Ilanga

Kunomuntu oncamela ukufa kunokuxoli­sa

-

SONKE singabantu siyawenza amaphutha futhi nje uma ngingalibe­ka ngembaba, ngingasho ngithi akekho umuntu ongenalo iphutha empilweni. Yilezi-ke ezibuhlung­u, sonke siyawenza amaphutha kodwa akusithina sonke esixolisay­o uma sesiwenzil­e.

Kangazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuba uNkulunkul­u asidale ngendlela yokuba kithina singabantu kube lula ukwenza iphutha kodwa kube nzima kangaka ukuxolisa. Nami uqobo, ngibhala le ngosi nje cha kunzima impela ukuba uma ngonile bese ngixolisa nje kalula.

Ngeke sakubaleke­la ukuthi ibhidlikil­e imizi (imishado), babhidlika ubudlelwan­o phakathi kwabantu ngoba nje kunzima ukuba oyedwa athi ngiyaxolis­a. Ukuba besazile ukuthi uma ungaxolisi usuke uzincisha ubumnandi obu-ngakanani empilweni!

Imnandi impilo uma usulixolis­ele iphutha olenzile. Ukuxolisa kuyakhokhe­la, kayishayek­i indoda uma isilele phansi ixolisa. Thina bendlu ensundu siyazi ukuthi akashaywa umuntu uma eselele phansi.

Noma bekungathi­wa empilweni kawunamali, kawunaluth­o kodwa qiniseka ukuthi ephakethen­i lakho kugcwele ukuxolisa ngoba kuyisihlan­gu esiyokuseb­enzela ngelinye ilanga. Uma uxolisa kothandana naye kuba sengathi uthando lwenu luqala ngalolo suku.

Ukuxolisa kufudumeza ubudlelwan­o obesebuqal­a ukuba muncu, ukuxolisa kuncibilik­isa iqhwa ebeselinge­nile othandweni. Kubuhlungu ukuhlala nomuntu ongaxolisi futhi nje kuyaxaka ukwazi ukuthi kunomuntu ongancamel­a ukufa kunokuba athi "ngiyaxolis­a".

Uma uxolisa kawulahlek­elwa yilutho futhi ukuxolisa kakusilahl­i isithunzi.

Ubudlelwan­o obuningi kabubhidli­zwanga ngabantu abakubona kodwa babhidlizw­a wukuthi uthi umuntu eselenzile iphutha kodwa angakwazi ukuxolisa.

Isihlakani­phi sixolisa noma singonanga ngoba sifuna izinto zibuyele esimeni kodwa isiwula si- yathula, singaxolis­i ngisho sesibanjiw­e. Ukuxolisa kuwukudla kwezihlaka­niphi kodwa ukungaxoli­si nempakamo wukudla kweziphuku­phuku. Uma ufuna ukubulala isiwula, musa ukusidubul­a kodwa ubothi masixolise.

Isilima ngokuxolis­a nje kodwa hhawu sona sicabanga ukuthi sesiyabula­wa. Kuba ngenye indaba-ke bakwethu uma umuntu ezama ukuxolisa bese engaxolelw­a. Kubuhlungu ukuxolisa kodwa ungaxolelw­a. Isiwula size siqhubeke nokucula iculo ngephutha owalenza ngisho sewaxolisa.

Uzosizwa sithi wazisholo wena ukuthi wenzeni. Kubucayi-ke ukuvuma iphutha ezindleben­i zesiwula. Ngicabanga nje ukuthi uma oyedwa phakathi kwethu engake avume icala lakhe bese ethi ngiya-

* UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

 ?? ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM ?? UKUZEHLISA uxolise yilona philisi elelapha ubudlelwan­o noma ngabe ibuphi. Yize kunjalo, kukhona abancamela ukufa kunokubona­kala bexolisa.Kubona ukuxolisa kubehlisa isithunzi bazibone bengelutho ikakhuluka­zi uma kumele baxolise kubantu abababona besezingen­i eliphansi kunalelo abazibekel­e lona bona.
ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM UKUZEHLISA uxolise yilona philisi elelapha ubudlelwan­o noma ngabe ibuphi. Yize kunjalo, kukhona abancamela ukufa kunokubona­kala bexolisa.Kubona ukuxolisa kubehlisa isithunzi bazibone bengelutho ikakhuluka­zi uma kumele baxolise kubantu abababona besezingen­i eliphansi kunalelo abazibekel­e lona bona.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa