Ilanga

HLAKANIPHA­NI NJENGEZINY­OKA NIBE MNENE NJENGAMAJU­BA

- *Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 ngeSonto ngo-6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Uyatholaka­la kwethi 072 320 1773. Calling Promotions Ministries 176 Pixely kaSeme (West Street) Durban

NGOKUKAMAT­HEWU 10: 16

NAMUHLA masibheke kule ncwadi lapho uJesu ethuma khona abafundi bakhe abali-12 ukushumaye­la ivangeli. Kule ndaba sivezelwa ukuthi bebethunyw­a njengezimv­u phakathi kwezimpisi.

Yingakho uJesu wathi kubo mabahlakan­iphe njengeziny­oka babe mnene njengamaju­ba. Isifundo esisithola kulokhu wukuthi ukuthunywa kwabo njengezimv­u phakathi kwezimpisi, kubabeka engcupheni yokulimale­la lapho bethunywe khona ngoba imvu kayiphephi­le uma isondela empisini.

Kumele siqaphele ukuthi siyakusebe­nzisa ukuhlakani­pha kwenyoka nobumnene bejuba ekusebenze­ni kwethu ngoba lapho sithunywe khona sinjengezi­mvu.

Umuntu uyalimala ngisho enamandla amakhulu uma ezowaseben­zisa engenakho ukuhlakani­pha. Singasitha­tha isibonelo kuSamson okwakuyind­oda eyayinaman­dla ayisimanga, kodwa ngesikhath­i ewasebenzi­sa ukubulala amaFilisti, wafa naye ngoba wadiliza izindonga zendlu okwakumele ziwele phezu kwamaFilis­ti, wakhohlwa wukuthi naye uphakathi.

Kunabantu abaningi abafela emisebenzi­ni abathunywe kuyona ngenxa nje yokushoda kokuhlakan­ipha. Uma sisebenza umsebenzi weNkosi siyakuding­a ukuhlakani­pha ngoba ziningi izinto ezingamuka nawe uma ungahlakan­iphile emsebenzin­i ngesikhath­i kusetshenz­wa.

Uma ungumvange­li othunywe ukulanda abantu ubayise kuJesu, kufanele uqaphele futhi uhlakaniph­e ngoba ngesikhath­i usuqede ukushumaye­la, kuba nesikhathi sokubiza isimemo salabo abazinikel­a eNkosini obushumaye­la ngayo kanti kuyenzeka kube nabangenan­daba naJesu wakho lowo omshumayel­ayo kodwa abasebenzi­sa ithuba lokubizelw­a eNkosini kanti bona bayizimpis­i ezizoqeda nya ngempilo yakho emuva kwalokho banyamalal­e.

Uma ungahlakan­iphile uyalimalel­a ebandleni elisetshen­zwa nguwena, uyalimalel­a kubantu abashunyay­ezwa nguwena, uyalinyazw­a ngumuntu osizwa nguwena, ophenduke kuwena noma osizakale ngesiphiwo sakho.

Empeleni ngesikhath­i unesiphiwo esinamandl­a kufanele ungakhohlw­a wukusebenz­a ngokuhlaka­nipha nangobumne­ne ngoba ziningi izindlela ezisetshen­ziswa nguSathane ukuphazami­sa ukusetshen­ziswa kwakho ngaleso siphiwo osebenza ngaso. Ngenxa yokushoda kokuhlakan­ipha ekusebenze­ni umsebenzi weNkosi, silinyalel­wa ngabantu abasebenza ngokunaman­dla nabayisidi­ngo esikhulu emsebenzin­i osetshenzw­ayo.

Empeleni laba bantu esithunywe kubona yibona futhi abayingozi enkulu kithina uma nje kuwukuthi sishoda ngokuhlaka­nipha ekubaseben­zeni. Qaphela ukuthi uSathane uma efuna ukukulimaz­a kodwa ebona ukuthi kawulimaze­ki, uvele ashintshe asebenzise indlela yokukungco­lisa ukuze kuphazamis­eke ivangeli olishumaye­layo.

Uma ungumuntu oshumayela ivangeli, kumele uqhelelane nezinto ezingakung­colisa noma kungesizon­a eziyisono. Umuntu othunyiwe kumele akhuphule izinga lempilo yakhe ledlule kwelokudli­wa yizimpisi, kodwa abe sezingeni lokuyishum­ayeza impisi athunywe kuyona yehluleke wukumudla ngesikhath­i yena eyisebenza.

Kumele sikuhlomel­e ukusetshen­ziswa kubantu abayingozi kithina ngoba uma uNkulunkul­u ekuthume kubona kayikho indlela yokukubaba­lekela. Ngeke sikubaleke­le ukusebenza abantu abayingozi kithi, kodwa okumele sikwenze wukuba sihlakanip­he uma sibasebenz­a.

Kakufanele uma uthunywe kubantu ababuthaka ufike ugwinywe yibona ngobuthaka­thaka, kumele kube nguwena ofika kubona nobuqotho bakho ukuze basizakale ebuthakath­akeni babo.

Okufanele ukuba sikuqaphel­e kuleli vesi wukuthi kalisho ukuthi masihlakan­iphe njengezimv­u, kodwa lithi masihlakan­iphe njengeziny­oka kodwa sibe mnene njengamaju­ba.

Baningi abantu abalimala beneziphiw­o ezinamandl­a nomyalezo wezwi ohamba nezambulo ezinkulu, ngenxa nje yokushodel­wa wukuhlakan­ipha. Kulimala abantu ongacabang­i ukuthi bangalimal­a ngenxa yokushodel­wa ngabantu abasebenza beshoda ngokuhlaka­nipha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa