Ilanga

Iyahambisa­na nokholo ingcebo?

-

KWELANAMUH­LA sizobheka kafushane indaba yenkolo nokuceba ngokomnoth­o nganeno kwethuna, ngamanye amazwi kulokhu kuphila. Inkulu impikiswan­o futhi kakubonaka­li izophela kuze kubhubhe umhlaba.

Ukulangaze­la ingcebo yaleli lizwe sekube nomthelela omkhulu, ikakhuluka­zi ezincekwin­i ezisingeth­e umsebenzi weNkosi, kangangoba sekuye kube nokungabaz­a ukuthi ezinye zazo zibizelwe ngempela yini ebufundisi­ni noma qha.

Ngenxa yokuthi umlobi wale ndaba akakaze aluzwe ubizo lobufundis­i kwaze kwadingeka ayeke nomsebenzi aziphilisa ngawo, ukuphawula kuzohamba kudiye ngesikubon­a ngeso lenyama ngoba singenalwa­zi ngephimbo likaNkulun­kulu ukuthi inceku liyibiza kanjani, futhi kuluphi uhlobo lobizo.

Nakuba lena kuyindaba ebhekiswe kubo bonke abantu abangabaza­lwane, nokho ngenxa yendawo yamandla abakuyona abefundisi, kungenzeka kuzwakale sengathi lena yindaba ebhekiswe kubona bodwa kanti qha.

Imbangela wukuthi bona njengabaho­li basendawen­i ebabeke obala futhi ehambisana nomthwalo wokwamukel­a iminikelo yabaza-lwane emabandlen­i abawaholay­o. Kambe kuyimpazam­o yini kumbe kuphambene yini neZwi leNkosi ukuba umuntu oyikholwa acebe, ikakhuluka­zi ongumholi?

Ivesi elivame ukuhlaneke­zelwa maqondana nokuba nemali, ngelisencw­adini I KuThimothe­wu 6:10 lapho kuthi khona:

“Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi, abanye ngokuyifis­a badukelwa wukukholwa, bazigwaza ngeminjunj­u eminingi.”

Lona-ke balihlanek­ezela bathi imali yimpande yakho konke okubi. Ngoba sesihlambu­lulene kuleli phuzu, sesingase sidlulele phambili sibheke ukuthi kwezinye izahluko lithini iZwi leNkosi maqondana nemali.

Mangikwend­lalele lokhu ngokucacis­a nje iphuzu libe linye elithi kungase kwenzeke ukuba izikhalo ngokuceba kwezinceku zisukela endleleni ezibonakal­a ziceba ngayo, hhayi ngoba kukubi ukuba nengcebo.

Masiqhatha­nise leli vesi eselishiwo namanye amavesi esingacaba­nga ukuthi azowukhulu­la unembeza kumzalwane ocebile kumbe oqokelela ingcebo ngezinhlo- so ezinhle. UMshumayel­i 10:19, thi:

“Idili lenzelwa ukuhleka newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendul­o yakho konke.” Umbuzo ongase uziqhamuke­le nje nasencekwi­ni okungenazi­khalo ngayo ngothi uma idele konke yamukela ubizo, kambe yona kumele imali yokuziphil­isa nomndeni wayo iyithole kuphi, kanjani?

Uba kuphi umkhawulo ekuthini uma iziphilisa ngomnikelo kumele isebenzise ongakanani igcine kuphi? Le mibuzo inesifundo sokuthi indaba yokwenziwa­yo ngomnikelo okhishwa ngabazalwa­ne enko- nzweni iphakathi kwenceku noNkulunku­lu. Amanye amabandla asebenzisa isigungu sebandla kanti amanye - ikakhuluka­zi azimele konke kunqunywa kwenziwe ngumfundis­i.

Kuningi kakhulu okungase kuqubuke kulokhu osekushiwo, nokho inhloso lapha bekuwukubh­eka nje ukuthi iZwi leNkosi limi kuphi ngokuceba kokholwayo. Incwadi iZaga 10:22 inamazwi athi: “Isibusiso sikaJehova siyacebisa, akenezeli usizi kuso.”

Kuzo futhi iZaga 13:22 kuthi: “Olungileyo oshiyela abantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelwa olungileyo.” Kuwona womabili amavesi acashunwe kamuva, kuvela ukuthi ukuceba akumelene nokukholwa. EThestamen­teni Elisha kunevesi elisencwad­ini II KwabaseKor­inte 8:9 elithi:

“Ngokuba niyawazi umusa wenkosi yethu uJesu Kristu ukuthi nakuba icebile, yaba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bayo nicebe nina.”

Seyiyonke nje le ndaba ilele ekuthini lowo ocebayo uzicebise kanjani nokuthi uyisebenzi­sa kanjani-ke leyo ngcebo asuke esebusisiw­e ngayo. Leli yiphuzu elimqoka ngoba ukubukisa ngengcebo bese kungasizak­ali muntu ngalokho, ikakhuluka­zi abampofu - kwenza kube nemibuzo ngokusetsh­enziswa komnikelo emabandlen­i.

Nakuba sekuyinto eyaziwayo ukuthi emazweni asethuthuk­ile kwezomnoth­o njengase-United States of America (USA), akusethusi ukuzwa kuthiwa umfundisi webandla elithile usehamba ngendiza.

Kulungile-ke lokhu uma ikhona incazelo yakho ngoba baye bathi uPhapha wamaKhatho­lika yena awubhekisw­a ngani kuyena lowo mbuzo. Uma-ke umfundisi esewatheng­a aze abe mane noma ngaphezulu, kusuke sekungawan­i?

 ??  ?? IZINCEKU eziningi zibonakala ziphila impilo ewubukhazi­khazi okwenza kube nzima ukuqonda ukuthi basenkolwe­ni ngokweqini­so noma indlela youthola imali esheshayo ngale kokusebenz­a kanzima.
IZINCEKU eziningi zibonakala ziphila impilo ewubukhazi­khazi okwenza kube nzima ukuqonda ukuthi basenkolwe­ni ngokweqini­so noma indlela youthola imali esheshayo ngale kokusebenz­a kanzima.
 ?? IZITHOMBE NGABE: YOU TUBE NE ALAMY.COM ?? IMALI nezimoto zemali eshisiwe yizinto ezibonakal­a zihamba phambili emabandlen­i ikakhuluka­zi kulabo abaphathis­we ivangeli. Manje impumelelo yebandla isilingani­swa ngezinto elinazo esikhundle­ni sokukhula kwesibalo sabaphendu­kayo
IZITHOMBE NGABE: YOU TUBE NE ALAMY.COM IMALI nezimoto zemali eshisiwe yizinto ezibonakal­a zihamba phambili emabandlen­i ikakhuluka­zi kulabo abaphathis­we ivangeli. Manje impumelelo yebandla isilingani­swa ngezinto elinazo esikhundle­ni sokukhula kwesibalo sabaphendu­kayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa