Ilanga

YEHLUKILE INDLELA IZANGOMA EZIGIDA NGAYO

- KNOWLEDGE SIMELANE

UMCULO nomgido wezangoma kakufani nokunye okujwayele­kile. Kulolu hlobo lomculo kunezindle­la ezithile ezihambisa­na nesiko ezenziwayo.

Izingoma zakhona esikhathin­i esiningi zikhuluma zigudle amathongo. Sibe nethuba lokuba semgidini wokuphothu­la kwethwasa lesigodlo saseMlambo­munye okuyibanga­na uma usuka edolobheni laseMgungu­ndlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal, esenganyel­we nguDkt Velaphi “VVO” kaLuphuzi Mkhize.

Kulo mgido bekukhona ogobela abebethwas­iswa nguDkt Mkhize namanye amathwasa asaqeqeshw­a. Okuhlabe umxhwele yinyufomu ehlukanisa ukuthi lawo mathwasa aphuma esigodlwen­i sikabani.

Bekungathi wumncintis­wano wengoma njengoba bekuphuma ingoma kungene enye. Omunye umehluko obonakele ngohlobo lomculo wezangoma, wukuthi uma abanikazi sebewucula, bayahamba ngomqondo kucace ukuthi kawusekho umkhawulo, abagidayo noma ngabe bazimuke kangakanan­i iphika kalibonwa.

UDkt Mkhize uthi uma sekukuleso sigaba isangoma noma ithwasa lisuke selingelod­wa kepha seliphelez­elwa ngabakubo abangabonw­a. Izingoma zakhona ezinye zazo zithi: "Ngiyakubon­ga thongo lami," ezinye ziphatha ukuthwasa kwasemanzi­ni.

Kamuva nje abaculi bakamasika­ndi sebekujway­ele ukuthatha isigqi salo mculo basifake izinsimbi bacule ngendlela abayithand­ayo baze bagidise okwazo okusaxaka ukuthi ngabe amadlozi ayayixhasa yini indaba yokuthakwa kwezinsimb­i emculweni wawo.

Selokhu kwathi nhlo, kusha isigubhu esishaywa ngendlela ya- khona. Ukugida kwezangoma namathwasa kuba wukukhwish­iza izinyawo ziphambane eduze, kakugidwa budlabha. Kuthi kusagidwa kuculwa kunjalo, ubone ngethwasa noma isangoma sesiwa sinhlinhli­za, sikhulume esikubonay­o basinanele abanye bezwe nencazelo yalokho okusuke kushiwo.

Kuyacaca ukuthi umculo wezangoma kakusiwona okanoma ngubani, kakusiwo owokwenza imali kwabavalek­ile, uhambisana nesiko lesintu elimele ukuhlonish- wa. Lokhu kufakazelw­a yindlela amathwasa nezangoma abaziphath­a ngayo.

Ngeke ufice ithaswa lidla limile. Empeleni umuntu osuke esengenwe yidlozi usuke esehlukile kwabanye ngoba kusuke sekumele isikhathi esiningi alalele abadala, angavele azenzele nje.

Izangoma eziningi zangempela - hhayi imiphuphe nabahungul­i - kaziphumi emakhaya zingabikan­ga, ucansi kakubi yinto yemihla ngemihla, kwesinye isikhathi kuba nokudla okungasafa­nele umuntu akudle.

ukugida kwezangoma namathwasa kuba wukukhwish­iza izinyawo...

Knowledge.Simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: FLICKR.COM ?? KUNENDLELA yakhona ezigida ngayo izangoma kanti nesigqi sazo sesingenis­ile kubaculi bakamaskan­di.
ISITHOMBE: FLICKR.COM KUNENDLELA yakhona ezigida ngayo izangoma kanti nesigqi sazo sesingenis­ile kubaculi bakamaskan­di.
 ?? ISITHOMBE: SITHUBYELW­E ?? KUBALULEKI­LE ukuzihloni­pha uma uyisangoma ungazihlan­ganisi nezinto ezingcolil­e futhi awuziphath­i noma kanjani ngoba sona ubika kwabadala yonke into.
ISITHOMBE: SITHUBYELW­E KUBALULEKI­LE ukuzihloni­pha uma uyisangoma ungazihlan­ganisi nezinto ezingcolil­e futhi awuziphath­i noma kanjani ngoba sona ubika kwabadala yonke into.
 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? ZIGIDA zize zigoqane izangoma uma sezenza into yazo. Lapha uMakhosi Matobhana (kwesokunxe­le) ubegida nethwasa lakhe emgidini obungoMsom­buluko eMlambomun­ye, eMgungundl­ovu.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ZIGIDA zize zigoqane izangoma uma sezenza into yazo. Lapha uMakhosi Matobhana (kwesokunxe­le) ubegida nethwasa lakhe emgidini obungoMsom­buluko eMlambomun­ye, eMgungundl­ovu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa