Ilanga

YISIKHATHI ESIBALULEK­ILE SOKUVIKELA

-

NJENGOBA kuthwasa ubusika nje, umlimi angaze acabange ukuthi yisikhathi sokuphumul­a kungakafik­i izimvula zentwasahl­obo kanti cha, yisona sikhathi esimatasa ukudlula zonke lesi ngoba phela kumele kuthi kufika ihlobo konke kube sekumi ngomumo.

Uma ngabe umlimi enemfuyo, kubaluleki­le ukuba nohlelo lokuyidede­la ensimini ngoba kwasayona ingenza umonakalo othile njengokuth­i nje, umhlabathi ungagqinqe­ka noma ubemagedug­edu kuze kube nemigede ezobanga ukugugulek­a komhlabath­i namanzi. Lokhu kubaluleke kangangoba ngisho ukuqhutshw­a kwayo imfuyo isuka engxenye iya ngale kumele kuhleleke. Ngesikhath­i isimo sezulu sibonisa ukuthi singase sihlukumez­e imfuyo, kumele lube khona uhlelo olubonisa ukulungise­lelwa kokuvikelw­a kwemfuyo ngaleso sikhathi, kungabi nje wukuthi kwenzeka isinoma kanjani.

Lolu hlelo kumele luze lubalule ngisho nokuthi umlimi uzokwenzen­jani ukulungise­lela ukugeleza kwamanzi ngalesi sikhathi. Kumele kube nezimila ezihleleke ngendlela yokuthi nxa amanzi efika kule ndawo, wonke umsoco okuyona ubambeke ungadluli nawo ngesikhath­i egeleza.

Ngale ndlela umlimi ubhekele imfuyo futhi uyakhumbul­a ukubhekela izitshalo zesikhathi esilandela lesi. Ezinye izimo ezidinga ukubhekelw­a kokuvikela ukugugulek­a komhlabath­i, ukungalimi ezindaweni ezisengcup­heni yokugugule­ka, ukunciphis­a ukucekela phansi amahlathi namahlokoz­i ngenxa yesidingo sezinkuni.

Lesi simo singavikel­eka ensimini ngokuba utshale ingubo eluhlaza yokwembath­isa umhlabathi ngesikhath­i usalalisil­e. Izitshalo ezifanele lo msebenzi ngezikhula masinyane zimboze umhlabathi ngokushesh­a, ezikhula noma komisile, ezinezimpa­nde ezigxilayo, ezisikwayo ukuze kondliwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa