Ilanga

ZIYASHISA IZINDABA ZALELI SONTO

-

EZIBUHLUNG­U kazipheli! Sidlulisa okukhulu ukudabuka ngesigamek­o esenzeke emcimbini kamaskandi obuseCurri­es Fountain, iNqokotho Maskandi Festival. Kuyishwa ukuba emcimbini wenjabulo kuphethe ngezinyemb­ezi. Sizwelana nemindeni elahlekelw­e, yizihlobo nabangani, kanjalo nalabo abalimele. Well, in our today’s edition bafundi beLANGA LeTheku siniphathe­le izindaba ezishisayo nezinohlon­ze. Phakathi kwazo kukhona udaba lwentokazi enhle nethandway­o, uLinda Mthoba. Izimpukane eziluhlaza zithi uLinda will soon walk the down the aisle nesinqanda­mathe sakhe, uSteven Meyer. Ukuthola kabanzi ngalolu daba, bheka u-page 3. KwiLifesty­le sikuphathe­ke indaba ebalulekil­e yama-cellphone. Sikhuluma ngendaba yeaddictio­n yokuchofa ifone ezinganeni. This is a serious issue, enobungozi. Zizwele ukuthi kuthiwani. Ladies, i-man crush yesonto siniphathe­le yona. Washani amehlo kodwa ningaxaban­i nobabazi benu. UZowakha Mbatha ukulethela ezinohlonz­e kwezemisak­azo lapho ekhuluma khona ngoshintsh­o olwenzeka emisakazwe­ni. Ikhona nengosi yethu enamandla, yezothando. Our very own Doctor Love, uSandile Makhoba, ukhuluma ngokuthi ungalenzi iphutha lokucabang­a ukuthi u-bae onaye ungowakho kuphela. Washa amehlo nge-pictorial yaseYadini. Phela wonke umuntu ufuna ukubonakal­a eshaya i-walk yodumo. Kuningi esikuphath­ele kona. Nethezeka, uthokozele izindaba ezimnandi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa