HLAKANIPHANI NJENGEZINYOKA NIBE MNENE NJENGAMAJUBA
NGOKUKAMATHEWU 10: 16
NAMUHLA masibheke kule ncwadi lapho uJesu ethuma khona abafundi bakhe abali-12 ukushumayela ivangeli. Kule ndaba sivezelwa ukuthi bebethunywa njengezimvu phakathi kwezimpisi.
Yingakho uJesu wathi kubo mabahlakaniphe njengezinyoka babe mnene njengamajuba. Isifundo esisithola kulokhu wukuthi ukuthunywa kwabo njengezimvu phakathi kwezimpisi, kubabeka engcupheni yokulimalela lapho bethunywe khona ngoba imvu kayiphephile uma isondela empisini.
Kumele siqaphele ukuthi siyakusebenzisa ukuhlakanipha kwenyoka nobumnene bejuba ekusebenzeni kwethu ngoba lapho sithunywe khona sinjengezimvu.
Umuntu uyalimala ngisho enamandla amakhulu uma ezowasebenzisa engenakho ukuhlakanipha. Singasithatha isibonelo kuSamson okwakuyindoda eyayinamandla ayisimanga, kodwa ngesikhathi ewasebenzisa ukubulala amaFilisti, wafa naye ngoba wadiliza izindonga zendlu okwakumele ziwele phezu kwamaFilisti, wakhohlwa wukuthi naye uphakathi.
Kunabantu abaningi abafela emisebenzini abathunywe kuyona ngenxa nje yokushoda kokuhlakanipha. Uma sisebenza umsebenzi weNkosi siyakudinga ukuhlakanipha ngoba ziningi izinto ezingamuka nawe uma ungahlakaniphile emsebenzini ngesikhathi kusetshenzwa.
Uma ungumvangeli othunywe ukulanda abantu ubayise kuJesu, kufanele uqaphele futhi uhlakaniphe ngoba ngesikhathi usuqede ukushumayela, kuba nesikhathi sokubiza isimemo salabo abazinikela eNkosini obushumayela ngayo kanti kuyenzeka kube nabangenandaba naJesu wakho lowo omshumayelayo kodwa abasebenzisa ithuba lokubizelwa eNkosini kanti bona bayizimpisi ezizoqeda nya ngempilo yakho emuva kwalokho banyamalale.
Uma ungahlakaniphile uyalimalela ebandleni elisetshenzwa nguwena, uyalimalela kubantu abashunyayezwa nguwena, uyalinyazwa ngumuntu osizwa nguwena, ophenduke kuwena noma osizakale ngesiphiwo sakho.
Empeleni ngesikhathi unesiphiwo esinamandla kufanele ungakhohlwa wukusebenza ngokuhlakanipha nangobumnene ngoba ziningi izindlela ezisetshenziswa nguSathane ukuphazamisa ukusetshenziswa kwakho ngaleso siphiwo osebenza ngaso. Ngenxa yokushoda kokuhlakanipha ekusebenzeni umsebenzi weNkosi, silinyalelwa ngabantu abasebenza ngokunamandla nabayisidingo esikhulu emsebenzini osetshenzwayo.
Empeleni laba bantu esithunywe kubona yibona futhi abayingozi enkulu kithina uma nje kuwukuthi sishoda ngokuhlakanipha ekubasebenzeni. Qaphela ukuthi uSathane uma efuna ukukulimaza kodwa ebona ukuthi kawulimazeki, uvele ashintshe asebenzise indlela yokukungcolisa ukuze kuphazamiseke ivangeli olishumayelayo.
Uma ungumuntu oshumayela ivangeli, kumele uqhelelane nezinto ezingakungcolisa noma kungesizona eziyisono. Umuntu othunyiwe kumele akhuphule izinga lempilo yakhe ledlule kwelokudliwa yizimpisi, kodwa abe sezingeni lokuyishumayeza impisi athunywe kuyona yehluleke wukumudla ngesikhathi yena eyisebenza.
Kumele sikuhlomele ukusetshenziswa kubantu abayingozi kithina ngoba uma uNkulunkulu ekuthume kubona kayikho indlela yokukubabalekela. Ngeke sikubalekele ukusebenza abantu abayingozi kithi, kodwa okumele sikwenze wukuba sihlakaniphe uma sibasebenza.
Kakufanele uma uthunywe kubantu ababuthaka ufike ugwinywe yibona ngobuthakathaka, kumele kube nguwena ofika kubona nobuqotho bakho ukuze basizakale ebuthakathakeni babo.
Okufanele ukuba sikuqaphele kuleli vesi wukuthi kalisho ukuthi masihlakaniphe njengezimvu, kodwa lithi masihlakaniphe njengezinyoka kodwa sibe mnene njengamajuba.
Baningi abantu abalimala beneziphiwo ezinamandla nomyalezo wezwi ohamba nezambulo ezinkulu, ngenxa nje yokushodelwa wukuhlakanipha. Kulimala abantu ongacabangi ukuthi bangalimala ngenxa yokushodelwa ngabantu abasebenza beshoda ngokuhlakanipha.