - kaziphumi emakhaya zingabikanga, ucansi kakubi yinto yemihla ngemihla, kwesinye isikhathi kuba nokudla okungasafanele umuntu akudle.
ukugida kwezangoma namathwasa kuba wukukhwishiza izinyawo...
Knowledge.Simelane@ilanganews. co.za