GADANI ABAZALI ABANGAMAHUZU
MHLELI: Mayelana nelukuluku lokwazi umzali wegazi, kuhle futhi kubi ukuba nelukuluku ngento ongayazi kahle ubunjalo bayo. Kungenza kube uzilandela usizi ube uvele usosizini. Kukhona izingane lapha empilweni eziye zilaxazwe ngabazali ngezizathu ezahlukene, ezinye zazo zizithole sezikhulela ezindaweni okungezona ezazo njengakosonhlalakahle, emizini yabantu nakobelungu ngenxa yakho belu ukulaxazwa ngabazali bazo ngqo.
Ezinye-ke zishiywa konina nakoyise ngenxa yezingxabano zabazali bazo. Kukho konke lokhu umuntu uyaye athi ngiyazi iyothi ingakhula ingifune, iyozizela yona kimi. Ezinye zalezi zingane ziyaye zibe nempumelelo empilweni kuye ngokuthi lowo mzali oyikhulise ngayedwana ubeqotho kangakanani kuyona. Ezinye zazo zoluthwala usizi kuze kube yikho lokho. Eziphumelele empilweni kuyaye kube buhlungu lapho ithi isimtholile uyise noma unina kube wukuthi yena akayingeni eyokukhishwa ebugqilini bempilo ayiphilayo, uthole ukuthi lo muntu uhlala exhokovaneni noma endlini kathekwane futhi enjalo nje utshwala sebuyi-mpilo kuyena. Kwazingubo azigqokayo amanzi akwaziwa zawagcina nini.
Uphume wena nelukuluku lokufuna umzali kodwa indumalo osuyithola bese ikuxaka ngale kokwenza. Lowo muntu ongadinge kugezwa, ongafuni ukwehlukana nempilo yobuhlwempu obungenasidingo bangathini bona abangani bami uma bezwa ukuthi ngumzali wami lo? Abanye bayathokoza uma bethola oyise nonina bephila impilo efudumele nehloniphekile. Kangazi-ke uma uzothi unelukuluku lokwazi ngoyihlo bese uthola ukuthi wena uyingane yokudlwengulwa, uyihlo akaziwa ngoba wadlwengula unyoko ebusuku. Usazomfuna noma usuzozenyeza ngobukhona bakho okanye wena watholwa emgqonyeni wahawukelwa ukuze uphile, abazali bakho begazi kabaziwa. Kafuphi nje, kuhle kubi ukufunana namahuzu, kwawona lawa athushuka ngoba nakhu usukhulile asowabhekisisa singabantu ngoba kasazi ayekuphi yonke le minyaka umama ewa evuka nawe.
Petrus “umzukulu kaGogo” Radebe, eMadadeni E-NEWCASTLE