Ilanga

GADANI ABAZALI ABANGAMAHU­ZU

-

MHLELI: Mayelana nelukuluku lokwazi umzali wegazi, kuhle futhi kubi ukuba nelukuluku ngento ongayazi kahle ubunjalo bayo. Kungenza kube uzilandela usizi ube uvele usosizini. Kukhona izingane lapha empilweni eziye zilaxazwe ngabazali ngezizathu ezahlukene, ezinye zazo zizithole sezikhulel­a ezindaweni okungezona ezazo njengakoso­nhlalakahl­e, emizini yabantu nakobelung­u ngenxa yakho belu ukulaxazwa ngabazali bazo ngqo.

Ezinye-ke zishiywa konina nakoyise ngenxa yezingxaba­no zabazali bazo. Kukho konke lokhu umuntu uyaye athi ngiyazi iyothi ingakhula ingifune, iyozizela yona kimi. Ezinye zalezi zingane ziyaye zibe nempumelel­o empilweni kuye ngokuthi lowo mzali oyikhulise ngayedwana ubeqotho kangakanan­i kuyona. Ezinye zazo zoluthwala usizi kuze kube yikho lokho. Eziphumele­le empilweni kuyaye kube buhlungu lapho ithi isimtholil­e uyise noma unina kube wukuthi yena akayingeni eyokukhish­wa ebugqilini bempilo ayiphilayo, uthole ukuthi lo muntu uhlala exhokovane­ni noma endlini kathekwane futhi enjalo nje utshwala sebuyi-mpilo kuyena. Kwazingubo azigqokayo amanzi akwaziwa zawagcina nini.

Uphume wena nelukuluku lokufuna umzali kodwa indumalo osuyithola bese ikuxaka ngale kokwenza. Lowo muntu ongadinge kugezwa, ongafuni ukwehlukan­a nempilo yobuhlwemp­u obungenasi­dingo bangathini bona abangani bami uma bezwa ukuthi ngumzali wami lo? Abanye bayathokoz­a uma bethola oyise nonina bephila impilo efudumele nehloniphe­kile. Kangazi-ke uma uzothi unelukuluk­u lokwazi ngoyihlo bese uthola ukuthi wena uyingane yokudlweng­ulwa, uyihlo akaziwa ngoba wadlwengul­a unyoko ebusuku. Usazomfuna noma usuzozenye­za ngobukhona bakho okanye wena watholwa emgqonyeni wahawukelw­a ukuze uphile, abazali bakho begazi kabaziwa. Kafuphi nje, kuhle kubi ukufunana namahuzu, kwawona lawa athushuka ngoba nakhu usukhulile asowabheki­sisa singabantu ngoba kasazi ayekuphi yonke le minyaka umama ewa evuka nawe.

Petrus “umzukulu kaGogo” Radebe, eMadadeni E-NEWCASTLE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa