Ilanga

SENGATHI INGAHHAHHA­NYEZWA KUYO YONKE IMICIMBI I-ANC

-

MHLELI: Itshe limi ngothi Nkombose kababa kwi-African National Congress (ANC). Sekuyisikh­athi ngempela sokuba abaholi bazinuke amakhwapha uma sibheka okwenzeke ngoSuku Lweziseben­zi, okuyihlazo elikhulu.

Umhlonishw­a uThabo Mbeki lapho ekhona uyasho ukuthi mudle muthi wakhe yize naye zamnetha kodwa kwakungcon­o okwakhe. Okwenzeke kuMengamel­i Jacob Zuma eFree State, kuNkz Baleka Mbete benoMnu Sihle Zikalala eThekwini noNkk Jessie Duarte eLimpopo, kusazoqhub­eka nakwabanye kwenzeke. Ingani kwenzekile kuMnu Pravin Gordhan nakuDkt Zweli Mkhize kodwa i-ANC kayizange ikhuze.

UMnu Zizi Kodwa akazange asigxeke leso senzo, pho kungani uma sekwenziwa kuZuma kube nomsindo ongaka? Ngaphambi kokuba i-ANC Youth League (ANCYL) ihhewule uMkhize noGordhan, iqalile yabonana noMengamel­i Zuma ehhotela thizeni engingeke ngilisho kodwa unobhala wayo, uMnu Thanduxolo Sabela uyakwazi lokho. NaseFree State oMnu Ace Magashule bathathe abantu abangezona izisebenzi, abayi-ANC phaqa bagqokiswa izikibha ezibhalwe 100% Zuma, ngeshwa behlulwa wukubhula ulaka nomlilo wezisebenz­i ngoZuma. Okwenzekil­e sengathi kungenzeka kuyona yonke imicimbi ukuze abaholi beyogcina bekubona kufanele ukuba behle manje ezikhundle­ni, sekwanele. Kuhle ngoba vele iCongress of South African Trade Unions (Cosatu) ingamalung­a e-ANC okwenza uzibuze ukuthi kungani bememele abantu uZuma sebeshilo ukuthi kabamfuni ngoba akakulunge­le ukuhola izwe. Ongakaboni ukuthi iqalile impi manje ngeke aphinde abone.

Lolu hlaka olufuna uNkosazana Dlamini-Zuma abe ngumengame­li ngeke luphumelel­e. Lucabanga ukuthi ayinsangu amalunga e-ANC okanye badidwa yila masaka emali namathenda abathengwa ngawo ukuba baphakamis­e uDlaminiZu­ma. Kwenziwa yini kuphakanyi­swe uDlamini-Zuma ebe amagatsha engakampha­kamisi. Ukuba kuya ngami ngabe i-ANCYL iyahlakazw­a ngoba kayinamseb­enzi walutho, ifana nenja engenamazi­nyo. UBonginkos­i Khanyile noDlamini basukuma kwiFees Must Fall kodwa i-ANCYL igcwele amabhanisi emlonyeni, akukhulume­ki. Uyeza unyaka wezi-2019 siyohlanga­na evotini.

Zakhele Msibi ETHEKWINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa